Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 46

Amanzi Abhubhisa Izwe—Ingabe Asazolibhubhisa Futhi?

Amanzi Abhubhisa Izwe—Ingabe Asazolibhubhisa Futhi?

WAKE wezwa umuntu ekhuluma ngokuphela kwezwe?— Namuhla abantu abaningi bayakhuluma ngakho. Abanye abantu bacabanga ukuthi kuyoba khona impi abantu abayokulwa kuyo ngamabhomu anamandla okubulala abantu, bese izwe liyaphela. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyoke awubhubhise yini umhlaba wethu namazulu amahle nezinkanyezi ezicwebezelayo?—

Njengoba sesizwile, iBhayibheli liyakhuluma ngokuphela kwezwe. IBhayibheli lithi: “Izwe liyadlula.” (1 Johane 2:17) Ingabe ucabanga ukuthi ukuphela kwezwe kuyosho ukuthi umhlaba uyaphela?— Cha, iBhayibheli lithi uNkulunkulu wenza umhlaba ukuze “uhlalwe,” yebo, ukuze abantu bahlale kuwo futhi bajabule. (Isaya 45:18) IHubo 37:29 lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” Ngenxa yalokho iBhayibheli lithi futhi umhlaba uyohlala kuze kube phakade.—IHubo 104:5; UmShumayeli 1:4.

Uma ukuphela kwezwe kungasho ukuthi umhlaba uzophela, kanti kusho ukuthini?— Singayithola impendulo uma sihlolisisa lokho okwenzeka ezinsukwini zikaNowa. IBhayibheli liyachaza: “Izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi.”—2 Petru 3:6.

Ukhona yini umuntu owasinda ngesikhathi izwe limbozwa amanzi, noma nguZamcolo, ezinsukwini zikaNowa?— IBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’—2 Petru 2:5.

Yiliphi izwe elabhujiswa ngezinsuku zikaNowa?

Yiliphi-ke pho leli zwe elaphela? Ingabe kwakungumhlaba, noma kwakungabantu ababi?— IBhayibheli lithi, ‘kwakuyizwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ Phawula ukuthi uNowa ubizwa ngokuthi “umshumayeli.” Ucabanga ukuthi wayeshumayela ngani?— UNowa wayexwayisa abantu ngokuphela ‘kwezwe langaleso sikhathi.’

Ngesikhathi uJesu ekhuluma ngoZamcolo, watshela abafundi bakhe ukuthi abantu babenzani ngaphambi nje kokuba kufike ukuphela kwezwe. Wathi kubo: ‘Ngalezo zinsuku zangaphambi kukazamcolo, [abantu] babedla, bephuza, amadoda eshada nabesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi abanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke.’ UJesu wabe esethi abantu bayobe benza zona lezo zinto ngaphambi kokuba kufike ukuphela kwaleli zwe.—Mathewu 24:37-39.

Amazwi kaJesu asibonisa ukuthi singafunda isifundo kulokho okwakwenziwa abantu ngaphambi kukaZamcolo. Uyakhumbula ukuthi eSahlukweni 10 sale ncwadi safunda ukuthi labo bantu babenzani?— Abanye abantu babeyiziqhwaga futhi behlupha abanye. Kodwa uJesu wathi abaningi bavele nje bangalalela lapho uNkulunkulu ethuma uNowa ukuba abashumayeze.

Ngakho kwafika usuku lapho uJehova atshela khona uNowa ukuthi uzobabhubhisa abantu ababi ngozamcolo. Amanzi ayezowumboza wonke umhlaba, amboze ngisho nezintaba. UJehova watshela uNowa ukuthi akakhe umkhumbi omkhulu. Wawufana nebhokisi elikhulu elide, njengoba ungawubona uma ubheka isithombe ekhasini 238.

UNkulunkulu wathi uNowa akakhe umkhumbi omkhulu ayezokwazi ukungena kuwo yena nomkhaya wakhe nezilwane eziningi. UNowa nomkhaya wakhe basebenza kanzima. Bagawula imithi emikhulu, base beqala ukwakha umkhumbi ngezingodo. Lokhu kwathatha iminyaka eminingi kakhulu ngoba umkhumbi wawumkhulu kakhulu.

Uyakhumbula ukuthi yini enye uNowa ayeyenza kuyo yonke leyo minyaka ayakha ngayo umkhumbi?— Wayeshumayela, exwayisa abantu ngokuza kukaZamcolo. Balalela yini? Abalalelanga, kwalalela umkhaya kaNowa kuphela. Bonke abanye babelibele ezinye izinto. Uyakhumbula ukuthi uJesu wathi babenzani?— Babelibele ukudla, ukuphuza nokushada. Bona babengacabangi ukuthi babi, futhi babengenasikhathi sokulalela uNowa. Ake sibone ukuthi kwenzekani kubo.

