Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO SESHUMI

Izidalwa Zomoya—Indlela Ezisithinta Ngayo

Izidalwa Zomoya—Indlela Ezisithinta Ngayo
  • Ingabe izingelosi ziyabasiza abantu?

  • Imimoya emibi iye yabathonya kanjani abantu?

  • Ingabe kuyadingeka sesabe imimoya emibi?

1. Kungani kufanele sifune ukwazi ngezingelosi?

UKUMAZI kahle umuntu othile ngokuvamile kuhilela nokwazi okuthile ngomkhaya wakhe. Ngokufanayo, ukwazi uJehova uNkulunkulu kuhlanganisa nokujwayelana kangcono nomkhaya wakhe wezingelosi. IBhayibheli libiza izingelosi ngokuthi “amadodana kaNkulunkulu.” (Jobe 38:7) Iyini-ke indima yazo enjongweni kaNkulunkulu? Ingabe zake zaba nengxenye emlandweni wesintu? Ingabe izingelosi ziyakuthinta ukuphila kwakho? Uma kunjalo, kanjani?

2. Zavelaphi izingelosi, futhi zingaki?

2 IBhayibheli likhuluma kaningi kakhulu ngezingelosi. Ake sibheke ezimbalwa zalezo zikhathi ukuze sifunde okwengeziwe ngazo. Zavelaphi izingelosi? EyabaseKolose 1:16 ithi: “Kwadalwa ngayo [iNdodana uJesu Kristu] zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni.” Ngakho zonke izidalwa zomoya ezibizwa ngokuthi izingelosi zadalwa uJehova uNkulunkulu esebenzisa iZibulo lakhe. Zingaki izingelosi? IBhayibheli libonisa ukuthi kwadalwa amakhulu ezigidi zezingelosi, futhi zonke zinamandla.—IHubo 103:20. *

3. UJobe 38:4-7 usitshelani ngezingelosi?

3 IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lisitshela ukuthi lapho kumiswa umhlaba, ‘wonke amadodana kaNkulunkulu aqala ukumemeza ehalalisa.’ (Jobe 38:4-7) Ngakho izingelosi zaba khona kusasele isikhathi eside kudalwe abantu, ngisho nangaphambi kokuba kudalwe umhlaba. La mavesi eBhayibheli abonisa nokuthi izingelosi zinemizwa, ngoba athi ‘zamemeza zihalalisa. Phawula ukuthi “wonke amadodana kaNkulunkulu” ajabula ndawonye. Ngaleso sikhathi zonke izingelosi zaziyingxenye yomkhaya onobunye okhonza uJehova uNkulunkulu.

UKUSEKELWA NOKUVIKELWA IZINGELOSI

4. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi izingelosi ezithembekile ziyathanda ukwazi okwenziwa abantu?

4 Kusukela zabona kudalwa abantu bokuqala, izidalwa zomoya ezithembekile ziye zabonisa ukuthi ziyathanda ukubona ukwanda komkhaya wesintu nokugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu. (IzAga 8:30, 31; 1 Petru 1:11, 12) Nokho, njengoba isikhathi siqhubeka, izingelosi zaqaphela ukuthi iningi lomkhaya wesintu lalingasamkhonzi uMdali walo onothando. Akungatshazwa ukuthi lokhu kwazidabukisa izingelosi ezithembekile. Kanti noma nini lapho umuntu oyedwa ephenduka ebuyela kuJehova, “kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi.” (Luka 15:10) Njengoba ziyikhathalela kangaka inhlalakahle yalabo abakhonza uNkulunkulu, akumangazi ukuthi uJehova uye wazisebenzisa kaningi ukuze ziqinise futhi zivikele izinceku zakhe ezithembekile emhlabeni. (Hebheru 1:7, 14) Cabanga ngezibonelo ezimbalwa.

“UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe yavala umlomo wezingonyama.”—Daniyeli 6:22

5. Yiziphi izibonelo zokusekelwa yizingelosi esizithola eBhayibhelini?

5 Izingelosi ezimbili zasiza indoda elungile uLoti namadodakazi ayo ukuba basinde lapho kubhujiswa imizi emibi yaseSodoma naseGomora ngokubakhiphela ngaphandle kwaleyo mizi. (Genesise 19:15, 16) Emakhulwini eminyaka kamuva, umprofethi uDaniyeli waphonswa emgodini wezingonyama kodwa wangalimala, wabe esethi: “UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe yavala umlomo wezingonyama.” (Daniyeli 6:22) Ekhulwini lokuqala C.E., ingelosi yakhulula umphostoli uPetru etilongweni. (IzEnzo 12:6-11) Izingelosi zaphinde zasekela uJesu ngenkathi eqala inkonzo yakhe yasemhlabeni. (Marku 1:13) Ngaphambi nje kokufa kwakhe, ingelosi yabonakala kuJesu “yamqinisa.” (Luka 22:43) Yeka indlela okumelwe ukuba kwamduduza ngayo uJesu lokhu kulezo zikhathi ezazibaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe!

