Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO SESHUMI NANYE

Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
  • Ingabe uNkulunkulu obangela ukuhlupheka emhlabeni?

  • Iyiphi impikiswano eyaphakanyiswa e-Edene?

  • UNkulunkulu uzoyilungisa kanjani imiphumela yokuhlupheka kwesintu?

1, 2. Yiziphi izinto ezihlupha abantu namuhla, okuholela abaningi ukuba babuze miphi imibuzo?

NGEMVA kwempi enzima kwelinye izwe elalikhungethwe yimpi, izinkulungwane zabesifazane nezingane ezafa kuleyo mpi zangcwatshwa engcwabeni elikhulu elizungezwe iziphambano. Isiphambano ngasinye sasinombhalo othi: “Senzeni?” Ngezinye izikhathi lona kuba mbuzo obuhlungu kunayo yonke. Abantu bawubuza bedabukile ngemva kokuba izimpi, izinhlekelele, izifo, noma ubugebengu kubulale abathandekayo babo abangenacala, kwabhubhisa imizi yabo, noma lapho kubenza bahlupheke kakhulu ngezinye izindlela. Bafuna ukwazi ukuthi kungani behlelwa izinhlekelele ezinjalo.

2 Kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka? Uma uJehova uNkulunkulu enawo wonke amandla, enothando, ehlakaniphile, futhi elungile, kungani umhlaba ugcwele inzondo nokungalungi okungaka? Ingabe nawe uke wazibuza leyo mibuzo?

3, 4. (a) Yini ebonisa ukuthi kulungile ukubuza uNkulunkulu ukuthi kungani evumela ukuhlupheka? (b) UJehova uzizwa kanjani ngobubi nokuhlupheka?

3 Akulungile yini ukubuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Abanye besaba ukuthi ukubuza umbuzo onjalo kusho ukuthi abanalo ukholo oluqinile kuNkulunkulu noma abamhloniphi. Nokho, lapho ufunda iBhayibheli uzothola ukuthi abantu abanokholo, abesaba uNkulunkulu, nabo babenemibuzo efanayo. Ngokwesibonelo, umprofethi uHabakuki wabuza uJehova: “Kungani ungenza ngibone okulimazayo, futhi uqhubeka ubheke inkathazo nje? Kungani phambi kwami kukhona ukuphanga nobudlova, futhi kungani kuba khona ukuxabana, kungani kuqhutshwa umbango?”—Habakuki 1:3.

UJehova uzokuqeda konke ukuhlupheka

4 Ingabe uJehova wamthethisa umprofethi othembekile uHabakuki ngokubuza leyo mibuzo? Cha. Esikhundleni salokho, uNkulunkulu wafaka amazwi akhe aqotho encwadini yeBhayibheli ephefumulelwe. UNkulunkulu wabuye wamsiza ukuba aziqonde ngokucacile izinto futhi abe nokholo olwengeziwe. UJehova ufuna ukukwenzela okufanayo nawe. Khumbula, iBhayibheli lifundisa ukuthi ‘uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) UNkulunkulu uzonda ububi nokuhlupheka ngaphezu kwanoma yimuphi omunye umuntu. (Isaya 55:8, 9) Pho, kungani kunokuhlupheka okungaka emhlabeni?

KUNGANI KUNOKUHLUPHEKA OKUNGAKA?

5. Yiziphi ezinye izizathu ezinikezwayo ukuze kuchazwe ukuhlupheka kwesintu, kodwa lifundisani iBhayibheli?

5 Abantu bezinkolo ezihlukahlukene baye baya kubaholi nabefundisi babo bezenkolo beyobabuza ukuthi kungani kunokuhlupheka okungaka. Ngokuvamile baphendula ngokuthi ukuhlupheka kuyintando kaNkulunkulu nokuthi wazinquma kudala zonke izinto ezaziyokwenzeka, kuhlanganise nezinhlekelele ezihlasimulisayo. Abantu abaningi batshelwa ukuthi izindlela zikaNkulunkulu ziyimfihlakalo nokuthi uyena obulala abantu—ngisho nezingane—ukuze abe nabo ezulwini. Nokho, njengoba usufundile, uJehova uNkulunkulu akalokothi abangele ububi. IBhayibheli lithi: “Makube kude noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala, noMninimandla onke ukwenza ngokungabi nabulungisa!”—Jobe 34:10.

