Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 41

Izingane Ezenza UNkulunkulu Ajabule

Izingane Ezenza UNkulunkulu Ajabule

UCABANGA ukuthi iyiphi ingane emhlabeni eyenza uJehova wajabula kakhulu?— YiNdodana yakhe, uJesu. Masixoxe ngezinto uJesu azenza ukuze enze uBaba wakhe wasezulwini ajabule.

Uma usuka kubo kaJesu wawuhamba izinsuku ezintathu bese ufika eJerusalema, lapho kwakukhona khona ithempeli likaJehova elihle. UJesu wabiza ithempeli ngokuthi ‘indlu kaBaba.’ Njalo ngonyaka yena nabakubo babeya ePhasikeni elaliba kuleli thempeli.

Ngomunye unyaka, ngesikhathi uJesu eseneminyaka engu-12, abantu bakubo baqala uhambo lokubuyela ekhaya ngemva kwePhasika. Kwathi lapho sebefike endaweni ababezolala kuyo ebusuku kwaba yima bebona ukuthi uJesu akekho ezihlotsheni zabo nakubangane babo. Ngaso leso sikhathi uMariya noJosefa baphindela eJerusalema bayofuna uJesu. Ucabanga ukuthi wayekuphi?—

Bamthola ethempelini uJesu. Wayelalele abafundisi futhi ebabuza imibuzo. Uma bembuza umbuzo, wayephendula. Zazibamangaza izimpendulo zakhe ezinhle. Uyabona ukuthi yini eyenza uNkulunkulu wajabula ngeNdodana yakhe?—

Njengoba kulindelekile, lapho ekugcineni uMariya noJosefa bemthola uJesu, bakhululeka. Kodwa uJesu yena wayekade engakhathazekile. Wayazi ukuthi kwakuyinto enhle ukuba sethempelini. Ngakho wabuza: “Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe sendlini kaBaba?” Wayazi ukuthi ithempeli yindlu kaNkulunkulu futhi wayekuthanda ukuba khona.

Ngemva kwalokho, uMariya noJosefa bathatha uJesu oneminyaka engu-12 bagoduka naye baya ekhaya eNazaretha. Ucabanga ukuthi uJesu wabaphatha kanjani abazali bakhe?— IBhayibheli lithi “waqhubeka ezithoba kubo.” Ucabanga ukuthi kusho ukuthini lokho?— Kusho ukuthi wayebalalela. Yebo, wayenza izinto abazali bakhe ababemthuma zona, ngisho noma bethi akenze into enjengokuyokha amanzi emfuleni.—Luka 2:41-52.

Ngesikhathi uJesu eseyingane yini ayenza ukuze enze uNkulunkulu ajabule?

Ngakho cabanga ngalokhu: Nakuba uJesu ayephelele, wabalalela abazali bakhe abangaphelele. Ingabe lokhu kwenza uNkulunkulu wajabula?— Kwamenza wajabula ngempela, ngoba iZwi likaNkulunkulu lithi ezinganeni: “Lalelani abazali benu.” (Efesu 6:1) Nawe uyokwenza uNkulunkulu ajabule uma ulalela abazali bakho, njengoba kwenza uJesu.

Enye indlela ongenza ngayo uNkulunkulu ajabule iwukuba uxoxele abanye ngaye. Kodwa-ke abanye abantu bangase bathi izingane akufanele zikwenze lokho. Kodwa ngesikhathi abantu bezama ukuyekisa abafana abancane ukukhuluma ngoNkulunkulu, uJesu wathi: ‘Anizange yini nifunde emiBhalweni, “Emlonyeni wezingane ezincane uNkulunkulu uyokwenza kuphume indumiso”?’ (Mathewu 21:16) Ngakho sonke singabaxoxela abanye ngoJehova nangokuthi unguNkulunkulu omuhle kangakanani, uma sifuna ngempela ukubaxoxela. Futhi uma sibaxoxela, uNkulunkulu uyojabula.

Sizifunda kuphi izinto eziphathelene noNkulunkulu esingazixoxela abanye?— Esifundweni sethu seBhayibheli ekhaya. Kodwa eziningi sizifunda endaweni abantu bakaNkulunkulu abahlangana kuyo ukuze bafunde. Kodwa singababona kanjani abantu bakhe?—

Konje abantu benzani emihlanganweni yabo? Bayakufundisa ngempela yini okuseBhayibhelini? Ingabe bayalifunda futhi baxoxe ngalo? Yileyo ndlela esizwa ngayo ukuthi uNkulunkulu uthini, angithi?— Futhi uma sisemihlanganweni yamaKristu silindela ukuzwa ukuthi uNkulunkulu uthini, akunjalo?— Kodwa uyothini wena uma abantu bethi akudingeki wenze izinto ezishiwo iBhayibheli? Ungasho yini ukuthi abantu bakaNkulunkulu labo?—