6. (a) Izingelosi zibavikela kanjani abantu bakaNkulunkulu namuhla? (b) Yimiphi imibuzo esizoyiphendula manje?

6 Namuhla, abantu bakaNkulunkulu emhlabeni abasaziboni izingelosi. Nakuba zingasabonakali ngamehlo enyama, izingelosi zikaNkulunkulu ezinamandla zisabavikela abantu bakhe, ikakhulukazi kunoma yini engabalimaza ngokomoya. IBhayibheli lithi: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.” (IHubo 34:7) Kungani kufanele asiduduze la mazwi? Kungenxa yokuthi kunezidalwa zomoya ezimbi neziyingozi ezifuna ukusibhubhisa! Zingobani? Zivelaphi? Zizama kanjani ukusilimaza? Ukuze sithole izimpendulo, ake sifunde kafushane ngokuthile okwenzeka ekuqaleni komlando wesintu.

IZIDALWA ZOMOYA EZIYIZITHA ZETHU

7. USathane waphumelela ngezinga elingakanani ukususa abantu kuNkulunkulu?

7 Njengoba sifundile eSahlukweni 3 sale ncwadi, enye yezingelosi yaba nesifiso sokubusa abanye, ngenxa yalokho yaphendukela uNkulunkulu. Kamuva leyo ngelosi yaziwa ngokuthi uSathane uDeveli. (IsAmbulo 12:9) Phakathi namakhulu eminyaka angu-16 ngemva kokukhohlisa u-Eva, uSathane waphumelela ukususa cishe bonke abantu kuNkulunkulu ngaphandle kwabambalwa abathembekile, njengo-Abela, u-Enoke noNowa.—Hebheru 11:4, 5, 7.

8. (a) Kwenzeka kanjani ukuba ezinye izingelosi zibe amademoni? (b) Ukuze amademoni asinde kuZamcolo wosuku lukaNowa, kwadingeka enzeni?

8 Osukwini lukaNowa, ezinye izingelosi zamhlubuka uJehova. Zashiya izindawo zazo emkhayeni kaNkulunkulu ezulwini, zeza emhlabeni futhi zathatha imizimba yenyama. Kungani zenza kanjalo? KuGenesise 6:2 siyafunda: “Amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqala ukuqaphela amadodakazi abantu, ukuthi ayebukeka; ayesezithathela abafazi, okungukuthi, wonke lawo ayewakhetha.” Kodwa uJehova uNkulunkulu akasivumelanga ukuba siqhubeke lesi senzo sezingelosi kanye nokonakala kwesintu okwaba umphumela. Waletha uzamcolo wembulunga yonke owakhukhula bonke abantu ababi, kwasinda izinceku zakhe ezithembekile kuphela. (Genesise 7:17, 23) Ngemva kwalokho izingelosi ezase zihlubukile, noma amademoni, zaphoqeleka ukuba zishiye imizimba yazo yenyama zibuyele ezulwini njengezidalwa zomoya. Zase zizibeke ohlangothini lukaDeveli, owabe eseba ‘umbusi wamademoni.’—Mathewu 9:34.

9. (a) Kwenzekani emademonini lapho ebuyela ezulwini? (b) Yini esizoyifunda mayelana namademoni?

9 Lapho izingelosi ezingalaleli zibuyela ezulwini, zakhishwa inyumbazane njengoSathane, umholi wazo. (2 Petru 2:4) Nakuba zingasakwazi ukuthatha imizimba yenyama, zisalokhu zinethonya elibi kakhulu kubantu. Empeleni, ngosizo lwala mademoni, uSathane ‘udukisa wonke umhlaba owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9; 1 Johane 5:19) Kanjani? Ngokuyinhloko, amademoni asebenzisa izindlela ezihloselwe ukudukisa abantu. (2 Korinte 2:11) Ake sifunde ngezinye zalezi zindlela.

INDLELA AMADEMONI ADUKISA NGAYO

10. Kuyini ukusebenzelana nemimoya?

10 Ukuze adukise abantu, amademoni asebenzisa ukusebenzelana nemimoya. Ukusebenzelana nemimoya kuwukusebenzelana namademoni ngokuqondile noma ngomuntu osebenzelana nawo. IBhayibheli liyakulahla ukusebenzelana nemimoya futhi lisixwayisa ukuba singathinti noma yini ehlangene nakho. (Galathiya 5:19-21) Amademoni asebenzisa ukusebenzelana nemimoya ngendlela abadobi abasebenzisa ngayo ukudla kodobo. Umdobi usebenzisa ukudla okuhlukahlukene ukuze abambe izinhlanzi ezihlukahlukene. Ngokufanayo, imimoya emibi isebenzisa izinhlobo ezihlukene zokusebenzelana nemimoya ukuze ibambe zonke izinhlobo zabantu.

