Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 12

Khuluma ‘Okwakhayo’

Khuluma ‘Okwakhayo’

“Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo.”—EFESU 4:29.

1-3. (a) Yisiphi isipho esisiphiwe uJehova, futhi singasetshenziswa kanjani kabi? (b) Ukuze sizigcine othandweni lukaNkulunkulu, kudingeka sisisebenzise kanjani isipho sokukhuluma?

UKUBE ubungapha umuntu omthandayo isipho, ubungazizwa kanjani uma esisebenzisa kabi ngamabomu? Ake sithi umuphe imoto, bese uyezwa ukuthi uyishayela budedengu, alimaze abanye. Ubuyodumala, akunjalo?

2 Ikhono lokukwazi ukukhuluma liyisipho esivela kuJehova, uMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jakobe 1:17) Lesi sipho, esihlukanisa abantu ezilwaneni, sisenza singagcini nje ngokudlulisela imicabango yethu kwabanye kodwa nemizwa yethu. Nokho, njengemoto, isipho sokukhuluma singasetshenziswa kabi. Yeka indlela okumelwe ukuba kumdumaza ngayo uJehova lapho sikhuluma budedengu, sizwisa abanye ubuhlungu futhi sibalimaza!

3 Ukuze sizigcine othandweni lukaNkulunkulu, kudingeka sisebenzise isipho sokukhuluma ngendlela uMuphi ayeyihlosile. UJehova wenza kucace ukuthi hlobo luni lwenkulumo olumjabulisayo. IZwi lakhe lithi: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.” (Efesu 4:29) Ake sixoxe ngokuthi kungani kudingeka siqaphe lokho esikushoyo, inkulumo okufanele siyigweme, nokuthi singakhuluma kanjani ngendlela ‘eyakhayo.’

OKWENZA KUDINGEKE SIQAPHE ESIKUSHOYO

4, 5. Ezinye izaga zeBhayibheli ziwachaza kanjani amandla amazwi?

4 Isizathu sokuqala esibalulekile sokuqapha esikushoyo ukuthi amazwi anamandla. IzAga 15:4 zithi: “Ukuzola kolimi kungumuthi wokuphila, kodwa ukuhlanekezela kwalo kusho ukuphuka emoyeni.” * Njengoba nje amanzi evuselela isihlahla esibunile, nenkulumo emnandi neqabulayo iyawuqabula umoya wabayizwayo. Ngakolunye uhlangothi, amazwi asontekile olumi olubi angachoboza umoya wabanye. Ngempela, amazwi esiwashoyo anamandla okulimaza noma okwelapha.—IzAga 18:21.

5 Lapho siwachaza ngokucacile amandla amazwi, esinye isaga sithi: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba.” (IzAga 12:18) Amazwi angacabangeli ashiwo engacatshangiwe angavula amanxeba angokomzwelo ajulile, aqede nobuhlobo. Wake wahlatshwa amazwi ahlaba njengenkemba? Okuhle ukuthi sona lesi saga siphinde sithi: “Ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.” Amazwi acabangelayo ashiwo umuntu obonisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu angathoba inhliziyo ebuhlungu futhi abuyisele nobuhlobo. Uyakhumbula mhla uphulukiswa amazwi anomusa? (IzAga 16:24) Njengoba siqaphela ukuthi esikushoyo kunamandla, ngokuqinisekile sifuna ukuba inkulumo yethu ibelaphe abanye, ingabalimazi.

