Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Yilokhu UNkulunkulu Ayekuhlosile?

Ingabe Yilokhu UNkulunkulu Ayekuhlosile?

FUNDA noma iliphi iphephandaba. Bukela ithelevishini noma ulalele umsakazo. Ziningi kakhulu izindaba zobugebengu, izimpi nobuphekula! Cabanga ngezakho izinto ezikukhathazayo. Mhlawumbe ukugula noma ukufa komuntu omthandayo kukucindezele kakhulu. Ungase uzizwe njengendoda elungileyo uJobe, eyathi “icwilé osizini.”—Jobe 10:15, The Holy Bible in the Language of Today.

Zibuze:

  • Ingabe yilokhu uNkulunkulu ayekuhlosile ngami nangaso sonke isintu?

  • Ngingalutholaphi usizo lokubhekana nezinkinga zami?

  • Likhona yini ithemba lokuthi siyoke sikubone ukuthula emhlabeni?

IBhayibheli linikeza izimpendulo ezigculisayo zale mibuzo.

IBHAYIBHELI LIFUNDISA UKUTHI UNKULUNKULU UYOKWENZA LEZI ZINGUQUKO EMHLABENI.

  • “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4

  • “Olunyonga uyoqombola njengendluzele.”—Isaya 35:6

  • “Amehlo ezimpumputhe ayovulwa.”—Isaya 35:5

  • ‘Bonke abasemathuneni bayokhunjulwa baphume.’—Johane 5:28, 29

  • “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24

  • “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni.”—IHubo 72:16

ZUZA KULOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI

Ungasheshi uziphike izinto eziboniswe emakhasini andulele uthi ziyiphupho nje. UNkulunkulu uthembise ukuthi uyozifeza lezi zinto futhi iBhayibheli liyachaza ukuthi uyozifeza kanjani.

Kodwa iBhayibheli lenza okungaphezu kwalokho. Likunikeza isihluthulelo sokuba ube nokuphila okwanelisa ngempela ngisho kwamanje. Ake uthi nje ukucabanga ngezinto ezikukhathazayo nezikuhluphayo. Kungase kube izinkinga zemali, ezomkhaya, ukungabi nampilo, noma ukufelwa umuntu omthandayo. IBhayibheli lingakusiza ukwazi ukubhekana nezinkinga namuhla, futhi lingakunikeza impumuzo ngokukuphendulela imibuzo enjengalena:

  • Kungani sihlupheka?

  • Singabhekana kanjani nezinkathazo zokuphila?

  • Singakwenza kanjani ukuphila kwemikhaya yethu kujabulise kakhulu?

  • Kwenzekani kithina lapho sifa?

  • Ingabe siyophinde sibabone abantu esibathandayo asebafa?

  • Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uzozifeza izithembiso zakhe zekusasa?

Ukufunda kwakho le ncwadi kubonisa ukuthi ungathanda ukuthola lokho okufundiswa iBhayibheli. Izokusiza le ncwadi. Phawula ukuthi ekugcineni kwekhasi kunemibuzo ehambisana nezigaba. Izigidi ziye zakujabulela ukusebenzisa indlela yemibuzo nezimpendulo lapho zixoxa ngeBhayibheli noFakazi BakaJehova. Sithemba ukuthi nawe uzokujabulela. Sengathi uNkulunkulu angakubusisa njengoba manje ujabulela isikhathi esimnandi nesanelisayo sokufunda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela!