Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 45

Uyini UMbuso KaNkulunkulu? Izinto Esingabonisa Ngazo Ukuthi Siyawufuna

Uyini UMbuso KaNkulunkulu? Izinto Esingabonisa Ngazo Ukuthi Siyawufuna

UYAWAZI umthandazo uJesu awufundisa abalandeli bakhe?— Uma ungawazi, singawufunda nawe eBhayibhelini kuMathewu 6:9-13. Lo mthandazo, abaningi abawubiza ngokuthi uBaba Wethu, unamazwi athi: “Mawufike umbuso wakho.” Uyazi ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu?—

Phela, umbuso ungabantu abayiqembu abaphethe izwe, ababizwa nangokuthi uhulumeni. Kwamanye amazwe umuntu oholayo kuhulumeni ubizwa ngokuthi umongameli, kodwa uhulumeni othenjiswe nguNkulunkulu ubizwa ngokuthi uMbuso futhi umuntu oholayo kuwo ubizwa ngokuthi iNkosi.

Uyazi ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhetha bani ukuba abe iNkosi kahulumeni waKhe?— INdodana yaKhe, uJesu Kristu. Yini emenza abe ngcono yena kunabanye ababusi abangase bakhethwe abantu?— Ukuthi uJesu uyamthanda ngempela uBaba wakhe, uJehova. Ngenxa yalokho wenza izinto ezilungile njalo.

Kusasele iminyaka eminingi ngaphambi kokuba uJesu azalwe eBhetlehema, iBhayibheli lasho lathi uzozalwa, lathi futhi uNkulunkulu wayezomkhetha abe uMbusi. Asikufunde lokhu ku-Isaya 9:6, 7, eBhayibhelini okuthiwa i-King James Version. Lithi: “Sizalelwe umntwana, siphiwe indodana: uhulumeni uyoba semahlombe akhe: igama lakhe kuyothiwa . . . INkosana Yokuthula. Uhulumeni wakhe nokuthula ngeke kuphele.”—Omalukeke sizenzele.

Uyazi ukuthi kungani uMbusi woMbuso kaNkulunkulu ebizwa ngokuthi “iNkosana” lapha?— Phela, le nkosana iyindodana yenkosi. UJesu uyiNdodana yeNkosi Enkulu, uJehova. Kodwa uJehova wenze uJesu waba futhi yiNkosi kahulumeni waKhe, uhulumeni oyobusa umhlaba iminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:6) Lapho uJesu esebhapathiziwe, waqala “ukushumayela ethi: ‘Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.’”—Mathewu 4:17.

Ucabanga ukuthi kungani uJesu athi uMbuso ususondele?— Kungenxa yokuthi iNkosi eyayizobusa ezulwini yayilapho imi kanye nabo! Yingakho uJesu athi kubantu: “Umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.” (Luka 17:21) Ubungeke yini uthande ukuba iNkosi emiswe nguJehova ibe seduze kwakho uze ukwazi ngisho nokuyithinta?—

Awungitshele, yimuphi umsebenzi obalulekile uJesu ayezowenza emhlabeni?— UJesu wawuphendula lowo mbuzo, wathi: “Nakweminye imizi kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) UJesu wayazi ukuthi wayengeke akwazi ukubashumayeza bonke abantu eyedwa. Ucabanga ukuthi wenzani-ke?—

Yimuphi umsebenzi uJesu ayezowenza emhlabeni?

UJesu wahamba nabantu wababonisa ukuthi bangashumayela kanjani. Waqale wafundisa abantu abangu-12 ayebakhethile baba abaphostoli bakhe. (Mathewu 10:5, 7) Kodwa ingabe uJesu wafundisa abaphostoli bakhe kuphela ukuba benze lo msebenzi? Cha, iBhayibheli lithi uJesu wafundisa nabanye abantu abaningi ukushumayela. Ngokuhamba kwesikhathi, wathuma abanye abafundi abangu-70 bahamba ngababili. Babebafundisani abantu?— UJesu wathi: “Niqhubeke nibatshela nithi, ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’” (Luka 10:9) Abantu bafunda kanjalo-ke ngohulumeni kaNkulunkulu.

Esikhathini sakudala kwa-Israyeli, inkosi entsha yayigibela ithole lembongolo iye edolobheni ukuze abantu bayibone. NoJesu manje wenza kanjalo njengoba eya eJerusalema okokugcina. Phela, uJesu uzoba uMbusi woMbuso kaNkulunkulu. Abantu bayafuna yini abe iNkosi yabo?—

Njengoba egibele ithole lembongolo, abantu abaningi baqala ukwendlala izingubo zabo abazigqoke ngaphezulu emgwaqweni azohamba kuwo. Abanye bagawula amagatsha ezihlahla bawendlale emgwaqweni. Ngokwenza kanjalo babonisa ukuthi bayafuna ukuba uJesu abe iNkosi yabo. Bayamemeza bathi: ‘Ubusisiwe Lowo oza eyiNkosi egameni likaJehova!’ Kodwa akubona bonke abantu abajabule. Empeleni, abanye abaholi benkolo baze bathi kuJesu, ‘Tshela abafundi bakho ukuthi abathule.’—Luka 19:28-40.

Yini eyenza abantu bathi bayafuna uJesu abe iNkosi yabo babuye bajike bathi abasafuni?

Ngemva kwezinsuku ezinhlanu uJesu uyaboshwa, ayiswe esigodlweni (indlu ehlala umkhaya wenkosi) phambi kombusi uPontiyu Pilatu. Izitha zikaJesu zithi uJesu uthi uyinkosi futhi uphikisana nohulumeni wamaRoma. UPilatu uyambuza uJesu ngalokhu. UJesu uthi yena akazami ukuthatha uhulumeni. Uthi kuPilatu: ‘Umbuso wami awuwona owaleli zwe.’—Johane 18:36.

UPilatu uphumela phandle atshele abantu ukuthi akatholi phutha kuJesu. Kodwa abantu bona abafuni uJesu abe iNkosi yabo. Abafuni adedelwe. (Johane 18:37-40) Ngemva kokuba uPilatu esephinde wakhuluma noJesu, wazi kahle ukuthi uJesu akanalo iphutha. Ngemva kokuphumela phandle noJesu okokugcina, uPilatu uthi: “Bhekani! Inkosi yenu!” Kodwa abantu bayamemeza bathi: “Msuse! Msuse! Mbethele!”

UPilatu uyabuza: “Ngibethele inkosi yenu na?” Abapristi abakhulu bayaphendula bathi: “Asinankosi ngaphandle kukaKhesari.” Cabanga nje! Labo bapristi ababi benze ukuba abantu bajikele uJesu!—Johane 19:1-16.

Namuhla izinto ziyafana nangaleso sikhathi. Abantu abaningi abafuni ukuba uJesu abe iNkosi yabo. Bangase bathi bayakholwa kuNkulunkulu, kodwa abafuni ukuba uNkulunkulu noma uKristu abatshele ukuthi abenzeni. Bafuna ababo ohulumeni khona lapha emhlabeni.

Ingabe nathi sifana nabo? Uma sifunda ngoMbuso kaNkulunkulu nangazo zonke izinto ezinhle ozozenza, sicabangani ngoNkulunkulu?— Siyamthanda, akunjalo?— Singambonisa kanjani-ke uNkulunkulu ukuthi siyamthanda nokuthi sifuna ukubuswa uMbuso wakhe?—

Kungani uJesu abhapathizwa, futhi uNkulunkulu wabonisa kanjani ukuthi uyakwamukela loko?

Singambonisa uNkulunkulu ukuthi siyamthanda ngokulandela isibonelo sikaJesu. UJesu yena wenzani ukuze abonise ukuthi uyamthanda uJehova?— UJesu wachaza: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Johane 8:29) Yebo, uJesu weza emhlabeni ‘ukuze enze intando kaNkulunkulu’ futhi ‘aqede umsebenzi wakhe.’ (Hebheru 10:7; Johane 4:34) Yizwa ukuthi yini uJesu ayenza ngaphambi kokuba aqale umsebenzi wakhe wokushumayela.

UJesu waya kuJohane uMbhapathizi eMfuleni iJordani. Ngemva kokungena emanzini, uJohane wafaka uJesu ngaphansi kwamanzi wabuye wamkhipha. Uyazi ukuthi kungani uJohane abhapathiza uJesu?—

Yiziphi izindawo esingaxoxa nabantu kuzo ngoMbuso kaNkulunkulu?

UJesu nguyena owacela uJohane ukuba ambhapathize. Kodwa sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu wayefuna uJesu abhapathizwe?— Siyazi ngoba ngesikhathi uJesu ephuma emanzini, wezwa izwi likaNkulunkulu livela ezulwini lithi: “Wena uyiNdodana yami, ethandekayo, ngikwamukele.” UNkulunkulu waze wathuma nomoya wakhe ongcwele ofana nejuba wehlela kuJesu. Ngakho ngokuvuma ukuba abhapathizwe, uJesu wabonisa ukuthi uyafuna ukukhonza uJehova konke ukuphila kwakhe, yebo, kuze kube phakade.—Marku 1:9-11.

Okwamanje wena usakhula. Kodwa yini oyoyenza uma usumdala?— Ingabe uyokwenza njengoJesu, ubhapathizwe nawe?— Kufanele wenze njengaye, ngoba iBhayibheli lithi wakushiyela ‘isibonelo sokuba ulandele izinyathelo zakhe eduze.’ (1 Petru 2:21) Uma ubhapathizwa, uyobe ubonisa ukuthi uyafuna ngempela ukubuswa uMbuso kaNkulunkulu. Kodwa akwanele ukubhapathizwa.

Kudingeka silalele zonke izinto uJesu azifundisa. UJesu wathi akufanele ‘sibe ingxenye yezwe.’ Siyobe siyamlalela yini uma senza izinto zezwe? UJesu nabaphostoli bakhe babengazenzi izinto zezwe. (Johane 17:14) Yiziphi-ke izinto ababezenza bona?— Babexoxela abanye abantu ngoMbuso kaNkulunkulu. Yilowo umsebenzi owawubalulekile ekuphileni kwabo. Singawenza yini nathi lowo msebenzi?— Yebo singawenza, futhi siyowenza uma sisuke siqinisile lapho sithandaza sithi uMbuso kaNkulunkulu mawufike.

Sicela nibheke le miBhalo esitshela izinto esingazenza ukuze sibonise ukuthi siyafuna ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike: Mathewu 6:24-33; 24:14; 1 Johane 2:15-17; no-5:3.