Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Igama likaNkulunkulu—Ukusetshenziswa Kwalo Nencazelo Yalo

Igama likaNkulunkulu—Ukusetshenziswa Kwalo Nencazelo Yalo

EBHAYIBHELINI lakho, lihunyushwe kanjani iHubo 83:18? INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ilibeka kanje leli vesi: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Izinguqulo eziningana zamanye amaBhayibheli zisho okufanayo. Nokho, izinguqulo eziningi ziyalikhipha igama elithi Jehova, esikhundleni salo zifake iziqu ezinjengokuthi “Nkosi” noma “Simakade.” Yikuphi okumelwe kusetshenziswe kuleli vesi? Isiqu noma igama elithi Jehova?

Igama likaNkulunkulu ngezinhlamvu zesiHebheru

Leli vesi likhuluma ngegama. NgokwesiHebheru sokuqala okwabhalwa ngaso ingxenye enkulu yeBhayibheli, kunegama eliyingqayizivele elivela lapha. Libhalwa kanje ngezinhlamvu zesiHebheru, יהוה (YHWH). NgesiZulu, indlela evamile yokubiza leli gama ithi “Jehova.” Ingabe leli gama livela evesini elilodwa nje kuphela leBhayibheli? Cha. Livela cishe izikhathi ezingu-7 000 emiBhalweni yokuqala yesiHebheru!

Libaluleke kangakanani igama likaNkulunkulu? Cabanga ngomthandazo oyisibonelo owanikezwa uJesu Kristu. Uqala kanje: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Kamuva, uJesu wathandaza kuNkulunkulu: “Baba, khazimulisa igama lakho.” Ephendula, uNkulunkulu wakhuluma esezulwini, wathi: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.” (Johane 12:28) Ngokusobala, igama likaNkulunkulu libaluleke kakhulu. Pho kungani abanye abahumushi belikhiphile leli gama ezinguqulweni zabo zeBhayibheli bafaka iziqu esikhundleni salo?

Kubonakala kunezizathu ezimbili eziyinhloko. Esokuqala, abaningi bathi leli gama akumelwe lisetshenziswe ngoba namuhla ayaziwa indlela elalibizwa ngayo kuqala. IsiHebheru sasendulo sasibhalwa ngaphandle konkamisa. Ngakho akekho noyedwa namuhla ongagomela ngokuthi abantu bezikhathi zeBhayibheli babelibiza kanjani igama elithi YHWH. Kodwa ingabe lokhu kumelwe kusivimbe singalisebenzisi igama likaNkulunkulu? Ngezikhathi zeBhayibheli, igama elithi Jesu kungenzeka ukuthi lalibizwa ngokuthi Yeshua noma mhlawumbe Yehoshua—akekho ongasho ngokuqinisekile. Noma kunjalo, abantu emhlabeni wonke basebenzisa izindlela ezihlukene zokubiza igama likaJesu, balibiza ngendlela ejwayelekile olimini lwabo. Abanqikazi ukusebenzisa leli gama ngenxa nje yokuthi abazi ukuthi lalibizwa kanjani ekhulwini lokuqala. Ngokufanayo, uma ungase uye kwelinye izwe ungathola ukuthi kwagama lakho libizwa ngendlela ehlukile ngolunye ulimi. Ngakho, ukungaqiniseki ngendlela yokubiza igama likaNkulunkulu akusona isizathu sokungalisebenzisi.

Isizathu sesibili esivame ukunikezwa sokukhipha igama likaNkulunkulu eBhayibhelini sihilela isiko elidala lamaJuda. Amaningi akholelwa ukuthi igama likaNkulunkulu akumelwe neze libizwe. Ngokusobala le nkolelo isekelwe ekuchazeni kabi umthetho weBhayibheli othi: “Ungalisebenzisi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngoba uJehova ngeke angamjezisi olisebenzisa ngeze igama lakhe.”—Eksodusi 20:7.

Lo mthetho uyakwenqabela ukusebenzisa kabi igama likaNkulunkulu. Kodwa ingabe uyakwenqabela ukusebenzisa leli gama ngenhlonipho? Lutho neze. Abalobi beBhayibheli lesiHebheru (“iTestamente Elidala”) bonke babengamadoda athembekile ayephila ngoMthetho uNkulunkulu ayewunikeze ama-Israyeli asendulo. Kepha babelisebenzisa njalo igama likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, balifaka kumahubo amaningi ayehlatshelelwa izixuku zabakhulekeli. UJehova uNkulunkulu waze wayala abakhulekeli bakhe ukuba babize igama lakhe, futhi abathembekile balalela. (Joweli 2:32; IzEnzo 2:21) Ngakho, amaKristu namuhla awanqikazi ukusebenzisa igama likaNkulunkulu ngenhlonipho, njengoba nje noJesu ngokuqinisekile enza.—Johane 17:26.

Ngokufaka iziqu esikhundleni segama likaNkulunkulu, abahumushi beBhayibheli benza iphutha elibi kakhulu. Benza uNkulunkulu abonakale ekude nabantu futhi engenabuntu, kuyilapho iBhayibheli linxusa abantu ukuba ‘basondelane noJehova.’ (IHubo 25:14) Cabanga ngomngane wakho omkhulu. Beningasondelana kanjani ngempela naye ukube ubungalazi igama lakhe? Ngokufanayo, lapho abantu befihlelwa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, bangasondela kanjani ngempela kuNkulunkulu? Ngaphezu kwalokho, lapho abantu bengalisebenzisi igama likaNkulunkulu, balahlekelwa incazelo yalo enhle kakhulu. Lisho ukuthini leli gama likaNkulunkulu?

UNkulunkulu ngokwakhe wakuchaza okushiwo igama lakhe encekwini yakhe ethembekile uMose. Lapho uMose ebuza ngegama likaNkulunkulu, uJehova waphendula: “Ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” (Eksodusi 3:14) Inguqulo kaRotherham iwabeka kanje la mazwi: “Ngiyoba yinoma yini engithanda ukuba yiyo.” Ngakho uJehova angaba yinoma yini edingekayo ukuze agcwalise izinjongo zakhe.

Ake sithi ubungakwazi ukuba yinoma yini ofuna ukuba yiyo. Ubungabenzelani abangane bakho? Uma omunye engagula abangwe nezibi, ubungeke yini ube udokotela onguchwepheshe bese uyamelapha. Uma omunye eba senkingeni yezimali, ubungazenza isigwili umsize. Iqiniso liwukuthi awukwazi ukuba yikho konke okuthandayo. Kunjalo ngathi sonke. Njengoba ufunda iBhayibheli, uyomangala ukubona ukuthi uJehova uzenza kanjani noma yini edingekayo ukuze afeze izithembiso zakhe. Futhi kuyamjabulisa ukusebenzisa amandla akhe ngenxa yalabo abamthandayo. (2 IziKronike 16:9) Lezi zici ezinhle zobuntu bukaJehova abaziboni labo abangalazi igama lakhe.

Ngokusobala-ke, igama elithi Jehova kumelwe lisetshenziswe eBhayibhelini. Ukwazi incazelo yalo nokulisebenzisa ngokukhululekile ekukhulekeleni kwethu kuyokusiza kakhulu ukuba usondele kuBaba wethu osezulwini, uJehova. *

^ isig. 3 Ukuze uthole okwengeziwe ngegama likaNkulunkulu, incazelo yalo, nezizathu zokulisebenzisa ekukhulekeleni, bheka incwajana ethi IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.