6. Kungani abantu abaningi benza iphutha lokusola uNkulunkulu ngokuhlupheka okusemhlabeni?

6 Uyazi ukuthi kungani abantu benza iphutha lokusola uNkulunkulu ngakho konke ukuhlupheka okusemhlabeni? Ngokuvamile basola uNkulunkulu uMninimandla onke ngoba bacabanga ukuthi uyena ongumbusi wangempela waleli zwe. Abalazi iqiniso elilula kodwa elibalulekile elifundiswa iBhayibheli. Leli qiniso ulifundile eSahlukweni 3 sale ncwadi. Umbusi wangempela waleli zwe uSathane uDeveli.

7, 8. (a) Izwe libubonakalisa kanjani ubuntu bombusi walo? (b) Ukungapheleli kwabantu kanye ‘nesikhathi nesenzakalo esingalindelekile’ kuye kwaholela kanjani ekuhluphekeni?

7 IBhayibheli lisho ngokucacile: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Uma ucabanga ngakho, kunengqondo lokhu, akunjalo? Leli zwe libonakalisa ubuntu besidalwa somoya esingabonakali ‘esidukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) USathane unenzondo, uyakhohlisa, futhi unonya. Ngakho nomhlaba nawo, ugcwele inzondo, inkohliso, nonya, ngenxa yethonya lakhe. Lesi isizathu sokuqala sokuba kube nokuhlupheka okungaka.

8 Isizathu sesibili sokuthi kungani kunokuhlupheka okungaka ukuthi isintu besilokhu singaphelele futhi sinesono kusukela ekuhlubukeni kwasensimini yase-Edene, njengoba kuchazwe eSahlukweni 3. Abantu abanesono bavame ukulwela amandla okubusa, umphumela ube yizimpi, ukucindezela abanye nokuhlupheka. (UmShumayeli 4:1; 8:9) Isizathu sesithathu sokuhlupheka “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile.” (UmShumayeli 9:11) Ezweni elingenaye uJehova njengoMbusi ovikelayo, abantu bangase bahlupheke ngenxa yokuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele.

9. Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova unesizathu esihle sokuvumela ukuhlupheka kuqhubeke?

9 Kuyasiduduza ukwazi ukuthi uNkulunkulu akakubangeli ukuhlupheka. Akuyena obangela izimpi, ubugebengu, ukucindezelwa kwabanye, noma ngisho nezinhlekelele zemvelo eziye zabangela ukuhlupheka kwabantu. Noma kunjalo, kudingeka sazi ukuthi, Kungani uJehova evumela konke lokhu kuhlupheka? Uma enguMninimandla onke kumelwe ukuba unawo amandla okukuqeda. Pho, kungani engakuqedi? UNkulunkulu onothando esimaziyo kumelwe ukuba unesizathu esihle sokwenza kanjalo.—1 Johane 4:8.

KUPHAKAMA IMPIKISWANO EBALULEKILE

10. Yini uSathane ayingabaza, futhi kanjani?

10 Ukuze sithole ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka, kudingeka sicabange ngesikhathi okwaqala ngaso ukuhlupheka. Lapho uSathane enza u-Adamu no-Eva ukuba bangamlaleli uJehova, kwaphakama umbuzo obalulekile. USathane akazange awangabaze amandla kaJehova. Ngisho noSathane imbala uyazi ukuthi amandla kaJehova awapheli. Kunalokho, uSathane wangabaza ilungelo likaJehova lokubusa. Ngokubiza uNkulunkulu ngokuthi ungumqambimanga ogodlela abantu bakhe okuhle, uSathane wasola uJehova ngokuba umbusi omubi. (Genesise 3:2-5) USathane wayesho ngeziphansi ukuthi kwakuyobahambela kangcono abantu uma bengabuswa uNkulunkulu. Wayehlasela ubukhosi bukaJehova, ilungelo lakhe lokubusa.