11. Kuyini ukubhula, futhi kungani kufanele sikugweme?

11 Olunye uhlobo lokudla kodobo olusetshenziswa amademoni ukubhula. Kuyini ukubhula? Ukuzama ukwazi okuthile ngekusasa noma okuthile ongakwazi. Ezinye izinhlobo zokubhula zihlanganisa ukubhula ngokufunda izinkanyezi, ukubhula ngamathambo, ukubhula ngesibuko, ukubhula ngokufunda intende yesandla nokubhula ngokufuna amabika noma izibonakaliso emaphusheni. Nakuba abaningi becabanga ukuthi ukubhula akuyona ingozi, iBhayibheli libonisa ukuthi ababhulayo basebenzelana nemimoya emibi. Ngokwesibonelo, izEnzo 16:16-18 zikhuluma ‘ngedemoni lokubhula’ elalibangela intombazane ethile ikwazi ukwenza “ubuciko bokubikezela.” Kodwa laphela lelo khono lapho ikhishwa idemoni.

Amademoni asebenzisa izindlela ezihlukene ukuze akhohlise abantu

12. Kungani kuyingozi ukuzama ukuxhumana nabafileyo?

12 Enye indlela amademoni adukisa ngayo abantu ukubakhuthaza ukuba bakhulume nabafileyo. Abantu abasuke besadabukile ngenxa yokufelwa othandekayo wabo bavame ukukhohliswa ngemibono eyiphutha ngabafileyo. Othile okwazi ukuxhumana nemimoya angase abatshele okuthile okukhethekile ngomufi noma akhulume ngezwi lakhe. Umphumela uba ukuthi abantu abaningi bakholelwa ukuthi abafileyo bayaphila ngempela, nokuthi ukuxhumana nabo kuyobasiza bakwazi ukubhekana nosizi lwabo. Nokho “induduzo” enjalo eyamanga futhi iyingozi. Ngani? Ngoba amademoni ayakwazi ukulingisa izwi lomuntu ofile futhi angatshela lowo osebenzelana nawo okuthile ngomufi. (1 Samuweli 28:3-19) Ngaphezu kwalokho, njengoba sifundile eSahlukweni 6, abafileyo abasekho. (IHubo 115:17) Ngakho “noma ubani obuza kwabafileyo” uye wadukiswa imimoya emibi futhi wenza okuphambene nentando kaNkulunkulu. (Duteronomi 18:10, 11; Isaya 8:19) Ngakho, qaphela ukuze ungabanjwa yilokhu kudla kodobo kwamademoni.

13. Yini abanye abaningi ababesaba amademoni abakwazile ukuyenza?

13 Imimoya emibi ayigcini nje ngokudukisa abantu kuphela, kodwa futhi iyabesabisa. Namuhla, uSathane namademoni akhe bayazi ukuthi basalelwe ‘isikhathi esifushane’ ngaphambi kokuba bavalelwe bangasebenzi, futhi manje banonya kunanini ngaphambili. (IsAmbulo 12:12, 17) Yize kunjalo, izinkulungwane zabantu ezaziphila ngokwesaba imimoya emibi nsuku zonke ziye zakwazi ukugqashula kuyo. Zikwenze kanjani lokhu? Yini umuntu angayenza uma kakade esebenzelana nemimoya?

INDLELA YOKUMELANA NEMIMOYA EMIBI

14. NjengamaKristu ekhulu lokuqala e-Efesu, singagqashula kanjani emimoyeni emibi?

14 IBhayibheli lisitshela indlela yokumelana nemimoya emibi nokuthi singagqashula kanjani kuyo. Cabanga ngesibonelo samaKristu ekhulu lokuqala emzini wase-Efesu. Amanye awo ayesebenzelana nemimoya engakabi amaKristu. Lapho enquma ukuyeka ukusebenzelana nemimoya, enzani? IBhayibheli lithi: “Abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa phambi kwawo wonke umuntu.” (IzEnzo 19:19) Ngokushisa izincwadi zawo zemilingo, lawo maKristu amasha ababekela isibonelo labo abafisa ukumelana nemimoya emibi namuhla. Abantu abafuna ukukhonza uJehova kudingeka balahle konke okuphathelene nokusebenzelana nemimoya. Lokhu kuhlanganisa izincwadi, omagazini, ama-video, izithombe, kanye nomculo okhuthaza ukusebenzelana nemimoya futhi ukwenze kuthandeke futhi kujabulise. Kuhlanganisa neziphandla noma ezinye izinto ezifakwa ngenjongo yokuziqinisa.—1 Korinte 10:21.

