Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO SOKUQALA

Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?

Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?
  •  Ingabe uNkulunkulu uyakukhathalela ngempela?

  • Unjani uNkulunkulu? Ingabe unalo igama?

  • Singasondela yini kuNkulunkulu?

1, 2. Kungani kukuhle ukubuza imibuzo?

WAKE wayiqaphela yini indlela izingane ezibuza ngayo imibuzo? Eziningi ziqala ukubuza ngokushesha nje lapho zifunda ukukhuluma. Zimagange, zivula amehlo, zikubuke bese zibuza izinto ezinjengokuthi: Kungani isibhakabhaka siluhlaza? Zenziwe ngani izinkanyezi? Ubani owafundisa izinyoni ukucula? Ungase uzame kanzima ukuphendula, kodwa akulula ngaso sonke isikhathi. Ngisho nempendulo yakho enhle kakhulu ingase iholele komunye umbuzo: Kungani?

2 Akuzona izingane kuphela ezibuza imibuzo. Njengoba sikhula, siyaqhubeka sibuza. Siyabuza ukuze siyalelwe indlela, ukuze sifunde ngezingozi okumelwe sizigweme, noma ukuze sanelise ilukuluku lethu lokwazi. Nokho kubonakala sengathi abantu abaningi bayayeka ukubuza imibuzo, ikakhulukazi leyo ebaluleke kakhulu. Okungenani, bayayeka ukufuna izimpendulo.

3. Kungani abaningi beyeka ukuzama ukuthola izimpendulo zemibuzo ebaluleke kakhulu?

3 Cabanga ngombuzo osesembozweni sale ncwadi, imibuzo ephakanyiswe esethulweni, noma  leyo esekuqaleni kwalesi sahluko. Lena eminye yemibuzo ebaluleke kunayo yonke ongase uyibuze. Noma kunjalo, abantu abaningi baye bayeka ukuzama ukuthola izimpendulo zayo. Kungani? IBhayibheli linazo yini izimpendulo? Abanye banomuzwa wokuthi izimpendulo zalo zinzima kakhulu ukuba baziqonde. Abanye besaba ukuthi ukubuza imibuzo kungabehlisa isithunzi noma kubaphoxe. Abanye futhi banquma ukuthi imibuzo enjalo kungcono ishiyelwe abaholi benkolo nabafundisi. Kuthiwani ngawe?

4, 5. Yimiphi eminye yemibuzo ebaluleke kakhulu esingayibuza, futhi kungani kufanele sifune izimpendulo?

4 Kungenzeka ukuthi uyathanda ukuthola izimpendulo zemibuzo yokuphila ebalulekile. Akungabazeki ukuthi ngezinye izikhathi uye uzibuze: ‘Iyini injongo yokuphila? Ingabe lokhu kuphila ukuphela kwakho? Unjani ngempela uNkulunkulu?’ Kuhle ukubuza imibuzo enjalo, futhi kubalulekile ukuba ungayeki ukufuna izimpendulo ezanelisayo nongazethemba kuze kube yilapho uzithola. Umfundisi odumile uJesu Kristu wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.”—Mathewu 7:7.

5 Uma ‘uqhubeka ufuna’ izimpendulo zemibuzo ebalulekile, uyothola ukuthi ukufuna kwakho kuba nomvuzo omkhulu. (IzAga 2:1-5) Naphezu kwalokho okungenzeka abanye bakutshele kona, zikhona izimpendulo futhi ungakwazi ukuzithola—eBhayibhelini. Akunzima kakhulu ukuziqonda. Okuhle nakakhulu ukuthi ziletha ithemba nenjabulo. Futhi zingakusiza ukuba uphile ukuphila okwanelisayo kwamanje. Okokuqala nje, ake sixoxe ngombuzo oye wahlupha abantu abaningi.

INGABE UNKULUNKULU AKASIKHATHALELI FUTHI ULUKHUNI?

6. Kungani abantu abaningi becabanga ukuthi uNkulunkulu akanandaba nokuhlupheka kwabantu?

6 Abantu abaningi bacabanga ukuthi impendulo yalo mbuzo inguyebo. Bathi, ‘Ukube uNkulunkulu ubesikhathalela, umhlaba ubungeke yini ube yindawo ehluke kakhulu kunalokho oyikho manje?’ Uma sibheka indawo esizungezile sibona izimpi, inzondo, nosizi. Njengabantu ngabanye, siyagula, siyahlupheka futhi sishonelwa abathandekayo. Ngenxa yalokhu, abaningi bathi, ‘Ukube uNkulunkulu ubenendaba nathi nezinkinga zethu, ubengeke yini azivimbele lezi zinto zingenzeki?’

7. (a) Abefundisi benkolo baye babenza kanjani abaningi bacabanga ukuthi uNkulunkulu ulukhuni? (b) Yini iBhayibheli eliyifundisayo ngempela ngezilingo esingase sibhekane nazo?

7 Okubi nakakhulu ukuthi abefundisi benkolo ngezinye izikhathi benza abantu bacabange ukuthi uNkulunkulu ulukhuni. Kanjani? Lapho kwenzeka inhlekelele, bathi kuyintando kaNkulunkulu. Empeleni, abefundisi abasho njalo basola uNkulunkulu ngezinto ezimbi ezenzekayo. Ingabe iqiniso lelo ngoNkulunkulu? Lifundisani ngempela iBhayibheli? UJakobe 1:13 uyaphendula: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” Ngakho uNkulunkulu akalokothi abangele ububi obubona ezweni elikuzungezile. (Jobe 34:10-12) Kuyavunywa, uyazivumela izinto ezimbi ukuba zenzeke. Kodwa kunomehluko omkhulu phakathi kokuvumela ukuba okuthile kwenzeke nokukubangela.

8, 9. (a) Ungawufanekisa kanjani umehluko phakathi kokuvumela ububi ukuba bube khona nokububangela? (b) Kungani bekungaba okungalungile ngathi ukusola isinqumo sikaNkulunkulu sokuvumela isintu ukuba silandele inkambo embi?

8 Ngokwesibonelo, cabanga ngobaba ohlakaniphile nonothando onendodana esikhulile esahlala nabazali bayo. Lapho le ndodana iqala ukuba ihlongandlebe futhi ikhetha ukushiya ikhaya, uyise akayinqabeli. Le ndodana iphila ukuphila okubi bese ingena enkingeni. Ingabe uyise uyimbangela yezinkinga zendodana yakhe? Cha. (Luka 15:11-13) Ngendlela efanayo, uNkulunkulu akabavimbanga abantu lapho bekhetha ukulandela inkambo embi, kodwa akayona imbangela yezinkinga ezibe umphumela. Ngokuqinisekile-ke, kungaba okungalungile ukusola uNkulunkulu ngazo zonke izinkathazo zesintu.

9 UNkulunkulu unezizathu ezinhle zokuvumela isintu silandele inkambo embi. NjengoMdali wethu ohlakaniphile nonamandla, akudingeki asichazele izizathu zakhe. Kepha ngenxa yothando, uyasichazela. Uzofunda okwengeziwe ngalezi zizathu eSahlukweni 11. Kodwa qiniseka ukuthi akuyena uNkulunkulu obangela izinkinga esibhekene nazo. Kunalokho, usinikeza okuwukuphela kwethemba lesixazululo!—Isaya 33:2.

10. Kungani singaba nethemba lokuthi uNkulunkulu uzoyilungisa yonke imiphumela yobubi?

10 Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu ungcwele. (Isaya 6:3) Lokhu kusho ukuthi umsulwa futhi uhlanzekile. Abukho nobuncí ububi kuyena. Ngakho singamethemba ngokuphelele. Asinakubethemba ngendlela efanayo abantu ngoba ngezinye izikhathi bayonakala. Ngisho nombusi othembeke kunabo bonke ngokuvamile akanawo amandla okulungisa umonakalo owenziwe abantu ababi. Kodwa uNkulunkulu unawo wonke amandla. Uyakwazi ukulungisa yonke imiphumela yobubi esintwini futhi uzoyilungisa. Lapho uNkulunkulu esethatha isinyathelo, uyobuqeda kuze kube phakade ububi!—IHubo 37:9-11.

UNKULUNKULU UZIZWA KANJANI NGOKUNGALUNGI ESIBHEKANA NAKHO?

11. (a) UNkulunkulu uzizwa kanjani ngokungalungi? (b) UNkulunkulu uzizwa kanjani ngokuhlupheka kwakho?

11 Okwamanje, uNkulunkulu uzizwa kanjani ngalokho okwenzeka emhlabeni nasekuphileni kwakho? IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu “ungumthandi wobulungisa.” (IHubo 37:28) Ngakho, unendaba nokuthi yini elungile nengalungile. Uzizonda zonke izinhlobo zokungalungi. IBhayibheli lithi uNkulunkulu “wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe” lapho ububi bugcwala emhlabeni ezikhathini ezidlule. (Genesise 6:5, 6) UNkulunkulu akakashintshi. (Malaki 3:6) Usakuzonda ukubona ukuhlupheka okusemhlabeni wonke. Futhi uNkulunkulu uyakuzonda ukubona abantu behlupheka. IBhayibheli lithi ‘uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.

IBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova unguMdali onothando wezulu nomhlaba

12, 13. (a) Kungani sinezimfanelo ezinhle ezifana nothando, futhi uthando luwuthinta kanjani umbono wethu ngomhlaba? (b) Kungani ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ngempela uzokwenza okuthile ngezinkinga zomhlaba?

12 Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyakuzonda ukubona ukuhlupheka? Nampu obunye ubufakazi. IBhayibheli lifundisa ukuthi umuntu wenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Genesise 1:26) Ngakho, sinezimfanelo ezinhle ngenxa yokuthi uNkulunkulu unezimfanelo ezinhle. Ngokwesibonelo, kuyakukhathaza yini wena ukubona abantu abangenacala behlupheka? Uma kukukhathaza, qiniseka ukuthi uNkulunkulu kumkhathaza ngisho nakakhulu.

13 Enye yezinto ezinhle kakhulu ngabantu ukuthi bayakwazi ukuthanda. Nalokhu futhi, kuwumfanekiso kaNkulunkulu. IBhayibheli lifundisa ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Siyathanda ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyathanda. Ingabe uthando lungakwenza ukuba uqede ukuhlupheka nokungalungi okubona emhlabeni? Ukube ubunamandla okukwenza, ingabe ubuyokwenza? Nakanjani! Ungaqiniseka ngendlela efanayo ukuthi uNkulunkulu uyokuqeda ukuhlupheka nokungalungi. Izithembiso okukhulunywe ngazo esethulweni sale ncwadi aziwona nje amaphupho noma amathemba angasho lutho. Izithembiso zikaNkulunkulu ziyogcwaliseka nakanjani! Nokho, ukuze ube nokholo ezithembisweni ezinjena, kudingeka wazi okwengeziwe ngoNkulunkulu ozenzile.

UNKULUNKULU UFUNA UMAZI UKUTHI UNGUBANI

Uma ufuna ukuba othile akwazi, awumtsheli yini igama lakho? UNkulunkulu usambulele igama lakhe eBhayibhelini

14. Ubani igama likaNkulunkulu, futhi kungani kumelwe silisebenzise?

14 Uma ufuna ukuba othile akwazi, yini obungayenza? Ubungeke yini umtshele igama lakho? Ingabe uNkulunkulu unalo igama? Izinkolo eziningi ziphendula ngokuthi igama lakhe “uNkulunkulu” noma “iNkosi,” kodwa lawa akuwona amagama akhe. Amane nje ayiziqu, njengoba elithi “nkosi” nelithi “mongameli” eyiziqu. IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uneziqu eziningi. Elithi “Nkulunkulu” nelithi “Nkosi” aphakathi kwazo. Liphinde lifundise ukuthi uNkulunkulu unalo igama lakhe siqu: elithi Jehova. IHubo 83:18 lithi: “Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Uma inguqulo yakho yeBhayibheli ingenalo leli gama, ungabheka iSithasiselo emakhasini 195-7 kule ncwadi ukuze uthole ukuthi kungani kunjalo. Iqiniso liwukuthi igama likaNkulunkulu livela izinkulungwane zezikhathi emibhalweni yesandla yeBhayibheli yakudala. Ngakho uJehova ufuna ukuba ulazi igama lakhe futhi ulisebenzise. Kunjengokungathi usebenzisa iBhayibheli ukuze azethule kuwena.

15. Lisho ukuthini igama elithi Jehova?

15 UNkulunkulu wazinikeza igama elimchazayo. Igama lakhe elithi Jehova, lisho ukuthi uNkulunkulu angafeza noma yisiphi isithembiso asenzayo futhi agcwalise noma iyiphi injongo ayihlosile. * Igama likaNkulunkulu liyingqayizivele, alifani nelamuntu. Elakhe yedwa. UJehova uhlukile ngezindlela eziningi. Kanjani?

16, 17. Yini esingase siyifunde ngoJehova kulezi ziqu ezilandelayo: (a) “Mninimandla onke”? (b) “Nkosi yaphakade”? (c) “Mdali”?

16 Sibonile ukuthi iHubo 83:18 lithé ngoJehova: “Wena wedwa ungoPhezukonke.” Ngokufanayo, nguJehova yedwa obizwa ngokuthi ‘uMninimandla onke.’ IsAmbulo 15:3 sithi: “Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke. Zilungile ziyiqiniso izindlela zakho, Nkosi yaphakade.” Isiqu esithi “Mninimandla onke” sisifundisa ukuthi uJehova unamandla kunakho konke okudaliwe. Amandla akhe awanakuqhathaniswa; aphakeme kakhulu. Futhi isiqu esithi “Nkosi yaphakade” sisikhumbuza ukuthi uJehova uhluke nangenye indlela. Uyena yedwa obelokhu ekhona. IHubo 90:2 lithi: “Yebo, kusukela nini nanini kuze kube nini nanini [noma, kuze kube phakade] wena unguNkulunkulu.” Akukumangalisi yini lokhu?

17 UJehova uhlukile futhi ngokuthi uyena yedwa onguMdali. IsAmbulo 4:11 sifundeka kanje: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.” Konke ongase ukucabange—kusukela ezidalweni zomoya zasezulwini ezingabonakali kuya ezinkanyezini ezigcwala esibhakabhakeni ebusuku, kuye esithelweni esisesihlahleni kuze kufike nasezinhlanzini ezisezilwandle nasemifuleni—konke kukhona ngenxa yokuthi uJehova unguMdali!

UNGAKWAZI YINI UKUSONDELA KUJEHOVA?

18. Kungani abanye abantu benomuzwa wokuthi abasoze bakwazi ukusondela kuNkulunkulu, kodwa yini iBhayibheli eliyifundisayo?

18 Ukufunda ngezimfanelo zikaJehova ezimangalisayo kwenza abanye bazizwe bengakhululekile. Besaba ukuthi uNkulunkulu uphakeme kakhulu kunabo, ukuthi abasoze bakwazi ukusondela kuye nokuthi abalutho kuNkulunkulu ophakeme kangaka. Kodwa ingabe lo mbono unembile? IBhayibheli lifundisa okuphambene nalokhu. Lithi ngoJehova: ‘Eqinisweni, akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) IBhayibheli lize lisinxuse: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.

19. (a) Singaqala kanjani ukusondela kuNkulunkulu, futhi kube naziphi izinzuzo? (b) Iziphi izimfanelo zikaJehova ezikukhanga kakhulu?

19 Ungasondela kanjani kuNkulunkulu? Okokuqala, qhubeka wenza lokhu okwenzayo manje—ukufunda ngoNkulunkulu. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Yebo, iBhayibheli lifundisa ukuthi ukufunda ngoJehova nangoJesu kuholela ‘ekuphileni okuphakade’! Njengoba kuye kwaphawulwa, “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:16) UJehova unezinye futhi izimfanelo ezinhle nezikhangayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uJehova “uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso.” (Eksodusi 34:6) “Muhle futhi ukulungele ukuthethelela.” (IHubo 86:5) UNkulunkulu uyabekezela. (2 Petru 3:9) Uthembekile. (IsAmbulo 15:4) Njengoba ufunda okwengeziwe eBhayibhelini, uzobona ukuthi uJehova uye waziveza kanjani lezi zimfanelo kanye neziningi ezinye ezikhangayo.

20-22. (a) Ingabe ukungakwazi kwethu ukubona uNkulunkulu kuyasivimba ukuba sisondelane naye? Chaza. (b) Abanye abantu abahlose okuhle bangase bakuncenge ukuba wenzeni, kodwa wena kufanele wenzeni?

20 Yiqiniso, awunakumbona uNkulunkulu ngoba ungumoya. (Johane 1:18; 4:24; 1 Thimothewu 1:17) Noma kunjalo, ngokufunda ngaye emakhasini eBhayibheli, ungakwazi ukumazi njengomuntu. Njengoba umhubi asho, ungakwazi ‘ukubona ubuhle bukaJehova.’ (IHubo 27:4; Roma 1:20) Lapho uqhubeka ufunda okwengeziwe ngoJehova, yilapho eyoba ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe futhi uyoba nezizathu ezengeziwe zokumthanda futhi uzizwe usondelene naye.

Uthando ubaba onothando analo ngabantwana bakhe luveza uthando olukhulu nakakhulu uBaba wethu osezulwini analo ngathi

21 Uyoya uqonda ukuthi kungani iBhayibheli lisifundisa ukuba sibheke uJehova njengoBaba wethu. (Mathewu 6:9) Akukhona nje ukuthi usinikeze ukuphila kodwa usifunela okungcono kakhulu esingakuthola—njengoba nje noma yimuphi ubaba onothando ebengafunela izingane zakhe. (IHubo 36:9) IBhayibheli lifundisa nokuthi abantu bangaba abangane bakaJehova. (Jakobe 2:23) Cabanga nje—ungaba umngane woMdali wezulu nomhlaba!

22 Njengoba ufunda okwengeziwe eBhayibhelini, ungase uthole ukuthi abanye abantu abahlose okuhle bayakuncenga ukuba uyeke ukufunda. Kungenzeka besaba ukuthi uzoshintsha izinkolelo zakho. Kodwa ungavumeli muntu akuyekise ukwakha ubungane obuhle kakhulu ongase ube nabo.

23, 24. (a) Kungani kumelwe uqhubeke ubuza imibuzo ngalokho okufundayo? (b) Kuzoxoxwa ngani esahlukweni esilandelayo?

23 Yebo, zikhona izinto ongeke uziqonde ekuqaleni. Kungase kudingeke ukuthobeka ukucela usizo, kodwa unganqikazi ngenxa yamahloni. UJesu wathi kuhle ukuba othobekile njengomntwana omncane. (Mathewu 18:2-4) Futhi njengoba sazi, abantwana babuza imibuzo eminingi. UNkulunkulu ufuna ukuba uthole izimpendulo. IBhayibheli liyabancoma abathile ababekulangazelela ukufunda ngoNkulunkulu. Bahlola ngokucophelela imiBhalo ukuze baqiniseke ukuthi ababekufunda kuyiqiniso.—IzEnzo 17:11.

24 Indlela engcono kakhulu yokufunda ngoJehova ukuhlola iBhayibheli. Lihlukile kunoma iyiphi enye incwadi. Ngayiphi indlela? Isahluko esilandelayo sizoxoxa ngayo le ndaba.

^ isig. 15 Uzothola okwengeziwe ngencazelo kanye nokuphinyiselwa kwegama likaNkulunkulu emakhasini 195-7 eSithasiselo.