Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 47

Izinto Esingabona Ngazo Ukuthi I-Armagedoni Iseduze

Izinto Esingabona Ngazo Ukuthi I-Armagedoni Iseduze

ANGITHI uyazi ukuthi yini uphawu?— ESahlukweni 46 sifunde ngophawu uNkulunkulu alunikeza lokuthi ngeke aphinde abhubhise umhlaba ngozamcolo. Abaphostoli nabo bacela uphawu olwaluzobenza bazi ukuthi uJesu usebuyile nokuthi kwase kuseduze ukuphela kwezwe, lelo esibuye silibize ngokuthi isimiso sezinto.—Mathewu 24:3.

Njengoba uJesu ayezobe esezulwini engabonakali, kwakudingeka uphawu abantu ababezolubona ukuze bazi ukuthi useqalile ukubusa. Ngenxa yalokho uJesu washo izinto okwakufanele abafundi bakhe bazibheke lapha emhlabeni. Lapho sezenzeka lezi zinto, kwakuyosho ukuthi usebuyile futhi useqalile ukuba yiNkosi ebusa ezulwini.

Ukuze uJesu afundise abafundi bakhe ukuthi kubalulekile ukuba bahlale beqaphile, wathi: ‘Bhekani umkhiwane nayo yonke eminye imithi: Lapho niyibona isihluma‚ niyazazela nani ukuthi manje ihlobo [isikhathi okuqala ngaso ukuba khona kwezimbali] seliseduze.’ Uyakwazi ukubona uma ihlobo seliseduze. Futhi ungakwazi ukubona ukuthi i-Armagedoni iseduze uma ubona kwenzeka izinto uJesu athi zizokwenzeka.—Luka 21:29, 30.

UJesu wayefundisa siphi isifundo lapho ekhuluma ngomkhiwane?

Kuleli khasi nakwelilandelayo, sizobona izithombe zezinto uJesu athi siyobona ngazo ukuthi uMbuso kaNkulunkulu useduze. Lapho sezenzeka zonke lezi zinto, uMbuso kaNkulunkulu ophethwe uMbusi uKristu uyoqeda bonke abanye ohulumeni, njengoba sifundile eSahlukweni 46.

Zibukisise-ke izithombe ezisemakhasini amabili angemuva kwaleli ngoba sizoxoxa ngazo. KuMathewu 24:6-14 nakuLuka 21:9-11 ungafunda ngezinto ozibona kulezi zithombe. Bheka nale nombolo encane esesithombeni ngasinye. Yona leyo nombolo uzoyibona ekuqaleni kwesigaba esichaza leso sithombe. Ake sibone-ke ukuthi ziyagcwaliseka yini lezi zinto eziningi uJesu ayethé kuyobonakala ngazo namuhla.

(1) UJesu wathi: ‘Niyokuzwa ngezimpi nemibiko yezimpi; isizwe siyolwa nesizwe nombuso ulwe nombuso.’ Wena uke wezwa abantu bekhuluma ngezimpi?— Impi yezwe yokuqala yalwiwa ngonyaka ka-1914 kuya ku-1918, ngemva kwayo kwaba khona iMpi Yezwe II, eyaqala ngonyaka ka-1939 kuya ku-1945. Zazingakaze zibe khona izimpi zomhlaba ngaphambi kwalezo! Manje izimpi zikhona emhlabeni wonke. Cishe nje zonke izinsuku sizwa ngezimpi ku-TV nasemsakazweni, noma sifunde ngazo emaphepheni.

(2) UJesu wathi futhi: “Kuyoba khona ukusweleka kokudla . . . ezindaweni ngezindawo.” Kungenzeka uyazi ukuthi abanye abantu abanako ukudla okwanele. Zonke izinsuku kufa abantu abaningi bebulawa ukuthi abanako ukudla.

