Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 44

Abangane Bethu Kufanele Bamthande UNKulunkulu

Abangane Bethu Kufanele Bamthande UNKulunkulu

ABANGANE bethu ngabantu esithanda ukuxoxa nabo nokuhlala nabo. Kodwa kubalulekile ukuba nabangane abahle. Ucabanga ukuthi ubani ongaba umngane wethu omuhle kunabo bonke?— Yebo, nguJehova uNkulunkulu.

Kungenzeka ngempela yini ukuba sibe abangane bakaNkulunkulu?— IBhayibheli lithi u-Abrahama, umuntu owayephila kudala, ‘wayengumngane kaJehova.’ (Jakobe 2:23) Uyazi ukuthi yini eyamenza waba umngane wakhe?— IBhayibheli lithi yingoba u-Abrahama wayelalela uNkulunkulu. Walalela ngisho nalapho kuthiwa akenze into esabekayo. Ngakho ukuze sibe abangane bakaJehova, kumelwe senze izinto ezimjabulisayo, njengoba nje kwenza u-Abrahama nanjengoba uMfundisi Omkhulu ayemjabulisa ngaso sonke isikhathi.—Genesise 22:1-14; Johane 8:28, 29; Hebheru 11:8, 17-19.

Yini eyenza u-Abrahama waba “umngane kaJehova”?

UJesu wathi kubaphostoli bakhe: “Ningabangane bami uma nenza lokho enginiyala ngakho.” (Johane 15:14) Njengoba zonke izinto uJesu ayezitshela abantu zazivela kuJehova, uJesu wayesho ukuthi abangane bakhe ngabantu abenza izinto uNkulunkulu athi abazenze. Yebo, bonke abangane bakhe babemthanda uNkulunkulu.

Abanye abantu ababengabangane abakhulu boMfundisi Omkhulu abaphostoli bakhe, laba izithombe zabo ezisekhasini 75 lale ncwadi. Babehamba naye futhi bemsiza lapho eshumayela. UJesu wayehlala nabo isikhathi esiningi. Babedla ndawonye. Baxoxe ngoNkulunkulu. Benze nezinye izinto ndawonye. Kodwa uJesu wayenabo nabanye abangane abaningi. Wayeye ahlale nabo, futhi kwakuba mnandi uma bendawonye.

Omunye umkhaya uJesu ayethanda ukuhlala nawo wawuhlala eBethaniya, okuyidolobha elincane elingaphandle nje kwedolobha elikhulu laseJerusalema. Uyawakhumbula amagama abantu bakhona?— KwakunguMariya noMarta nomfowabo uLazaru. UJesu wabiza uLazaru ngokuthi umngane wakhe. (Johane 11:1, 5, 11) Into eyayenza uJesu awuthande lo mkhaya futhi ajabule uma ehleli nawo ukuthi wawuthanda uJehova futhi umkhonza.

Kungani uJesu ayevame ukuhlala nalo mkhaya uma evakashele eJerusalema? Uyawazi amagama abo?

Lokhu akusho ukuthi uJesu wayengenawo umusa kubantu abangamkhonzi uNkulunkulu. Wayenomusa nakubo. Wayeya ngisho nasemizini yabo adle nabo. Ngenxa yalokho abanye bathi uJesu ‘ungumngane wabantu abaqoqa intela nezoni.’ (Mathewu 11:19) Iqiniso liwukuthi uJesu wayengayi emizini yalaba bantu ngoba ethanda indlela abaphila ngayo. Wayeya kubo ngoba efuna ukubaxoxela ngoJehova. Wazama ukubasiza ukuba bayeke ukwenza izinto ezimbi bakhonze uNkulunkulu.

Kungani uZakewu egibele kulo muthi?