Inkulumo ezolile iyaqabula

6. Kungani kuwumzabalazo wangempela ukulawula ulimi lwethu?

6 Kungakhathaliseki ukuthi sizama kanzima kangakanani, asisoze sakwazi ukululawula ngokuphelele ulimi lwethu. Nasi-ke isizathu sesibili esenza kudingeke siqaphe esikushoyo: Isono nokungapheleli kusenza sithambekele ekulusebenziseni kabi ulimi lwethu. Amazwi avela enhliziyweni kanti “ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi.” (Genesise 8:21; Luka 6:45) Ngakho ukulawula ulimi lwethu njengokungathi ngetomu kuwumzabalazo wangempela. (Jakobe 3:2-4) Nakuba singeke salulawula ngokuphelele ulimi lwethu, singaqhubeka sizama ukuthuthukisa indlela esilusebenzisa ngayo. Njengoba nje nenhlambi ezama ukubhukuda yenyuse umfula kudingeka iqhubeke ilwa nomsinga, nathi kufanele siqhubeke silwa nokuthambekela okunesono kokusebenzisa kabi ulimi.

7, 8. Amazwi ethu asenza silandise ngezinga elingakanani kuJehova?

7 Isizathu sesithathu sokuqapha esikushoyo ukuthi uJehova usenza silandise ngesikukhulumayo. Indlela esisebenzisa ngayo ulimi ayigcini ngokuthinta ubuhlobo bethu nabanye abantu kodwa nokuma kwethu kuJehova. UJakobe 1:26 uthi: “Uma umuntu ezibona sengathi ungumkhulekeli oqotho, kodwa nokho engalulawuli ulimi lwakhe ngokungathi ngetomu, kodwa eqhubeka ekhohlisa inhliziyo yakhe, indlela yalo muntu yokukhulekela iyize.” * Njengoba sibonile esahlukweni esandulele, esikushoyo kuyintonye nokukhulekela kwethu. Uma ulimi lwethu lungalawulwa njengokungathi ngetomu—lukhafula inkulumo elimazayo nenobuthi—yonke imisebenzi yethu yobuKristu ingaba yize phambi kukaNkulunkulu. Akusangulukisi lokho?—Jakobe 3:8-10.

8 Kusobala ukuthi sinezizathu ezizwakalayo zokuqapha ukusisebenzisa kabi isipho sokukhuluma. Singakaxoxi ngezinhlobo ezihlanzekile zenkulumo eyakhayo, ake sixoxe ngezinkulumo ezingamukeleki neze ekuphileni komKristu weqiniso.

IZINKULUMO EZINGAKHI

9, 10. (a) Hlobo luni lwenkulumo oseluyinsakavukela ezweni lanamuhla? (b) Kungani kudingeka siyenqabe inkulumo eyichilo? (Bheka nombhalo waphansi.)

9 Inkulumo eyichilo. Ukuthuka, inhlamba, nezinye izinhlobo zenkulumo engcolile sekwaba insakavukela ezweni lanamuhla. Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni amazwi asanhlamba ukuze bagcizelele abakushoyo noma lapho bentula amagama abazowasebenzisa. Osomahlaya ngokuvamile basebenzisa inkulumo engcolile, egxile ebulilini ukuze bahlekise abantu. Kodwa inkulumo eyichilo ayiyona into yokudlala. Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, umphostoli uPawulu owayephefumulelwe weluleka ibandla laseKolose ukuba liyeke ‘inkulumo eyichilo.’ (Kolose 3:8) Watshela ibandla lase-Efesu ukuthi “ukuntela okuyichilo” kuphakathi kwezinto okufanele “[zi]ngaphathwa nakuphathwa phakathi” kwamaKristu eqiniso.—Efesu 5:3, 4.

10 Inkulumo eyichilo iyamnenga uJehova. Iyabanenga nabamthandayo. Ngempela, uthando lwethu ngoJehova lusishukumisela ukuba siyenqabe inkulumo eyichilo. Lapho ebalula “imisebenzi yenyama,” uPawulu ubala ‘nokungcola,’ okungahlanganisa nenkulumo engahlanzekile. (Galathiya 5:19-21) Lena indaba engathí sina. Umuntu angasuswa ekuhlanganyeleni nebandla uma naphezu kokwelulekwa kaningi engaphenduki, ekwenza umkhuba ukukhuluma ngokuziphatha okubi ngokwedlulele, okuhlambalazayo, nokonakalisayo, noma ezikhuthaza lezi zinto. *

11, 12. (a) Iyini inhlebo, futhi ingaba kanjani elimazayo? (b) Kungani abakhulekeli bakaJehova kudingeka bagweme inkulumo enyundelayo?

