Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO SESISHIYAGALOMBILI

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
  • IBhayibheli lisitshelani ngoMbuso kaNkulunkulu?

  • Yini ezokwenziwa uMbuso kaNkulunkulu?

  • UMbuso uzobangela ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe nini lapha emhlabeni?

1. Yimuphi umthandazo odumile esizowuhlola manje?

IZIGIDI zabantu emhlabeni wonke ziwujwayele umthandazo abaningi abawubiza ngokuthi uBaba Wethu noma uMthandazo WeNkosi. Zombili lezi zinkulumo zibhekisela emthandazweni odumile uJesu Kristu uqobo lwakhe awunikeza njengesibonelo. Okushiwo yilo mthandazo kubalulekile, futhi ukufunda ngezicelo zawo ezintathu zokuqala kuzokusiza ukuba wazi okwengeziwe ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela.

2. Yiziphi izinto ezintathu uJesu afundisa abafundi bakhe ukuba bazithandazele?

2 Ekuqaleni kwalo mthandazo oyisibonelo, uJesu wayala ababemlalele: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.’” (Mathewu 6:9-13) Zisho ukuthini lezi zicelo ezintathu?

3. Yini okudingeka siyazi ngoMbuso kaNkulunkulu?

3 Sesifunde okuningi kakade ngegama likaNkulunkulu, elithi Jehova. Futhi ngokwezinga elithile sesiye saxoxa ngentando kaNkulunkulu—lokho aye wakwenzela isintu nalokho asazosenzela khona. Kodwa uJesu wayesho ukuthini lapho esitshela ukuba sithandaze: “Umbuso wakho mawuze”? Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Ukuza kwawo kuyolingcwelisa kanjani igama likaNkulunkulu? Futhi ukuza koMbuso kuhlobene kanjani nokwenziwa kwentando kaNkulunkulu?

LOKHO UMBUSO KANKULUNKULU OYIKHO

4. Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi ubani iNkosi yawo?

4 UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni omiswe uJehova uNkulunkulu oneNkosi ayikhethile. Ubani iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu? UJesu Kristu. UJesu njengeNkosi mkhulu kunabo bonke ababusi abangabantu futhi ubizwa ngokuthi “iNkosi yalabo ababusa njengamakhosi noMbusi walabo ababusa njengababusi.” (1 Thimothewu 6:15) Unamandla okwenza okuhle kakhulu ukwedlula noma yimuphi umbusi ongumuntu, noma angaze abe ngcono kangakanani.

5. UMbuso kaNkulunkulu uyobusa ukuphi, futhi phezu kwani?

5 UMbuso kaNkulunkulu uyobusa ukuphi? Kanti uJesu yena ukuphi? Uzokhumbula ufunda ukuthi wabulawa esigxotsheni sokuhlushwa, wabe esevuswa. Ngokushesha ngemva kwalokho, wanyukela ezulwini. (IzEnzo 2:33) Ngakho, uMbuso kaNkulunkulu ulapho—ezulwini. Yingakho iBhayibheli liwubiza ngokuthi ‘umbuso wasezulwini.’ (2 Thimothewu 4:18) Nakuba uMbuso kaNkulunkulu usezulwini, uyobusa phezu komhlaba.—IsAmbulo 11:15.

6, 7. Yini eyenza uJesu abe iNkosi evelele?

6 Yini eyenza uJesu abe iNkosi evelele? Isizathu ukuthi akasoze afa. Uma liqhathanisa uJesu namakhosi angabantu, iBhayibheli lithi nguye “yedwa onokungafi, ohlala ekukhanyeni ongenakusondela kuko.” (1 Thimothewu 6:16) Lokhu kusho ukuthi konke okuhle uJesu akwenzayo kuyohlala phakade. Futhi uyozenza nakanjani izinto ezinhle nezinkulu.

7 Cabanga ngalesi siprofetho seBhayibheli ngoJesu: “Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya weseluleko nowamandla, umoya wolwazi nowokwesaba uJehova; futhi uyojabula ngokwesaba uJehova. Ngeke ahlulele ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe. Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga, futhi uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.” (Isaya 11:2-4) La mazwi abonisa ukuthi uJesu uzoba iNkosi ebabusa ngokulunga nangozwela abantu emhlabeni. Ungathanda yini wena ukuba nombusi onjalo?

8. Obani abayobusa noJesu?

8 Nanti elinye iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu: UJesu ngeke abuse yedwa. Kunabanye azobusa nabo. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu watshela uThimothewu: “Uma siqhubeka sikhuthazela, siyobusa kanye naye futhi njengamakhosi.” (2 Thimothewu 2:12) Yebo, uPawulu, uThimothewu kanye nabanye abathembekileyo abakhethwe uNkulunkulu bayobusa ndawonye noJesu eMbusweni wasezulwini. Bangaki abayoba nalelo lungelo?

9. Bangaki abayobusa noJesu, futhi uNkulunkulu waqala nini ukubakhetha?

9 Njengoba kuveziwe eSahlukweni 7 sale ncwadi, umphostoli uJohane wanikezwa umbono abona kuwo “iWundlu [uJesu Kristu] limi eNtabeni iZiyoni [isikhundla sakhe sobukhosi ezulwini], kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane kulotshwé igama lalo negama likaYise emabunzini abo.” Bangobani laba abangu-144 000? UJohane uyasitshela: “Laba yibo abaqhubeka belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi. Laba bathengwa kubantu njengolibo kuNkulunkulu neWundlu.” (IsAmbulo 14:1, 4) Yebo, bangabalandeli bakaJesu Kristu abathembekile abakhethwe ngokukhethekile ukuba babuse naye ezulwini. Ngemva kokuvuselwa ekuphileni kwasezulwini, kumelwe ‘babuse njengamakhosi phezu komhlaba’ kanye noJesu. (IsAmbulo 5:10) Kusukela ezinsukwini zabaphostoli, uNkulunkulu ubelokhu ekhetha amaKristu athembekile ukuze aphelelise leli nani elingu-144 000.

10. Kungani kuyilungiselelo lothando ukuba kube uJesu kanye nabangu-144 000 ababusa isintu?

10 Ukwenza ukuba kube uJesu nabangu-144 000 abazobusa isintu kuwuthando ngempela. UJesu uyazi ukuthi kunjani ukuba ngumuntu nokuhlupheka. UPawulu wathi uJesu akayena “ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono.” (Hebheru 4:15; 5:8) Labo abazobusa naye nabo baye bahlupheka futhi bakhuthazela besengabantu. Ngaphezu kwalokho, baye balwisana nokungapheleli futhi babhekana nazo zonke izinhlobo zokugula. Ngokuqinisekile, bayoziqonda izinkinga zabantu!

YINI EZOKWENZIWA UMBUSO KANKULUNKULU?

11. UJesu wathi abafundi bakhe bathandaze bathini ngentando kaNkulunkulu?

11 Lapho uJesu etshela abafundi bakhe ukuba bathandazele ukufika koMbuso kaNkulunkulu, wathi futhi kumelwe bathandazele nokuba intando kaNkulunkulu yenziwe “nasemhlabeni.” UNkulunkulu usezulwini, futhi izingelosi zakhe ezithembekile bezilokhu ziyenza intando yakhe khona. Nokho eSahlukweni 3 sale ncwadi, sifunde ukuthi ingelosi embi yayeka ukwenza intando kaNkulunkulu futhi yabangela ukuba u-Adamu no-Eva bone. ESahlukweni 10, sizofunda okwengeziwe ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ngale ngelosi embi, ebizwa ngokuthi uSathane uDeveli. USathane nezidalwa zomoya eziyizingelosi ezakhetha ukumlandela—ezibizwa ngokuthi amademoni—bavunyelwa ukuba bahlale ezulwini isikhashana. Ngakho kwakungebona bonke ezulwini ababenza intando kaNkulunkulu. Lokho kwakuzoshintsha lapho uMbuso kaNkulunkulu usuqala ukubusa. INkosi eyayiyobe isanda kubekwa, uJesu Kristu, yayizokulwa noSathane.—IsAmbulo 12:7-9.

12. Yiziphi izenzakalo ezimbili ezibalulekile ezichazwe kusAmbulo 12:10?

12 Amazwi alandelayo ayisiprofetho achaza lokho okwakuzokwenzeka: “Ngezwa izwi elikhulu ezulwini lithi: ‘Manje isikhona insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu negunya likaKristu wakhe, ngoba ummangaleli wabafowethu [uSathane] uphonswe phansi, lowo obamangalela imini nobusuku phambi kukaNkulunkulu wethu!’” (IsAmbulo 12:10) Uziphawulile yini izenzakalo ezimbili ezibalulekile ezichazwe kuleli vesi leBhayibheli? Esokuqala, uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaJesu Kristu uqala ukubusa. Esesibili, uSathane uyaxoshwa ezulwini aphonswe emhlabeni.

13. Uye waba yini umphumela wokuxoshwa kukaSathane ezulwini?

13 Iye yaba yini imiphumela yalezi zenzakalo ezimbili? Ngokuphathelene nalokho okwenzeka ezulwini, siyafunda: “Ngenxa yalokhu, thokozani nina mazulu nani enihlala kuwo!” (IsAmbulo 12:12) Yebo, izingelosi ezithembekile ezulwini ziyajabula ngenxa yokuthi bonke abasele ezulwini manje bathembekile kuJehova uNkulunkulu njengoba uSathane namademoni akhe bengasekho. Kunokuthula nokuzwana okuphelele. Intando kaNkulunkulu iyenziwa ezulwini.

Ukuxoshwa kukaSathane namademoni akhe ezulwini kwaletha umayé emhlabeni. Izinkinga ezinjena zizophela ngokushesha

14. Yini eye yenzeka ngenxa yokuxoshwa kukaSathane ezulwini?

14 Emhlabeni khona? IBhayibheli lithi: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.” (IsAmbulo 12:12) USathane uthukuthele ngenxa yokuxoshwa kwakhe ezulwini nokuthi usalelwe isikhathi esifushane. Njengoba ethukuthele ubangela izingcindezi noma ‘umayé’ emhlabeni. Sizofunda okwengeziwe ngalo “mayé” esahlukweni esilandelayo. Sinalokhu engqondweni singase sibuze, UMbuso ungenza kanjani ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni?

15. Iyini intando kaNkulunkulu ngomhlaba?

15 Khumbula ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngomhlaba. Ufunde ngayo eSahlukweni 3. E-Edene uNkulunkulu wabonisa ukuthi intando yakhe iwukuba lo mhlaba ube yipharadesi eligcwele uhlanga lwesintu esilungileyo nesingafi. USathane wabangela ukuba u-Adamu no-Eva bone, futhi lokhu kwathinta ukufezeka kwentando kaNkulunkulu ngomhlaba kodwa akuzange kuyishintshe. UJehova usahlose ukuba ‘abalungileyo badle ifa lomhlaba, futhi bahlale kuwo kuze kube phakade.’ (IHubo 37:29) UMbuso kaNkulunkulu uyokufeza lokhu. Kanjani?

16, 17. UDaniyeli 2:44 usitshelani ngoMbuso kaNkulunkulu?

16 Cabanga ngesiprofetho esikuDaniyeli 2:44. Siyafunda: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” Kusitshelani lokhu ngoMbuso kaNkulunkulu?

17 Okokuqala, kusitshela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyomiswa “ezinsukwini zalawo makhosi,” noma ngenkathi isekhona eminye imibuso. Okwesibili, kusitshela ukuthi uMbuso uyokuma phakade. Awusoze wanqotshwa bese isikhundla sawo sithathwa omunye uhulumeni. Okwesithathu, kusitshela ukuthi kuyoba nempi phakathi koMbuso kaNkulunkulu nemibuso yaleli zwe. UMbuso kaNkulunkulu uyonqoba. Ekugcineni, kuyoba yiwona wodwa obusa isintu. Ngaleso sikhathi abantu bayoba nombuso ongcono kunayo yonke abake bayibona.

18. Ibizwa ngokuthini impi yokugcina phakathi koMbuso kaNkulunkulu kanye nohulumeni baleli zwe?

18 IBhayibheli lisho okuningi ngaleyo mpi yokugcina phakathi koMbuso kaNkulunkulu kanye nohulumeni baleli zwe. Ngokwesibonelo, lifundisa ukuthi njengoba ukuphela kusondela, imimoya emibi iyosakaza amanga ukuze ikhohlise ‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe.’ Ngayiphi injongo? ‘Ukuze ibuthele [amakhosi] ndawonye, empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Amakhosi omhlaba ayobuthelwa ndawonye “endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi iHar–Magedoni.” (IsAmbulo 16:14, 16) Ngenxa yalokho okushiwo kula mavesi amabili, impi yokugcina phakathi kohulumeni babantu kanye noMbuso kaNkulunkulu ibizwa ngokuthi impi ye-Har–Magedoni noma ye-Armagedoni.

19, 20. Yini evimbela ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni njengamanje?

