Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 38

Isizathu Sokuba Sithande UJesu

Isizathu Sokuba Sithande UJesu

AKE uzibone usesikebheni esicwilayo. Ubungathanda yini kube khona umuntu okusizayo?— Ubungathini uma umuntu edela ukuphila kwakhe ukuze akusize?— Yilokho kanye uJesu Kristu akwenza. Njengoba sifundile eSahlukweni 37, wanikela ngokuphila kwakhe kwaba isihlengo ukuze sisindiswe.

Kodwa-ke uJesu akasisindisi ngoba siminza. Yiziphi izinto asisindisa kuzo? Uyakhumbula?— Usisindisa esonweni nasekufeni esakuthola ku-Adamu. Nakuba abanye abantu benze izinto ezimbi kakhulu, uJesu wabafela nabo. Ungavuma yini wena ukufa ngoba uzama ukusindisa abantu abanjalo?—

IBhayibheli lithi: “Akekho umuntu ongafela umuntu olungileyo; mhlawumbe othile angalokotha afele umuntu omuhle.” Kodwa iBhayibheli liyachaza ukuthi uJesu “wafela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu.” Labo bantu bahlanganisa nabantu abangamkhonzi nakumkhonza uNkulunkulu! IBhayibheli liyaqhubeka lithi: “Ngesikhathi siseyizoni [sisenza izinto ezimbi], uKristu wasifela.”—Roma 5:6-8.

Ukhona yini umphostoli omaziyo owayeke wenza izinto ezimbi kakhulu?— Lowo mphostoli wabhala: “UKristu Jesu weza ezweni ezosindisa izoni. Kulezi ngingesiphambili.” Umphostoli owasho lokho nguPawulu. Wathi ‘wayekade eyisiwula’ futhi eqhubeka ephila “ebubini.”—1 Thimothewu 1:15; Thithu 3:3.

Cabanga nje ukuthi uNkulunkulu wayenothando olukhulu kangakanani njengoba athumela iNdodana yakhe ukuba ifele abantu abanjalo! Ake uthathe iBhayibheli lakho sifunde ngalokhu kuJohane isahluko 3, ivesi 16. Lithi: “UNkulunkulu walithanda izwe [abantu abahlala emhlabeni] kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”

Yiziphi izinto ezibuhlungu ezenziwa kuJesu ngesikhathi enikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu?

UJesu wabonisa ukuthi usithanda ngendlela uBaba wakhe asithanda ngayo. Khumbula ukuthi eSahlukweni 30 sale ncwadi safunda ngezinto ezibuhlungu ezenziwa kuJesu ngobusuku aboshwa ngabo. Wayiswa emzini womPristi Ophakeme uKayafase, lapho icala lakhe lathethwa khona. Kwalandwa ofakazi bamanga abaqambela uJesu amanga, futhi abantu bamshaya ngezibhakela. Yileso sikhathi uPetru aphika ngaso ukuthi uyamazi uJesu. Ake sithi nathi sikhona lapho futhi siyakubona konke okwenzekayo.

Sekusekuseni. UJesu akazange alale ubusuku bonke. Ngenxa yokuthi icala alithethwanga ngendlela efanele ebusuku, abapristi bayashesha babize iSanhedrini, noma inkantolo ephakeme yamaJuda, baphinde balithethe leli cala. Namanje baphinde babeke uJesu amacala okuthi udelele uNkulunkulu.

Ngemva kwalokho abapristi bathi uJesu akaboshwe izandla, bese bemqhuba bemyisa kuPilatu, umbusi ongumRoma. Bathi kuPilatu: ‘UJesu ulwa nohulumeni. Kufanele abulawe.’ Kodwa uPilatu uyabona ukuthi laba bapristi baqamba amanga. Ngakho uPilatu uthi kubo: ‘Akukho okubi akwenzile lo muntu. Ngizomdedela.’ Kodwa abapristi nabanye abantu bayamemeza bathi: ‘Ungamdedeli! Mbulale!’

Ngemva kwesikhathi, uPilatu uyaphinda azame ukutshela abantu ukuthi uzomdedela uJesu. Kodwa abapristi benza abantu bamemeze bathi: ‘Uma umdedela, kusho ukuthi nawe ulwa nohulumeni! Mbulale!’ Abantu babanga umsindo kakhulu. Uyazi ukuthi uPilatu wenzani?—

Uvumelana nabo laba bantu. Okokuqala uthi uJesu akashaywe ngemvubu. Ngemva kwalokho uthi amasosha awamthathe ambulale. La masosha abeka ameva azungeze ikhanda likaJesu abese ehlekisa ngaye ngokuguqa phambi kwakhe. Ngemva kwalokho, anikeza uJesu isigxobo esikhulu athi akasithwale abese ehamba naye amyise ngaphandle kwedolobha endaweni ebizwa ngokuthi iNdawo Yogebhezi. Uma eselapho, abethela izandla nezinyawo zikaJesu esigxotsheni ngezipikili. Abese eyasimisa isigxobo, uJesu alenge kuso. Uphuma igazi. Uzwa ubuhlungu obukhulu.

