Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Indlela Isiprofetho SikaDaniyeli Esibikezela Ngayo Ukufika KukaMesiya

Indlela Isiprofetho SikaDaniyeli Esibikezela Ngayo Ukufika KukaMesiya

UMPROFETHI uDaniyeli waphila eminyakeni engaphezu kuka-500 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Yize kunjalo, uJehova wambulela uDaniyeli imininingwane eyayiyokwenza saziwe ngokuqondile isikhathi uJesu ayeyogcotshwa ngaso, noma ayeyobekwa ngaso, njengoMesiya noma uKristu. UDaniyeli watshelwa: “Kufanele wazi futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni kwezwi lokuba kubuyiselwe futhi kwakhiwe kabusha iJerusalema kuze kufike uMesiya uMholi, kuyoba ngamasonto ayisikhombisa, namasonto angamashumi ayisithupha nambili.”—Daniyeli 9:25.

Ukuze sithole isikhathi sokufika kukaMesiya, kudingeka siqale sithole isikhathi esizoqala kuso ukubala inkathi eholela kuMesiya. Ngokwesiprofetho, lesi sikhathi sasizoqala “kusukela ekuphumeni kwezwi lokuba kubuyiselwe futhi kwakhiwe kabusha iJerusalema.” ‘Laphuma nini izwi?’ Ngokomlobi weBhayibheli uNehemiya, izwi lokuba kwakhiwe kabusha izindonga zeJerusalema laphuma “ngonyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi.” (Nehemiya 2:1, 5-8) Izazi-mlando ziqinisekisa ukuthi unyaka wokuqala wokubusa kuka-Aritahishashita kwakungu-475 B.C.E. Ngakho-ke, unyaka wamashumi amabili wokubusa kwakhe kwakungu-455 B.C.E. Manje sesinaso isikhathi sokuqala kwesiprofetho sikaDaniyeli esimayelana noMesiya, u-455 B.C.E.

UDaniyeli uyasho ukuthi sasizoba side kangakanani isikhathi esiholela ekufikeni ‘kukaMesiya uMholi.’ Lesi siprofetho sikhuluma “ngamasonto ayisikhombisa, namasonto angamashumi ayisithupha nambili”—okungamasonto angu-69 esewonke. Yinde kangakanani leyo nkathi yesikhathi? Izinguqulo eziningana zamaBhayibheli ziphawula ukuthi la masonto akuwona amasonto ezinsuku eziyisikhombisa, kodwa amasonto eminyaka. Lokho kusho ukuthi isonto ngalinye limelela iminyaka eyisikhombisa. AmaJuda asendulo ayewujwayele lo mqondo wamasonto eminyaka. Ngokwesibonelo, ayegubha unyaka weSabatha njalo ngonyaka wesikhombisa. (Eksodusi 23:10, 11) Ngakho, amasonto angu-69 angokwesiprofetho ayiminyaka engu-69 iphindwe kasikhombisa, okwenza iminyaka engu-483.

Manje osekusele ukubala. Uma sibala sisuka ku-455 B.C.E., sibale iminyaka engu-483 sifika onyakeni ka-29 C.E. Yiwona kanye unyaka uJesu abhapathizwa ngawo waba uMesiya! * (Luka 3:1, 2, 21, 22) Ingabe lokhu akukhona ukugcwaliseka okumangalisayo kwesiprofetho seBhayibheli?

^ isig. 2 Ukusuka ku-455 B.C.E. kuya ku-1 B.C.E. iminyaka engu-454. Ukusuka ku-1 B.C.E. kuya ku-1 C.E. unyaka owodwa (awukho unyaka oyigungqu). Ukusuka ku-1 C.E. kuya ku-29 C.E. iminyaka engu-28. Ukuhlanganisa le minyaka kusinikeza iminyaka engu-483. UJesu ‘wanqunywa’ ngokufa ngo-33 C.E., phakathi nesonto lamashumi ayisikhombisa leminyaka. (Daniel 9:24, 26) Bheka incwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! isahluko 11 kanye ne-Insight on the Scriptures, umQulu 2, amakhasi 899-901. Zombili zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.