11 Inhlebo elimazayo, ukunyundela. Inhlebo iwukukhuluma izinto ezingenamsebenzi ngabantu nangokuphila kwabo. Ingabe yonke inhlebo yimbi? Akunjalo uma kuyingxoxo emsulwa, sixoxelana izinto ezinhle neziwusizo, njengokuthi ubani osanda kubhapathizwa noma ukuthi ubani odinga isikhuthazo. AmaKristu ekhulu lokuqala ayenesithakazelo esibukhali enhlalakahleni yamanye futhi exoxelana izinto ezifanelekayo ngamanye amakholwa. (Efesu 6:21, 22; Kolose 4:8, 9) Nokho, inhlebo ingalimaza uma ihlanekezela amaqiniso noma yembula izindaba zangasese. Okubi nakakhulu, ingaholela ekunyundeleni, kona okulimazayo ngaso sonke isikhathi. Ukunyundela “ukukhuluma amanga . . . okwehlisa futhi kulimaze idumela lomuntu.” Ngokwesibonelo, abaFarisi bagcina sebenyundela ngenhloso yokulimaza lapho bezama ukuhlambalaza uJesu. (Mathewu 9:32-34; 12:22-24) Ngokuvamile ukunyundela kudala umbango.—IzAga 26:20.

12 UJehova akabanameli labo abasebenzisa isipho sokukhuluma ukuze bahlambalaze abanye noma babangele ukwahlukana. Uyabazonda labo ‘abadala imibango phakathi kwabantu abangabafowabo.’ (IzAga 6:16-19) Igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “umnyundeli” lithi di·aʹbo·los, lisetshenziswa nanjengesiqu sikaSathane. ‘UnguDeveli,’ umnyundeli omubi kaNkulunkulu. (IsAmbulo 12:9, 10) Ngokuqinisekile sifuna ukuyigwema inkulumo engasenza sibe udeveli. Ebandleni ayikho indawo yenkulumo enyundelayo edala imisebenzi yenyama ‘enjengemibango nokwahlukana.’ (Galathiya 5:19-21) Ngakho, ngaphambi kokuba udlulise indaba ethile ngothile, zibuze: ‘Iyiqiniso yini? Ingabe kuyoba ukubonisa umusa ukuyidlulisa? Kuyadingeka noma kuhlakaniphile yini ukuba ngiyixoxele abanye?’1 Thesalonika 4:11.

13, 14. (a) Inkulumo ehlambalazayo ingaba namuphi umphumela kwabayizwayo? (b) Kuyini ukuthuka, futhi kungani isithuki sizibeka engozini?

13 Inkulumo ehlambalazayo. Njengoba kushiwo ngaphambili, amazwi anamandla okulimaza. Kuyavunywa, ngezinye izikhathi, ngenxa yokungapheleli, sonke sisho izinto esiphinde sizisole ngazo. Noma kunjalo, iBhayibheli lixwayisa ngohlobo lwenkulumo olungafuneki nakancane emzini womKristu noma ebandleni. UPawulu wayala amaKristu: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza.” (Efesu 4:31) Ezinye izinguqulo zihumusha igama elithi “ukuhlambalaza” ngokuthi “amazwi amabi,” “inkulumo elimazayo” nangokuthi “inhlamba.” Inkulumo ehlambalazayo—ehlanganisa ukubiza abantu ngamagama abehlisayo nokugxeka okunonya okungapheli—ingehlisa abanye isithunzi futhi ibashiye bezizwa bengelutho. Izinhliziyo ezisheshe zizwele nezethembele kwabanye zezingane, zilinyazwa kalula imiphumela ebuhlungu yenkulumo ehlambalazayo.—Kolose 3:21.