UJesu akafi ngaso leso sikhathi. Uyaqhubeka elenga esigxotsheni. Abapristi abakhulu badlala ngaye. Nabantu abadlulayo bathi: “Uma uyindodana kaNkulunkulu, yehla kuleso sigxobo sokuhlushwa!” Kodwa uJesu uyazi ukuthi uBaba wakhe umthumeni. Uyazi ukuthi kumelwe anikele ngokuphila kwakhe okuphelele ukuze thina sikwazi ukuthola ukuphila okuphakade. Ekugcineni, cishe ngehora lesithathu ntambama, uJesu umemeza uBaba wakhe abese eyafa.—Mathewu 26:36–27:50; Marku 15:1; Luka 22:39–23:46; Johane 18:1–19:30.

UJesu wayehluke kakhulu ku-Adamu! U-Adamu akazange abonise ukuthi uyamthanda uNkulunkulu. Akazange amlalele uNkulunkulu. Futhi u-Adamu akazange abonise ukuthi nathi uyasithanda. Ngenxa yokuthi wona, sonke sizalwe sinesono. Kodwa uJesu yena wabonisa ukuthi uyamthanda uNkulunkulu nokuthi uyasithanda nathi. Wayemlalela njalo uNkulunkulu. Futhi wanikela ngokuphila kwakhe ukuze asuse umonakalo u-Adamu awenza kithi.

Yiziphi izinto esingazenza ukuze sibonise ukuthi siyamthanda uJesu?

Uyabona ukuthi yinhle kangakanani into uJesu ayenza?— Uma uthandaza kuNkulunkulu, uyambonga yini ngokuthi wasinika iNdodana yakhe?— Umphostoli uPawulu wabonga ngalokho uKristu ayemenzele kona. UPawulu wabhala wathi iNdodana kaNkulunkulu “yangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.” (Galathiya 2:20) UJesu wafela mina nawe. Wanikela ngokuphila kwakhe okuphelele ukuze sithole ukuphila okuphakade! Leso yisizathu esikhulu ngempela sokuba simthande uJesu.

Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu asedolobheni laseKorinte: “Uthando lukaKristu lusenza senze into ethile.” Iyiphi le nto okufanele uthando lukaKristu lusenze siyenze? Wena ucabanga ukuthi iyiphi?— Lalela impendulo kaPawulu: “UKristu wafela bonke abantu ukuze baphilele Yena. Akufanele baphilele ukuzijabulisa bona.”—Omalukeke sizenzele; 2 Korinte 5:14, 15, New Life Version.

Zikhona izindlela ongazicabanga ongabonisa ngazo ukuthi uphilela ukujabulisa uKristu?— Enye indlela ukuxoxela abanye izinto ozifundile ngaye. Noma awuthi ukucabanga ngalokhu: Asithi uhleli wedwa, futhi umama wakho noma ubaba wakho akaboni ukuthi wenzani, akukho muntu okubonayo. Uyozibuka yini izinhlelo ze-TV noma ubuke izinto ezikuyi-Internet owaziyo ukuthi ngeke zimjabulise uJesu?— Khumbula, uJesu uyaphila manje, futhi uyazibona zonke izinto esizenzayo!

Ubani obona zonke izinto esizenzayo?

Esinye isizathu sokuba sithande uJesu ukuthi sifuna ukulingisa uJehova. UJesu wathi: ‘UBaba uyangithanda.’ Uyazi ukuthi kungani emthanda uJesu, nokuthi kungani nathi kufanele simthande?— Ngoba uJesu wavuma ukufa ukuze kwenzeke intando kaNkulunkulu. (Johane 10:17) Ngakho-ke masenze loko iBhayibheli elikushoyo: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni njengoba nje noKristu anithanda futhi wazinikela ngenxa yenu.”—Efesu 5:1, 2.

Ngicela sifunde nansi imiBhalo engasisiza simbonge nakakhulu uJesu ngalokho asenzela kona, Johane 3:35; 15:9, 10; neyoku-1 Johane 5:11, 12.