Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Ubani UMikayeli Ingelosi Eyinhloko?

Ubani UMikayeli Ingelosi Eyinhloko?

ISIDALWA somoya esibizwa ngokuthi uMikayeli akukhulunywa ngaso kaningi eBhayibhelini. Kodwa uma kukhulunywa ngaso, sisuke senza okuthile. Encwadini kaDaniyeli, uMikayeli ulwa nezingelosi ezimbi; encwadini kaJude, uphikisana noSathane; kanti kweyesAmbulo, ulwa noDeveli namademoni akhe. Ngokuvikela ukubusa kukaJehova nangokulwa nezitha zikaNkulunkulu, uMikayeli wenza ngokuvumelana nencazelo yegama lakhe—“Ubani OnjengoNkulunkulu?” Kodwa ubani uMikayeli?

Ngezinye izikhathi abantu baziwa ngamagama angaphezu kwelilodwa. Ngokwesibonelo, inzalamizi uJakobe yaziwa nangokuthi u-Israyeli, umphostoli uPetru waziwa nangokuthi uSimoni. (Genesise 49:1, 2; Mathewu 10:2) Ngokufanayo, iBhayibheli libonisa ukuthi igama elithi Mikayeli elinye igama likaJesu Kristu ngaphambi kokuphila kwakhe emhlabeni nangemva kwako. Ake sibheke izizathu ezingokomBhalo zokuphetha kanjalo.

Ingelosi eyinhloko. IZwi likaNkulunkulu libiza uMikayeli ngokuthi “ingelosi eyinhloko.” (Jude 9) Le nkulumo isho ukuthi “ingelosi enkulu.” Inkulumo ethi “ingelosi eyinhloko” ivela isebunyeni kuphela eBhayibhelini, ayiveli nhlobo isebuningini. Lokhu kusikisela ukuthi yinye vó ingelosi enjalo. Ngaphezu kwalokho, isikhundla sokuba yingelosi eyinhloko sihlotshaniswa noJesu. Mayelana neNkosi evusiwe uJesu Kristu, eyoku-1 Thesalonika 4:16 ithi: “iNkosi ngokwayo iyokwehla ezulwini ngezwi elinegunya, ngezwi lengelosi enkulu.” Izwi likaJesu lichazwa ngokuthi elengelosi enkulu. Ngakho lo mBhalo usikisela ukuthi uJesu ngokwakhe uyingelosi eyinhloko uMikayeli.

UmHoli Webutho. IBhayibheli lithi “uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako . . . nezingelosi zakhe.” (IsAmbulo 12:7) Ngakho, uMikayeli ungumHoli webutho lezingelosi ezithembekile. IsAmbulo naso sichaza uJesu ngokuthi umHoli webutho lezingelosi ezithembekile. (IsAmbulo 19:14-16) Umphostoli uPawulu naye ukhuluma ngokuqondile ‘ngeNkosi uJesu’ “nezingelosi zayo ezinamandla.” (2 Thesalonika 1:7) Ngakho iBhayibheli likhuluma ngoMikayeli “nezingelosi zakhe” noJesu “nezingelosi zakhe.” (Mathewu 13:41; 16:27; 24:31; 1 Petru 3:22) Njengoba eZwini likaNkulunkulu kungekho ndawo ebonisa ukuthi kunamabutho amabili ezingelosi ezithembekile ezulwini—elinye eliholwa uMikayeli elinye eliholwa uJesu—kuwukuhlakanipha ukuphetha ngokuthi uMikayeli nguye uJesu Kristu esesikhundleni sakhe sasezulwini. *

^ isig. 1 Amaphuzu engeziwe abonisa ukuthi igama elithi Mikayeli lisebenza eNdodaneni kaNkulunkulu atholakala emQulwini 2, amakhasi 393-4 e-Insight on the Scriptures enyatheliswa oFakazi BakaJehova.