Nakhu okunye okufanele ukucabange. IBhayibheli lithi abantu bakaNkulunkulu bayoba ‘abantu begama lakhe.’ (IzEnzo 15:14) Njengoba igama likaNkulunkulu linguJehova, singababuza abantu ukuthi uNkulunkulu wabo nguJehova yini. Uma bethi cha, siyokwazi-ke ukuthi ababona abantu bakhe. Abantu bakaNkulunkulu bakhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu futhi. Babonisa nokuthi bayamthanda uNkulunkulu ngokwenza imiyalo yakhe.—1 Johane 5:3.

Uma bekhona abantu obaziyo abenza zonke lezi zinto, kufanele uhambe uyokhonza kanye nabo. Kufanele ulalele kahle kuleyo mihlangano bese uyaphendula uma kubuzwa imibuzo. Yilokho uJesu akwenza ngesikhathi esendlini kaNkulunkulu. Futhi uma uzenza lezi zinto, uyokwenza uNkulunkulu ajabule, njengoba nje kwenza uJesu.

Zikhona ezinye izingane ozikhumbulayo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini ezenza uNkulunkulu wajabula?— UThimothewu uyisibonelo esihle kakhulu. Ubaba wakhe wayengamkhonzi uJehova. Kodwa umama wakhe, u-Evnike, kanye nogogo wakhe uLowisi, bona babemkhonza. UThimothewu wabalalela futhi wafunda ngoJehova.

Nakuba ubaba kaThimothewu ayengamkhonzi uNkulunkulu, yini uThimothewu ayefuna ukuyenza?

Lapho uThimothewu esemdala, umphostoli uPawulu wavakashela edolobheni lakubo kaThimothewu. Wabona ukuthi uThimothewu wayefuna ngempela ukukhonza uJehova. Wabe esecela uThimothewu ukuba ahambe naye bayokhonza uNkulunkulu ezindaweni eziningi. Kuzo zonke izindawo ababehamba kuzo, babexoxa nabantu ngoMbuso kaNkulunkulu nangoJesu.—IzEnzo 16:1-5; 2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15.

Kodwa iBhayibheli lithi ngabafana kuphela yini abenza uNkulunkulu wajabula?— Cha. Ikhona nentombazane encane engumIsrayeli nayo eyamenza wajabula. Ngesikhathi eyayiphila ngaso, isizwe saseSiriya sasingezwani nesizwe sakwa-Israyeli. Ngolunye usuku abantu baseSiriya balwa nabakwa-Israyeli base bethatha le ntombazane encane bahamba nayo. Yayiswa endlini yenduna yempi, igama lale nduna kwakunguNahamani. Yafike yaba isisebenzi senkosikazi kaNahamani.

Manje uNahamani wayegula ephethwe uchoko. Akukho dokotela owayekwazile ukumsiza. Kodwa le ntombazane encane yakwa-Israyeli yayazi ukuthi enye yezinceku zikaNkulunkulu ezikhethekile, umprofethi, yayingamsiza uNahamani. Kodwa-ke, uNahamani nenkosikazi yakhe babengamkhonzi uJehova. Kwakufanele yini le ntombazane encane ibatshele ngalo mprofethi? Wena wawuyokwenzenjani?—

Yini eyayenza le ntombazane engumIsrayeli ukuze yenze uNkulunkulu ajabule?

Le ntombazane encane yathi: ‘Uma nje uNahamani engahamba aye kumprofethi kaJehova kwa-Israyeli, uchoko lwakhe lungaphela.’ UNahamani wayilalela intombazane, wahamba waya kumprofethi kaJehova. Lapho enza into umprofethi ayethi akayenze, lwaphela uchoko. Lokhu kwenza ukuba uNahamani abe umkhulekeli kaNkulunkulu weqiniso.—2 AmaKhosi 5:1-15.

Ungathanda ukusiza umuntu afunde ngoJehova futhi azi ukuthi yini okumelwe ayenze, njengoba kwenza leya ntombazane encane?— Obani ongase ubasize?— Ekuqaleni bona bangase bangacabangi ukuthi badinga usizo. Kodwa ungabaxoxela ngezinto ezinhle uJehova azenzayo. Futhi bangase balalele. Qiniseka ukuthi uma wenza kanjalo uNkulunkulu uyojabula.

Eminye imiBhalo engakhuthaza abantu abasha ukuba bakujabulele ukukhonza uNkulunkulu iHubo 122:1; 148:12, 13; UmShumayeli 12:1; 1 Thimothewu 4:12; namaHebheru 10:23-25.