Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Iqiniso NgoYise, INdodana, NoMoya Ongcwele

Iqiniso NgoYise, INdodana, NoMoya Ongcwele

ABANTU abakholelwa emfundisweni kaZiqu-zintathu bathi uNkulunkulu ungabantu abathathu—uYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Kuthiwa ngamunye walaba bantu abathathu ulingana nomunye, ungumninimandla onke, futhi akanasiqalo. Ngakho, ngokwemfundiso kaZiqu-zintathu, uYise unguNkulunkulu, iNdodana inguNkulunkulu noMoya oNgcwele unguNkulunkulu, kodwa kunoNkulunkulu oyedwa.

Abaningi abakholelwa kuZiqu-zintathu bayavuma ukuthi abakwazi ukuyichaza le mfundiso. Noma kunjalo, banomuzwa wokuthi ifundiswa yiBhayibheli. Kuyaphawuleka ukuthi igama elithi “Ziqu-zintathu” alikho nhlobo eBhayibhelini. Kodwa ingabe imfundiso kaZiqu-zintathu yona ikhona? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sibheke umbhalo abasekeli bakaZiqu-zintathu abavame ukuwucaphuna ukuze basekele le mfundiso.

“ULIZWI WAYENGUNKULUNKULU”

UJohane 1:1 uthi: “Ekuqaleni wayekhona uLizwi‚ uLizwi wayekuNkulunkulu‚ uLizwi wayenguNkulunkulu.” (IBhayibheli lesiZulu elivamile) Kamuva esahlukweni esifanayo, umphostoli uJohane ubonisa ngokucacile ukuthi “uLizwi” nguJesu. (Johane 1:14) Kodwa njengoba uLizwi ebizwa ngokuthi uNkulunkulu, abanye baphetha ngokuthi kumelwe ukuba iNdodana noYise bayingxenye kaNkulunkulu oyedwa.

Khumbula ukuthi le ngxenye yeBhayibheli yayibhalwe ngesiGreki ekuqaleni. Kamuva, abahumushi bahumushela umbhalo wesiGreki kwezinye izilimi. Nokho, abahumushi beBhayibheli abaningana abazange bayisebenzise le nkulumo ethi “uLizwi wayenguNkulunkulu.” Kungani? Ngokolwazi lwabo lwesiGreki seBhayibheli, labo bahumushi baphetha ngokuthi inkulumo ethi “uLizwi wayenguNkulunkulu” kumelwe ihunyushwe ngokuhlukile. Kanjani? Nazi izibonelo ezimbalwa: “ULogos [uLizwi] wayengowaphezulu.” (A New Translation of the Bible) “ULizwi wayengunkulunkulu.” (The New Testament in an Improved Version) “ULizwi wayenoNkulunkulu futhi enesimo esifana nesakhe.” (The Translator’s New Testament) Ngokwalezi zinguqulo, uLizwi akayena uNkulunkulu uqobo. * Kunalokho, ngenxa yesikhundla sakhe esiphakeme phakathi kwezidalwa zikaJehova, uLizwi kuthiwa “ungunkulunkulu.” Lapha, igama elithi “nkulunkulu” lisho ukuthi “onamandla.”

THOLA AMAQINISO ENGEZIWE

Abantu abaningi abasazi isiGreki seBhayibheli. Ngakho ungazi kanjani ukuthi wayesho ukuthini ngempela umphostoli uJohane? Cabanga ngalesi sibonelo: Uthisha uchazela abafundi isifundo esithile. Kamuva, abafundi bakuqonda ngezindlela ezingefani okukade kuchazwa. Bangayixazulula kanjani le ndaba? Bangase bacele uthisha ukuba abatshele okwengeziwe. Akungatshazwa ukuthi ukuthola amaqiniso engeziwe kuyobasiza basiqonde kangcono lesi sifundo. Ngokufanayo, ukuze ukuqonde kahle lokho okushiwo kuJohane 1:1, ungabheka eVangelini likaJohane ukuze uthole amaqiniso engeziwe ngesikhundla sikaJesu. Ukuthola amaqiniso engeziwe ngale ndaba kuyokusiza ukuba ufinyelele esiphethweni esiqondile.

