Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Isidlo SeNkosi Sakusihlwa—Umkhosi Odumisa UNkulunkulu

Isidlo SeNkosi Sakusihlwa—Umkhosi Odumisa UNkulunkulu

AMAKRISTU ayalwa ukuba agubhe iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Lo mkhosi ubizwa nangokuthi “isidlo seNkosi sakusihlwa.” (1 Korinte 11:20) Ubaluleke ngani lo mkhosi? Kumelwe ugujwe nini futhi kanjani?

UJesu Kristu wamisa lo mkhosi ngobusuku bePhasika lamaJuda ngo-33 C.E. Umkhosi wePhasika wawugujwa kanye kuphela ngonyaka, ngosuku lwe-14 lwenyanga yamaJuda uNisani. Ukuze athole ukuthi lunini lolu suku, kubonakala sengathi amaJuda ayelinda usuku lwentwasahlobo olwalunamahora angu-12 emini namahora angu-12 ebusuku. Ukwethwasa kwenyanga kokuqala ngemva kwalolu suku kwakusho ukuqala kukaNisani. IPhasika laliba ngemva kwezinsuku ezingu-14 ngemva kokwethwasa kwenyanga, ngemva kokushona kwelanga.

UJesu wagubha iPhasika nabaphostoli bakhe, waxosha uJuda Iskariyothi, wabe esemisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Lesi sidlo sathatha isikhundla sePhasika lamaJuda, ngakho-ke kumelwe sigujwe kanye ngonyaka.

IVangeli likaMathewu liyabika: “UJesu wathatha isinkwa, futhi ngemva kokusho isibusiso, wasihlephula, wasinikeza abafundi, wathi: ‘Thathani, yidlani. Lokhu kusho umzimba wami.’ Wathatha nendebe, esebongile, wabanika yona, wathi: ‘Phuzani kuyo, nonke; ngoba lokhu kusho “igazi” lami “lesivumelwano,” elizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.’”—Mathewu 26:26-28.

Abanye bakholelwa ukuthi uJesu waphendula isinkwa saba inyama yakhe yangempela newayini laba igazi lakhe. Kodwa umzimba kaJesu wawungalimele lapho ebanika isinkwa. Ingabe abaphostoli bakaJesu babedla inyama yakhe yangempela futhi bephuza negazi lakhe? Cha, ngoba lokho kwakuyobe kuwubuzimu futhi kwakuyokwephula umthetho kaNkulunkulu. (Genesise 9:3, 4; Levitikusi 17:10) NgokukaLuka 22:20, uJesu wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami, elizothululwa ngenxa yenu.” Ingabe leyo ndebe yaba “isivumelwano esisha” ngokoqobo? Lokho kwakungeke kwenzeke ngoba isivumelwano asiyona into ephathekayo.

Ngakho isinkwa newayini kumane kuyizifanekiselo. Isinkwa sifanekisela umzimba kaKristu ophelele. UJesu wasebenzisa isinkwa esasisale esidlweni sePhasika. Lesi sinkwa sasenziwe ngaphandle kwemvubelo, noma imbiliso. (Eksodusi 12:8) IBhayibheli livame ukusebenzisa imvubelo njengophawu lwesono noma ukonakala. Ngakho-ke isinkwa simelela umzimba kaJesu ophelele awunikela njengomhlatshelo. Wawungenasono.—Mathewu 16:11, 12; 1 Korinte 5:6, 7; 1 Petru 2:22; 1 Johane 2:1, 2.

Iwayini elibomvu lifanekisela igazi likaJesu. Lelo gazi liqinisekisa isivumelwano esisha. UJesu wathi igazi lakhe lathululwa “ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.” Ngenxa yalokho abantu bangaba abahlanzekile emehlweni kaNkulunkulu futhi bangangena esivumelwaneni esisha kanye noJehova. (Hebheru 9:14; 10:16, 17) Lesi sivumelwano senza kwenzeke ukuba amaKristu angu-144 000 athembekile aye ezulwini. Lapho, ayokhonza njengamakhosi kanye nabapristi ukuze kubusiswe isintu sonke.—Genesise 22:18; Jeremiya 31:31-33; 1 Petru 2:9; IsAmbulo 5:9, 10; 14:1-3.

Obani okufanele badle lezi zifanekiselo zeSikhumbuzo? Ngokusobala, yilabo abasesivumelwaneni esisha kuphela—okungukuthi labo abanethemba lokuya ezulwini—okumelwe badle isinkwa baphuze newayini. Umoya ongcwele kaNkulunkulu uyabaqinisekisa abanjalo ukuthi baye bakhethwa ukuba babe amakhosi asezulwini. (Roma 8:16) Nabo basesivumelwaneni soMbuso kanye noJesu.—Luka 22:29.

Kuthiwani ngalabo abanethemba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni? Balalela umyalo kaJesu babe khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, kodwa abazidli izifanekiselo, baba izibukeli nje. Kanye ngonyaka, ngemva kokushona kwelanga ngoNisani 14, oFakazi BakaJehova bagubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Nakuba kuyizinkulungwane ezimbalwa nje kuphela emhlabeni wonke ezithi zinethemba lasezulwini, lo mkhosi uyigugu kuwo wonke amaKristu. Yisikhathi lapho wonke amaKristu ekhumbula khona uthando olukhulu lukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.—Johane 3:16.