(3) UJesu washo naloku: ‘Ezindaweni ngezindawo kuyoba khona izifo eziwumshayabhuqe.’ Uyazi ukuthi yini isifo esiwumshayabhuqe?— Yisifo esibulala abantu abaningi. Isifo esiwumshayabhuqe esibizwa ngokuthi umkhuhlane waseSpain sabulala abantu abangaba izigidi ezingu-20 ngonyaka owodwa. Namuhla, abantu abaningi kakhulu kunalabo cishe bazokufa bebulawa ingculaza. Kukhona nesifo okuthiwa umdlavuza, isifo senhliziyo, nezinye izifo ezibulala abantu abaningi njalo ngonyaka.

(4) UJesu wasinikeza nolunye uphawu, wathi: ‘Kuyoba khona ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.’ Uyazi ukuthi yini ukuzamazama komhlaba?— Uma umhlaba uzamazama umhlabathi uyanyakaza. Izindlu ziyadilika, kufe nabantu. Njalo ngonyaka, kusukela ngonyaka ka-1914, umhlaba uzamazama kaningi. Uke uzwe yini kukhulunywa ngokuzamazama komhlaba?—

(5) UJesu wathi olunye uphawu kuyoba ‘ukwanda kobubi.’ Yingakho bebaningi kangaka abantu abantshontshayo nabahlupha abanye. Yonke indawo abantu besaba ukuthi kungase kufike umuntu agqekeze ezindlini zabo. Emhlabeni wonke abukaze bube khona ubugebengu obuningi kangaka nabantu abaningi kangaka abahlupha abanye.

(6) UJesu washo uphawu olubaluleke kakhulu lapho ethi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Uma uzikholwa “lezi zindaba ezinhle,” kufanele uzixoxele abanye-ke. Uma ubaxoxela, uyobe wenza loko okushiwo yilolu phawu.

Abanye abantu bangase bathi izinto uJesu azisho bezilokhu zenzeka. Kodwa lezo zinto azikaze zenzeke zonke ezindaweni eziningi kangaka futhi zenzeke ngesikhathi esisodwa. Usuyabona yini manje ukuthi lusho ukuthini lolu phawu?— Lusho ukuthi lapho sizibona zonke lezi zinto zenzeka, kuyobe sekuseduze ukuba leli zwe elibi liphele kube khona izwe elisha likaNkulunkulu.

Ngesikhathi uJesu esho lolu phawu, wakhuluma nangenkathi ethile yonyaka. Wathi: “Thandazelani ukuba ukubaleka kwenu kungenzeki ngesikhathi sasebusika [isikhathi okusuke kumakhaza ngaso].” (Mathewu 24:20) Ucabanga ukuthi wayesho ukuthini?—

Yini engase yenzeke uma umuntu efuna ukubalekela into ethile embi ebusika, ngesikhathi okusuke kunzima futhi kuyingozi ngaso ukuhamba?— Uma kuwukuthi ugcina ekwazile ukubaleka, ngeke neze kube lula. Awucabangi ukuthi kuyoba buhlungu uma umuntu ebulawa amakhaza asebusika ngoba nje ebelibele ezinye izinto, wangahamba engakaqali amakhaza?—

Yisiphi isifundo uJesu ayesifundisa ngesikhathi ekhuluma ngokuzama ukubaleka ngesikhathi sasebusika?

Uyayizwa yini into uJesu ayesitshela yona uma ethi singalindi kuze kube sebusika bese siyabaleka?— Wayesitshela ukuthi njengoba sazi ukuthi i-Armagedoni iseduze, kufanele sisheshe sibonise ukuthi siyamthanda uNkulunkulu ngokumkhonza. Uma singasheshi, kungenzeka singabe sisasithola isikhathi sokumkhonza, bese sifana nabantu besikhathi sikaZamcolo abamuzwa uNowa kodwa bangangena emkhunjini.

Manje ake sixoxe ngokuthi kuyoba njani uma isidlulile impi enkulu ye-Armagedoni. Sizozwa ukuthi uNkulunkulu usibekeleni sonke thina esimthandayo nesimkhonzayo manje.

Le miBhalo elandelayo ibonisa ukuthi i-Armagedoni iseduze: 2 Thimothewu 3:1-5 neyesi-2 Petru 3:3, 4.