15. Ukuze simelane nemimoya emibi, kumelwe senzeni?

15 Ngemva kweminyaka ethile amaKristu ase-Efesu eshise izincwadi zawo zemilingo, umphostoli uPawulu wawabhalela: “Sibambene . . . nebandla lomoya ababi.” (Efesu 6:12) Amademoni ayengakadeli. Ayesafuna kugcine wona. Ngakho, yini enye okwakudingeka ayenze la maKristu? UPawulu wathi: “Ngaphezu kwazo zonke izinto, thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi [uSathane].” (Efesu 6:16) Uma isihlangu sethu sokholo siqinile, ayoba makhulu namandla okumelana nemimoya emibi.—Mathewu 17:20.

16. Singaluqinisa kanjani ukholo lwethu?

16 Singaluqinisa kanjani-ke ukholo lwethu? Ngokutadisha iBhayibheli. Ukuqina kodonga kuxhomeke kakhulu ekutheni isisekelo salo siqine kangakanani. Ngendlela efanayo, ukuqina kokholo lwethu kuxhomeke kakhulu ekuqineni kwesisekelo salo, esiwulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Uma sifunda futhi sitadisha iBhayibheli nsuku zonke, ukholo lwethu luyoqina. Njengodonga oluqinile, ukholo olunjalo luyosivikela ethonyeni lemimoya emibi.—1 Johane 5:5.

17. Yisiphi isinyathelo okudingeka sisithathe ukuze simelane nemimoya emibi?

17 Yisiphi esinye isinyathelo okwadingeka sithathwe yilawo maKristu ase-Efesu? Ayedinga isivikelo esengeziwe ngoba ayehlala emzini ogcwele ubudemoni. Ngakho uPawulu wawatshela: ‘Qhubekani nithandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke.’ (Efesu 6:18) Njengoba nathi siphila ezweni eligcwele ubudemoni, kubalulekile ukuthandaza ngokujulile kuJehova sicele isivikelo sakhe ukuze simelane nemimoya emibi. Yebo, kudingeka sisebenzise igama likaJehova emithandazweni yethu. (IzAga 18:10) Ngakho, kufanele siqhubeke sithandaza kuNkulunkulu ukuba ‘asikhulule komubi,’ uSathane uDeveli. (Mathewu 6:13) UJehova uyoyiphendula imithandazo eqotho kanjalo.—IHubo 145:19.

18, 19. (a) Kungani singaqiniseka ukuthi siyonqoba empini esiyilwa nezidalwa zomoya ezimbi? (b) Yimuphi umbuzo ozophendulwa esahlukweni esilandelayo?

18 Imimoya emibi iyingozi, kodwa akudingeki siyesabe uma simelana noDeveli futhi sisondela kuNkulunkulu ngokwenza intando yaKhe. (Jakobe 4:7, 8) Amandla emimoya emibi alinganiselwe. Yajeziswa osukwini lukaNowa, futhi manje isizokwahlulelwa okokugcina esikhathini esizayo. (Jude 6) Khumbula futhi ukuthi sinesivikelo sezingelosi zikaJehova ezinamandla. (2 AmaKhosi 6:15-17) Lezi zingelosi zithanda kakhulu ukusibona siphumelela ekumelaneni nemimoya emibi. Kusengathi izingelosi ezilungileyo zisifaka umdlandla. Ngakho masihlale siseduze noJehova kanye nomkhaya wakhe wezidalwa zomoya ezithembekile. Masigweme futhi zonke izinhlobo zokusebenzelana nemimoya, sisebenzise izeluleko ezitholakala eZwini likaNkulunkulu. (1 Petru 5:6, 7; 2 Petru 2:9) Uma senza kanjalo singaqiniseka ukuthi siyonqoba empini esiyilwa nezidalwa zomoya ezimbi.

19 Kodwa kungani uNkulunkulu eyiyekile imimoya emibi kanye nobubi kwaqhubeka kubangela abantu ukuhlupheka okungaka? Lo mbuzo uzophendulwa esahlukweni esilandelayo.

^ isig. 2 Ngokuphathelene nezingelosi ezilungileyo, isAmbulo 5:11 sithi: “Isibalo sazo sasingamashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane.” Ngakho iBhayibheli libonisa ukuthi kwadalwa izingelosi ezingamakhulu ezigidi.