Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Kufanele Yini Sigubhe Amaholide?

Kufanele Yini Sigubhe Amaholide?

AMAHOLIDE amaningi adumile, awenkolo nangewona awenkolo agujwa emazweni amaningi namuhla, awasekelwe eBhayibhelini. Kusukaphi-ke pho ukugujwa kwalawo maholide? Uma kunomtapo wezincwadi ongaya kuwo, uyomangala uma uzwa izinto ezishiwo izincwadi ngamaholide athandwayo lapho uhlala khona. Nazi izibonelo ezimbalwa.

Ama-Easter. “Akukho okubonisa ukuthi kwake kwagujwa umkhosi wama-Easter eTestamenteni Elisha,” kusho i-Encyclopædia Britannica. Aqala kanjani ama-Easter? Asuka ekukhulekeleni kwamaqaba. Nakuba leli holide kuthiwa elokukhumbula ukuvuswa kukaJesu, amasiko enziwa ngesikhathi sama-Easter awawona awobuKristu. Ngokwesibonelo, ngokuqondene “nonogwaja wama-Easter” odumile, i-Catholic Encyclopedia ithi: “Unogwaja uwuphawu lobuqaba futhi ubulokhu uwuphawu lwenzalo.”

Imikhosi KaNcibijane. Usuku lokugubha uNcibijane nemikhuba yawo kuyahlukahluka emazweni ahlukene. Mayelana nomsuka walo mkhosi, i-World Book Encyclopedia ithi: “Umbusi waseRoma uJulius Caesar wamisa u-January 1 njengoSuku LukaNcibijane ngo-46 B.C. AmaRoma anikezela lolu suku kuJanus, unkulunkulu wamasango, izicabha, neziqalo. Inyanga ka-January yethiwa ngoJanus, owayenobuso obubili—obunye bubheke phambili obunye bubheke emuva.” Ngakho imikhosi kaNcibijane isekelwe emikhubeni yobuqaba.

I-Halloween. I-Encyclopedia Americana ithi: “Amasiko ahlangene neHalloween asuka emkhosini wamaDruid [abapristi basendulo bamaCelt] wangaphambi kwezikhathi zobuKristu. AmaCelt ayenemikhosi yonkulunkulu ababili abakhulu—unkulunkulu welanga nonkulunkulu wabafileyo . . . , omkhosi wakhe wawenziwa ngo-November 1, okwakuqala ngawo uNcibijane wamaCelt. Umkhosi wabafileyo wafakwa kancane kancane enkonzweni yamaKristu.”

Amanye Amaholide. Ngeke sikwazi ukuxoxa ngayo yonke imikhosi egujwa emhlabeni wonke. UJehova akawamukeli amaholide adumisa abantu noma izinhlangano zabo. (Jeremiya 17:5-7; IzEnzo 10:25, 26) Khumbula nokuthi umsuka wemikhosi yenkolo iwona oyonquma ukuthi iyamthokozisa yini uNkulunkulu noma cha. (Isaya 52:11; IsAmbulo 18:4) Izimiso zeBhayibheli ezishiwo eSahlukweni 16 kule ncwadi ziyokusiza ukuba unqume ukuthi uNkulunkulu ukubheka kanjani ukugubha amaholide angewona awenkolo.