Lapho uNowa nomkhaya wakhe sebengenile emkhunjini, uJehova wavala umnyango. Nangaleso sikhathi abantu ababengaphandle babengakholwa ukuthi uZamcolo uzofika. Kwathi kusenjalo, imvula yaqala ukuna! Lalingani nje kancane. Lalina kakhulu! Ngokushesha amanzi ayesefana nemifula emikhulu, ebanga umsindo. Awisa imithi emikhulu, agingqa namatshe amakhulu sengathi amatshana nje amancane. Kwenzekani kubantu ababengaphandle komkhumbi?— UJesu uthi: “Kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke.” Bonke abantu ababengaphandle komkhumbi bafa. Kungani?— Isizathu yileso esashiwo uJesu, ‘abanakanga.’ Abalalelanga!—Mathewu 24:39; Genesise 6:5-7.

Kungani kungafanele sicabange ngokudlala nje kuphela?

Khumbula-ke ukuthi uJesu wathi lokho okwenzeka kulabo bantu kuyisifundo kithi namuhla. Isiphi isifundo esisifundayo?— Abantu ababhujiswanga ngoba bebabi nje kuphela kodwa ngoba abaningi babematasa kakhulu bengenaso isikhathi sokufunda ngoNkulunkulu nento ayezoyenza. Uyabona ukuthi kufanele siqaphele singafani nabo?—

Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyophinde abhubhise izwe ngozamcolo?— Cha, uNkulunkulu wathembisa ukuthi ngeke esaphinda. Wathi: “Ngimisa uthingo lwami efwini, futhi luyoba isibonakaliso.” UJehova wathi uthingo luyoba isibonakaliso noma uphawu lokuthi “amanzi ngeke aphinde abe uzamcolo wokuchitha yonke inyama.”—Genesise 9:11-17.

Ngakho siyazi ukuthi nakanjani uNkulunkulu ngeke aphinde alibhubhise izwe ngozamcolo. Kodwa njengoba sesibonile, iBhayibheli liyakhuluma ngokuphela kwezwe. Lapho uNkulunkulu esebhubhisa leli zwe, obani ayobasindisa?— Ingabe uyosindisa abantu abebelibele ezinye izinto abangazange bafune ukufunda ngoNkulunkulu? Ingabe uyosindisa labo abebehlale bematasa bengenaso isikhathi sokufunda iBhayibheli? Ucabangani?—

Thina sifuna ukuba kulabo uNkulunkulu ayobasindisa, angithi?— Ngeke yini kube mnandi uma umkhaya wakithi ungafana nokaNowa, uNkulunkulu asisindise sonke?— Ukuze sisinde ekupheleni kwezwe, kudingeka sazi ukuthi uNkulunkulu uyolibhubhisa kanjani leli zwe alethe izwe lakhe elisha. Ake sibone ukuthi ukwenza kanjani lokhu.

IBhayibheli lisinika impendulo kuDaniyeli isahluko 2, ivesi 44. Lo mbhalo ukhuluma ngosuku lwethu uma uthi: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso [noma, uhulumeni] ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”

Uyakuzwa lokho?— IBhayibheli lithi uhulumeni kaNkulunkulu uyobhubhisa bonke ohulumeni basemhlabeni. Kungani?— Kungenxa yokuthi abamlaleli Lowo omiswe uNkulunkulu waba yiNkosi. Ubani lowo?— Uqinisile, uJesu Kristu!

UJesu Kristu, iNkosi ekhethwe uNkulunkulu, uyobhubhisa leli zwe e-Armagedoni

UJehova uNkulunkulu unelungelo lokunquma ukuthi uhulumeni onjani okufanele ubuse, futhi ukhethe iNdodana yakhe, uJesu, ukuba ibe yiNkosi. Ngokushesha uMbusi okhethwe uNkulunkulu, uJesu Kristu, kuzoba nguye phambili ekubhubhiseni bonke ohulumeni baleli zwe. IBhayibheli, kusAmbulo isahluko 19, amavesi 11 kuya ku-16, limchaza ngokuthi ubhubhisa bonke ohulumeni, njengoba ubona nakulesi sithombe. EBhayibhelini, impi kaNkulunkulu yokubhubhisa bonke ohulumeni bezwe ibizwa ngokuthi i-Armagedoni.

Manje-ke, uNkulunkulu uthi uMbuso wakhe uyobhubhisa ohulumeni babantu. Kodwa uyasho yini ukuthi thina asibabhubhise?— Cha, eBhayibhelini, i-Armagedoni ibizwa ngokuthi ‘yimpi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAmbulo 16:14, 16) Yebo, i-Armagedoni yimpi kaNkulunkulu, futhi usebenzisa uJesu Kristu ukuba kube nguye ohola amabutho asezulwini lapho elwa. Isiseduze yini impi ye-Armagedoni? Ake sibone ukuthi singazi kanjani.

Masifunde ndawonye ngesikhathi lapho uNkulunkulu eyoqeda khona bonke ababi futhi asindise labo abamkhonzayo, kuzAga 2:21, 22; Isaya 26:20, 21; Jeremiya 25:31-33; noMathewu 24:21, 22.