14 IBhayibheli likulahla ngamagama anamandla ukuthuka—okuwumkhuba wokuchapha abanye ngenhlamba, ngamagama alulazayo nahlambalazayo. Umuntu okwenza umkhuba ukukhuluma kanjalo uzibeka engozini, ngoba isithuki singaxoshwa ebandleni uma sihluleka ukusabela emizamweni yokusisiza ukuba sishintshe. Uma singashintshi, singalahlakelwa nayizibusiso zoMbuso. (1 Korinte 5:11-13; 6:9, 10) Ngokusobala-ke, ngeke sihlale othandweni lukaNkulunkulu uma sinomkhuba wokukhuluma izinto ezingahlanzekile, ezingelona iqiniso, noma ezingenamusa. Inkulumo enjalo ayakhi.

AMAZWI “AKHAYO”

15. Yinkulumo enjani ‘eyakhayo’?

15 Singasisebenzisa kanjani isipho sokukhuluma ngendlela uMuphi ayehlose ngayo? Khumbula ukuthi iZwi likaNkulunkulu lisinxusa ukuba sikhulume “noma yiliphi izwi elakhayo.” (Efesu 4:29) Kuyamthokozisa uJehova lapho sikhuluma amazwi akhayo, akhuthazayo naqinisa abanye. Ukukhuluma amazwi anjalo kudinga ukucabanga. IBhayibheli alinikezi mithetho yokulandelwa; lingenalo nohlu lwezinhlobo ‘zezinkulumo ezinhle’ ezamukelekayo. (Thithu 2:8) Ukuze sikhulume amazwi “akhayo,” kuhle sikhumbule izici ezintathu ezilula kodwa ezibalulekile zenkulumo eyakhayo: Ihlanzekile, iyiqiniso futhi inomusa. Sicabanga ngalezi zici, ake sixoxe ngezibonelo ezimbalwa zenkulumo eyakhayo.—Bheka ibhokisi elithi “ Ingabe Inkulumo Yami Iyakha?” ekhasini 140.

16, 17. (a) Kungani kufanele sibancome abanye? (b) Yimaphi amathuba akhona okuncoma abanye ebandleni? ekhaya?

16 Ukuncoma okuqotho. UJehova noJesu bayasiqaphela isidingo sokusho amazwi okuncoma nawokutusa. (Mathewu 3:17; 25:19-23; Johane 1:47) NjengamaKristu, nathi senza kahle uma sibancoma ngokusuka enhliziyweni abanye. Ngani? “Yeka ukuthi lihle kanjani nezwi ngesikhathi salo esifanele!” kusho izAga 15:23. Ake uzibuze: ‘Ngizizwa kanjani lapho nginconywa ngokusuka enhliziyweni? Angizwa yini kuthi cosololo futhi ngijabula?’ Ngempela, amazwi aqotho okuncoma akwenza wazi ukuthi ukhona okuqaphelayo, ukuthi ukhona okukhathalelayo, nokuthi okwenzile bekuwufanele umzamo. Ukuqinisekiswa kanjalo kukwenza uzethembe futhi kukushukumisele ukuba usebenze ngenkuthalo nangokwengeziwe esikhathini esilandelayo. Njengoba ujabula uma wena unconywa, akufanele yini-ke nawe wenze konke okusemandleni ukuba uncome abanye?Mathewu 7:12.