19 Yini eyofezwa uMbuso kaNkulunkulu nge-Armagedoni? Ake uphinde ucabange ukuthi iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba. UJehova uNkulunkulu wayehlose ukuba umhlaba ugcwale abantu abalungileyo, abaphelele abamkhonzayo ePharadesi. Yini evimbela lokhu ukuba kwenzeke kwamanje? Okokuqala, sinesono futhi siyagula, sife. Nokho, sifundile eSahlukweni 5 ukuthi uJesu wasifela ukuze siphile phakade. Cishe uyawakhumbula amazwi alotshwe eVangelini likaJohane: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.

20 Enye inkinga ukuthi abantu abaningi benza izinto ezimbi. Baqamba amanga, bakhohlise, futhi baziphatha kabi. Abafuni ukwenza intando kaNkulunkulu. Abantu abenza izinto ezimbi bayobhujiswa empini kaNkulunkulu ye-Armagedoni. (IHubo 37:10) Esinye futhi isizathu sokuba intando kaNkulunkulu ingenziwa la emhlabeni ukuthi ohulumeni ababakhuthazi abantu ukuba bayenze. Ohulumeni abaningi abanawo amandla okuqondisa abantu, banonya, futhi bakhohlakele. IBhayibheli lisho ngokungagwegwesi: “Phakathi nesikhathi umuntu aye wabusa ngaso umuntu [kuye] kwaba ukulimala kwakhe.”—UmShumayeli 8:9.

21. UMbuso uyokwenza kanjani ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni?

21 Ngemva kwe-Armagedoni, isintu siyoba ngaphansi kukahulumeni owodwa vó, uMbuso kaNkulunkulu. Lo Mbuso uyokwenza intando kaNkulunkulu futhi ulethe izibusiso ezinhle. Ngokwesibonelo, uyosusa uSathane namademoni akhe. (IsAmbulo 20:1-3) Kuyosetshenziswa amandla omhlatshelo kaJesu ukuze abantu abathembekile bangaphinde bagule noma bafe. Esikhundleni salokho, ngaphansi kokubusa koMbuso, bayophila phakade. (IsAmbulo 22:1-3) Umhlaba uyokwenziwa ipharadesi. Ngaleyo ndlela uMbuso uyobangela ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni futhi ungcwelise igama likaNkulunkulu. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi ekugcineni, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, wonke umuntu ophilayo uyokhazimulisa igama likaJehova.

UMBUSO KANKULUNKULU UZOSITHATHA NINI ISINYATHELO?

22. Sazi kanjani ukuthi uMbuso kaNkulunkulu awufikanga ngesikhathi uJesu esemhlabeni noma ngokushesha ngemva kokuvuswa kwakhe?

22 Lapho uJesu etshela abalandeli bakhe ukuba bathandaze, “UMbuso wakho mawuze,” kusobala ukuthi uMbuso wawungakafiki ngaleso sikhathi. Ingabe wafika lapho uJesu enyukela ezulwini? Cha, ngoba ngemva kokuvuswa kukaJesu, uPetru noPawulu bathi isiprofetho esikumaHubo 110:1 sagcwaliseka kuye: “UJehova uthi eNkosini yami: ‘Hlala ngakwesokunene sami ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.’” (IzEnzo 2:32-34; Hebheru 10:12, 13) Kwakuzoba nenkathi yokulinda.

 

23. (a) Waqala nini ukubusa uMbuso kaNkulunkulu? (b) Yini okuzoxoxwa ngayo esahlukweni esilandelayo?

23 Kwakuzoba isikhathi eside kangakanani? Phakathi nekhulu le-19, abafundi beBhayibheli abaqotho babala bathola ukuthi inkathi yokulinda yayizophela ngo-1914. (Maqondana nalo nyaka, bheka iSithasiselo, amakhasi 215-18.) Izenzakalo zomhlaba ezaqala ngo-1914 zibonisa ukuthi ukubala kwalaba bafundi beBhayibheli kwakunembile. Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi ngo-1914, uKristu waba yiNkosi futhi uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini waqala ukubusa. Ngakho siphila phakathi ‘nesikhathi esifushane’ esisalele uSathane. (IsAmbulo 12:12; IHubo 110:2) Singasho ngokuqiniseka futhi ukuthi ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uzothatha isinyathelo ukuze wenze intando kaNkulunkulu yenzeke emhlabeni. Ingabe uzwa kuyizindaba ezinhle lezi? Uyakholelwa ukuthi ziyiqiniso? Isahluko esilandelayo sizokusiza ukuba ubone ukuthi ngempela iBhayibheli liyazifundisa lezi zinto.

Ngaphansi kokubusa koMbuso, intando kaNkulunkulu iyokwenziwa nasemhlabeni njengoba yenziwa ezulwini