Kwenzeka lokho ngelinye ilanga edolobheni laseJeriko. UJesu wayedlula khona eya eJerusalema. Kwakunabantu abaningi, phakathi kwabo kukhona nomuntu okwakuthiwa uZakewu. Wayefuna ukubona uJesu. Kodwa uZakewu wayemfushane, ngakho wayengakwazi ukumbona ngoba abantu babebaningi. Wagijima wayogibela emthini ukuze ambone kahle uJesu uma esedlula.

Lapho uJesu efika ngakulowo muthi, waqalaza phezulu wabe esethi: ‘Shesha wehle, ngoba namuhla ngizoya endlini yakho.’ Kodwa uZakewu wayecebile futhi wayenze izinto ezimbi. Kungani uJesu ayefuna ukuya endlini yomuntu onjalo?—

UJesu wayengayi khona ngoba ethanda indlela ayephila ngayo lo muntu. Wayeya endlini kaZakewu ngoba efuna ukumxoxela ngoNkulunkulu. Wabona ukuthi lo muntu wayenze umzamo omkhulu ukuze ambone. Ngakho wayazi ukuthi uZakewu angase amlalele. Kwakuyithuba elihle lokuba axoxe naye ngokuthi uNkulunkulu uthi abantu kufanele baphile kanjani.

Kungani uJesu evakashele uZakewu, futhi uZakewu uthembisa ukuthi uzokwenzani?

Kwenzekani-ke manje?— UZakewu uyazithanda izimfundiso zikaJesu. Uyazisola kakhulu ngokuthi ubekhohlisa abantu, futhi uthembisa ukuthi uzoyibuyisa imali okwakungafanele ayithathe. Ngemva kwalokho uba umlandeli kaJesu. Baqala lapho-ke uJesu noZakewu ukuba abangane.—Luka 19:1-10.

Uma silingisa uMfundisi Omkhulu, siyobavakashela yini abantu abangebona abangane bethu?— Yebo. Kodwa ngeke siye ezindlini zabo ngoba sithanda indlela abaphila ngayo. Futhi ngeke sizenze izinto ezimbi nabo. Siyobavakashela ukuze sibaxoxele ngoNkulunkulu.

Kodwa abangane bethu abakhulu yibona esithanda ukuhlala nabo njalo. Ukuze babe abangane abakahle, kufanele babe abangane abathandwa uNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi abanye abamazi nokumazi uJehova. Kodwa uma befuna ukufunda ngaye, singabasiza. Futhi uma sebemthanda uJehova njengathi, bayoba abangane bethu abakhulu.

Kukhona enye indlela esingathola ngayo ukuthi umuntu angaba umngane omuhle yini. Bheka izinto azenzayo. Ingabe wenza izinto ezimbi kwabanye abantu abese ehleka? Kulungile lokho?— Ingabe uhlale eganga? Ngeke sithande ukuganga naye, angithi?— Noma wenza izinto ezimbi ngamabomu abese ecabanga ukuthi uhlakaniphile ngoba engazange abanjwe? Ngisho noma engazange abanjwe, uNkulunkulu usuke embonile, akunjalo?— Ucabanga ukuthi abantu abenza izinto ezinjalo bangaba abangane abahle?—

Ngicela uthathe iBhayibheli lakho. Ake sibone ukuthi lithi abangane bethu bangakushintsha kanjani ukuphila kwethu. Vula umbhalo weyoku-1 kwabaseKorinte isahluko 15, ivesi 33. Usuwutholile?— Uthi: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” Lokhu kusho ukuthi uma sihamba nabantu ababi, nathi singase sibe babi. Kuyiqiniso futhi ukuthi abangane abahle bayasisiza senze izinto ezinhle.

Singalokothi sikhohlwe ukuthi uMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwethu uJehova. Asifuni ukuxabana naye singabe sisaba abangane bakhe, angithi?— Ngakho kumelwe nakanjani sibe abangane babantu abathanda uNkulunkulu kuphela.

Nansi imiBhalo ebonisa ukuthi kubalulekile ukuba nabangane abahle: IHubo 119:115; IzAga 13:20; 2 Thimothewu 2:22; neyoku-1 Johane 2:15.