Ngokwesibonelo, cabangela lokho uJohane abuye akubhale esahlukweni 1, evesini lika 18: “Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu [uMninimandla onke] noma nini.” Kodwa abantu bambona uJesu, iNdodana, ngoba uJohane uthi: “ULizwi [uJesu] waba-yinyama‚ wakha phakathi kwethu‚ sabona inkazimulo yakhe.” (Johane 1:14, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Pho, iNdodana ingaba kanjani ingxenye kaNkulunkulu uMninimandla onke? UJohane uphinde athi “uLizwi wayekuNkulunkulu.” Kodwa umuntu angaba kanjani kumuntu othile, ngesikhathi esifanayo abe eyilowo muntu? Ngaphezu kwalokho, njengoba kulotshiwe kuJohane 17:3, uJesu wenza umehluko ocacile phakathi kwakhe noYise wasezulwini. Ubiza uYise ngokuthi ‘uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.’ Futhi ngasekupheleni kweVangeli lakhe, uJohane ufingqa izinto ngokuthi: “Lezi zilotshwé phansi ukuze nikholwe ukuthi uJesu unguKristu iNdodana kaNkulunkulu.” (Johane 20:31) Phawula ukuthi uJesu akabizwa ngokuthi uNkulunkulu, kodwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu. La maqiniso engeziwe aseVangelini likaJohane abonisa indlela okumelwe aqondwe ngayo uJohane 1:1. UJesu, uLizwi, “uwunkulunkulu” ngomqondo wokuthi unesikhundla esiphakeme kodwa akayena uNkulunkulu uMninimandla onke.

FAKAZELA AMAQINISO

Ake uphinde ucabange ngesibonelo sikathisha nabafundi. Ake sithi kusekhona abanye abafundi abasangabaza ngisho nangemva kokulalela uthisha echaza ngokwengeziwe. Yini abangase bayenze? Bangaya komunye uthisha ukuze bathole amaqiniso engeziwe ngaleso sifundo. Uma uthisha wesibili efakazela incazelo kathisha wokuqala, ukungabaza kwabafundi abaningi kungase kuphele. Ngokufanayo, uma ungaqiniseki ngalokho umlobi weBhayibheli uJohane ayekusho ngempela ngobuhlobo phakathi kukaJesu noNkulunkulu uMninimandla onke, ungaya komunye umlobi weBhayibheli ukuze uthole okwengeziwe. Ngokwesibonelo, cabangela lokho okwabhalwa uMathewu. Mayelana nokuphela kwalesi simiso sezinto, wacaphuna uJesu ethi: “Ngokuphathelene nalolo suku nalelo hora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa nguBaba kuphela.” (Mathewu 24:36) La mazwi akufakazela kanjani ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu uMninimandla onke?

UJesu uthi uYise wazi okungaphezu kokwaziwa iNdodana. Nokho, ukube uJesu ubeyingxenye kaNkulunkulu uMninimandla onke, ubezokwazi amaqiniso afanayo noYise. Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuthi iNdodana noYise bayalingana. Noma kunjalo, abanye bangathi: ‘UJesu wayenezimo ezimbili. Lapha ukhuluma esesimweni somuntu.’ Noma ngabe kwakunjalo, kuthiwani ngomoya ongcwele? Uma uyingxenye kaNkulunkulu ofanayo noYise, kungani uJesu engasho ukuthi nawo uyakwazi lokho uYise akwaziyo?

Njengoba uqhubeka nezifundo zakho zeBhayibheli, uyojwayela namanye amavesi amaningi eBhayibheli ayithintayo le ndaba. Afakazela iqiniso ngoYise, iNdodana, nomoya ongcwele.—IHubo 90:2; IzEnzo 7:55; Kolose 1:15.

^ isig. 3 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngomBhalo kaJohane 1:1, bheka amakhasi 24-25 e-Nqabayokulinda ka-November 1, 2008, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.