11. Kungani uJehova engazibhubhisanga izihlubuki e-Edene?

11 U-Adamu no-Eva bahlubuka kuJehova. Empeleni babethi: “Asimdingi uJehova njengoMbusi wethu. Singazikhethela thina okulungile nokungalungile.” UJehova wayengayixazulula kanjani le ndaba? Wayengazifundisa kanjani zonke izidalwa ezihlakaniphile ukuthi lezi zihlubuki zazishaye phansi nokuthi indlela yakhe yokubusa iyona engcono ngempela? Omunye angase athi uNkulunkulu kwakumelwe amane azibhubhise lezi zihlubuki abese eqala kabusha. Kodwa uJehova wayeseyishilo injongo yakhe yokugcwalisa umhlaba ngenzalo ka-Adamu no-Eva, futhi wayefuna baphile emhlabeni oyipharadesi. (Genesise 1:28) UJehova uyayifeza njalo inhloso yakhe. (Isaya 55:10, 11) Ngaphandle kwalokho, ukubhubhisa lezi zihlubuki e-Edene kwakungeke kuwuphendule umbuzo owaphakanyiswa maqondana nelungelo likaJehova lokubusa.

12, 13. Bonisa ngomfanekiso ukuthi kungani uJehova eye wavumela uSathane ukuba abe umbusi waleli zwe nokuthi kungani eye wavumela abantu ukuba bazibuse.

12 Cabangela nanku umfanekiso. Ake sithi uthisha ufundisa abafundi indlela yokuxazulula inkinga yesibalo esinzima. Umfundi ohlakaniphile kodwa ochwensayo uthi indlela kathisha yokuxazulula le nkinga iyabheda. Sisikisela ukuthi uthisha akakwazi ukufundisa, lesi sichwensi sithi sona sazi indlela engcono kakhulu yokuxazulula le nkinga. Abanye abafundi bacabanga ukuthi siqinisile, bese nabo beqala ukuvukela. Kumelwe enzenjani lo thisha? Uma ebaxosha ekilasini laba bafundi, bayothini abanye abafundi abasele? Ngeke yini bacabange ukuthi lo mfundi oyisichwensi kanye nabanaye baqinisile? Bonke abanye abafundi ekilasini bangase baqale ukungamhloniphi uthisha, becabanga ukuthi usaba ukuboniswa iphutha lakhe. Kodwa ake sithi uthisha uyasinikeza lesi sichwensi ithuba lokubonisa ikilasi ukuthi sona singayixazulula kanjani le nkinga.

Ingabe umfundi okufanelekela kangcono ukufundisa kunothisha?

13 UJehova uye wenza okufana nokwenziwa yilo thisha. Khumbula ukuthi izihlubuki zase-Edene kwakungezona zodwa ezazihilelekile. Kwakunezigidi zezingelosi ezazibukele. (Jobe 38:7; Daniyeli 7:10) Indlela uJehova ayezokusingatha ngayo lokhu kuhlubuka kwakuyozithinta kakhulu zonke lezo zingelosi futhi kamuva nabo bonke abantu emhlabeni. Ngakho, yini uJehova ayenzile? Uye wanikeza uSathane ithuba lokuba abonise ukuthi yena angasibusa kanjani isintu. UNkulunkulu uye wavumela nabantu ukuba bazibuse beqondiswa uSathane.

14. Ukuvumela kukaJehova abantu ukuba bazibuse kuyoba naziphi izinzuzo?

14 Uthisha osemfanekisweni wethu uyazi ukuthi umfundi oyisichwensi kanye nabafundi abasohlangothini lwakhe bayaphaphalaza. Ngesikhathi esifanayo uyazi ukuthi ukubavumela ukuba bazame ukubonisa ukuthi baqinisile kuyolizuzisa lonke ikilasi. Lapho behluleka, bonke abafundi abathembekile bayobona ukuthi uthisha uyena kuphela okufanelekelayo ukufundisa ikilasi. Bayoqonda nokuthi kungani uthisha ngesikhathi esizayo eyoxosha noma ubani ovukelayo ekilasini. Ngokufanayo, uJehova uyazi ukuthi bonke abantu abaqotho kanye nezingelosi bayozuza uma bebona ukuthi uSathane nezihlubuki ezikanye naye bahlulekile nokuthi abantu abakwazi ukuzibusa. NjengoJeremiya wasendulo, bayofunda leli qiniso elibalulekile: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.

KUNGANI KUTHATHE ISIKHATHI ESIDE KANGAKA?

15, 16. (a) Kungani uJehova eye wavumela ukuhlupheka kwaqhubeka isikhathi eside kangaka? (b) Kungani uJehova engazivimbeli izinto ezimbi ezinjengobugebengu obuhlasimulisayo?

15 Noma kunjalo, kungani uJehova eye wavumela ukuhlupheka kuqhubeke isikhathi eside kangaka? Kungani futhi engazivimbeli izinto ezimbi? Cabangela izinto ezimbili uthisha osemfanekisweni wethu angeke azenze. Okokuqala, ngeke amenqabele lo mfundi ochwensayo ukuba asho afuna ukukusho. Okwesibili, uthisha ngeke amsize ekuxazululeni inkinga yesibalo. Ngokufanayo, cabangela izinto ezimbili uJehova aye wazimisela ukuthi ngeke azenze. Okokuqala, akazamanga ukuvimbela uSathane kanye nalabo abasohlangothini lwakhe ukuba bazame ukubonisa ukuthi lokho abakusho kuyiqiniso. Ngenxa yalokho kuye kwadingeka kudlule isikhathi esithile. Eminyakeni eyizinkulungwane yomlando wesintu, abantu baye bazama zonke izinhlobo zokuzibusa, noma zohulumeni babantu. Isintu siye sathuthuka kwezesayensi nakweminye imikhakha, kodwa ukungalungi, ubumpofu, ubugebengu, nezimpi kuye kwaba kubi nakakhulu. Sekubonakele ukuthi abantu bayehluleka ukuzibusa.

16 Okwesibili, uJehova akamsizanga uSathane ukuba abuse leli zwe. Ngokwesibonelo, ukube uNkulunkulu ubengavimba ubugebengu obuhlasimulisayo, bekungeke yini kubonise ukuthi usekela uhlangothi lwezihlubuki? Bekungeke yini kwenze abantu bacabange ukuthi hleze bangakwazi ukuzibusa kodwa kungabi namiphumela eyinhlekelele? Ukube uJehova ubengenza kanjalo, ubeyobe uqamba amanga naye. Kanti ‘akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’—Hebheru 6:18.

17, 18. Yini uJehova azoyenza ngawo wonke umonakalo obe umphumela wokubusa kwabantu nethonya likaSathane?

17 Kodwa kuthiwani ngawo wonke umonakalo oye wenzeka phakathi nalokhu kuhlubuka kuNkulunkulu osekuthathe isikhathi eside kangaka? Kuhle sikhumbule ukuthi uJehova ungumnini mandla onke. Ngakho angakwazi ukulungisa imiphumela yokuhlupheka kwesintu futhi uzoyilungisa. Njengoba sesifundile kakade, umonakalo owenziwe emhlabeni wethu uyolungiswa ngokuthi umhlaba ushintshwe wenziwe iPharadesi. Imiphumela yesono iyosuswa ngokuba nokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu, futhi imiphumela yokufa iyoqedwa ngovuko. Ngakho uNkulunkulu uyosebenzisa uJesu ukuze ‘abhidlize imisebenzi kaDeveli.’ (1 Johane 3:8) Konke lokhu uJehova uzokwenza ngesikhathi esifanele. Kumelwe sijabule ngokuthi akasheshanga ukuthatha isinyathelo, ngoba ukubekezela kwakhe kusinikeze ithuba lokufunda iqiniso nokumkhonza. (2 Petru 3:9, 10) Okwamanje, uNkulunkulu ubecinga abakhulekeli abaqotho futhi ebasiza ukuba babekezelele noma yikuphi ukuhlupheka abangase babhekane nakho kuleli zwe elinezinkathazo.—Johane 4:23; 1 Korinte 10:13.

18 Abanye bangase bazibuze, Kwakungeke yini kugwemeke konke lokhu kuhlupheka ukube uNkulunkulu wadala u-Adamu no-Eva ngendlela yokuthi bangakwazi ukuhlubuka? Ukuze uphendule lo mbuzo, kumelwe ukhumbule isipho esiyigugu uJehova akuphe sona.

UZOSISEBENZISA KANJANI ISIPHO OSIPHIWE UNKULUNKULU?

UNkulunkulu uzokusiza ukuba ukhuthazelele ukuhlupheka

19. Yisiphi isipho esiyigugu uJehova asiphe sona, futhi kungani kumelwe sisazise?

19 Njengoba kuphawuliwe eSahlukweni 5, abantu badalwa benenkululeko yokuzikhethela. Uyaqaphela yini ukuthi siyigugu kangakanani lesi isipho? UNkulunkulu uye wadala izilwane eziningi futhi ngokuyinhloko ziqhutshwa umzwelo wemvelo. (IzAga 30:24) Umuntu uye wenza amarobhothi aklanyelwe ukuba enze noma yini atshelwa yona. Besiyojabula yini ukube uNkulunkulu wayesidale kanjalo? Cha, siyajabula ngokuthi sinenkululeko yokuzikhethela ukuthi siyoba luhlobo luni lwabantu, iyiphi inkambo yokuphila esiyoyilandela, yibaphi abangane esiyobakhetha, njalonjalo. Siyathanda ukuba nesilinganiso esithile senkululeko, futhi yilokho uNkulunkulu afuna sikujabulele.

20, 21. Singasisebenzisa kanjani isipho senkululeko yokuzikhethela ngendlela engcono kakhulu, futhi kungani kufanele sifune ukwenza kanjalo?

20 UJehova akayithandi inkonzo eyenziwa ngempoqo. (2 Korinte 9:7) Ake sifanekise: Yikuphi obekungajabulisa umzali kakhulu—ukuthi ingane ithi “Ngiyakuthanda” ngoba itsheliwe, noma lapho ikusho ngokusuka enhliziyweni? Ngakho nanku umbuzo, Wena uzoyisebenzisa kanjani inkululeko yokuzikhethela uJehova akuphe yona? USathane, u-Adamu, no-Eva bayisebenzisa kabi kakhulu inkululeko yabo yokuzikhethela. Bamenqaba uJehova uNkulunkulu. Wena uzokwenzenjani?

21 Unethuba lokusebenzisa lesi sipho esimangalisayo senkululeko yokuzikhethela ngendlela engcono kakhulu. Ungahlanganyela nezigidi eziye zaba ngasohlangothini lukaJehova. Zenza uNkulunkulu ajabule ngoba zikhuthalele ukuhlanganyela ekufakazeleni ukuthi uSathane ungumqambimanga nokuthi kumehlula ingcaca ukubusa. (IzAga 27:11) Nawe ungenza okufanayo ngokukhetha indlela efanele yokuphila. Le ndlela izochazwa esahlukweni esilandelayo..