17 Zifundise ukucinga okuhle kwabanye, bese uyabancoma. Ebandleni, ungase uzwe inkulumo ebekwe kahle, uqaphele osemusha olwela ukufinyelela imigomo engokomoya, noma ubone osekhulile oba khona ngokwethembeka emihlanganweni naphezu kokukhula ngeminyaka. Amazwi aqotho okuncoma angase abathinte izinhliziyo abanjalo futhi abaqinise ngokomoya. Ekhaya, amadoda namakhosikazi ayakudinga ukuncomana ngamazwi amnandi nawokwazisa. (IzAga 31:10, 28) Izingane zona ziyajabula uma zibona ukuthi ziyaqashelwa futhi ziyaziswa. Njengoba nje ilanga namanzi kusiqhakazisa isitshalo, ukunconywa nokutuswa kuyaziqabula izingane. Bazali, funani amathuba okuncoma abantabenu ngezimfanelo nemizamo yabo etusekayo. Ukuncoma okunjalo kungakha isibindi nokuzethemba ezinganeni zakho futhi kuzishukumisele ukuba zizikhandle ngokwengeziwe ekwenzeni okulungile.

18, 19. Kungani kufanele senze konke esingakwenza ukuze siduduze amanye amakholwa, futhi singakwenza kanjani lokho?

18 Induduzo. UJehova ubakhathalela ngokujulile ‘abathobekileyo nabachotshozwayo.’ (Isaya 57:15) IZwi lakhe lisikhuthaza ukuba ‘siqhubeke siduduzana’ futhi ‘sikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:11, 14) Singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyayiqaphela futhi uyayazisa imizamo yethu yokududuza esikholwa nabo abazinhliziyo zabo zidabukile.

UJehova uyathokoza lapho sikhuluma amazwi akha abanye

19 Nokho, yini ongayisho ukuze wakhe umKristu okanye naye ophele amandla noma ocindezelekile? Ungabi nomuzwa wokuthi uwena okumelwe uxazulule le nkinga. Ezikhathini eziningi, amazwi alula yiwo ngokuvamile awusizo kakhulu. Mqinisekise ocindezelekile ukuthi unendaba naye nokuthi uyamkhathalela. Cela ukuthandaza naye; unganxusa uJehova ukuba amsize azi ukuthi abanye abantu kanye noNkulunkulu bamthanda kangakanani. (Jakobe 5:14, 15) Mqinisekise ngokuthi uyilungu lebandla elidingekayo nelibalulekile. (1 Korinte 12:12-26) Funda ivesi leBhayibheli elikhuthazayo eliyomqinisekisa ukuthi uJehova umkhathalela ngempela. (IHubo 34:18; Mathewu 10:29-31) Ukuzinika isikhathi esanele sokudlulisela “izwi elihle” kumuntu ophelelwe yithemba nokukhuluma ngokusuka enhliziyweni, ngokuqinisekile kuyomsiza ukuba azizwe ethandwa futhi aziswa.IzAga 12:25.

20, 21. Yiziphi izici ezenza iseluleko siphumelele?

20 Iseluleko esiphumelelayo. Njengezidalwa ezingaphelele, sonke siyasidinga iseluleko ngezikhathi ezithile. IBhayibheli liyasikhuthaza: “Lalela iseluleko wamukele isiyalo, ukuze uhlakaniphe esikhathini esizayo.” (IzAga 19:20) Akubona abadala bodwa okufanele banikeze iseluleko. Abazali beluleka abantwana. (Efesu 6:4) Odade abavuthiwe kungase kudingeke beluleke abesifazane abasebasha. (Thithu 2:3-5) Uthando ngabanye lusishukumisela ukuba sifune ukunikeza iseluleko ngendlela engeke imshiye elimele owemukela iseluleko. Yini engasisiza ukuba sinikeze iseluleko esinjalo? Cabangela izici ezintathu ezenza iseluleko siphumelele kakhulu: isimo sengqondo nesisusa someluleki, isisekelo seseluleko, kanye nendlela esinikezwa ngayo.

21 Iseluleko esiphumelelayo siqala ngokuba owelulekayo azihlole. Zibuze, ‘Kunini lapho kulula khona ngami ukwamukela iseluleko?’ Lapho wazi ukuthi lowo okwelulekayo uyakukhathalela, akeve ekhiphela isibhongo kuwe, noma enezinye izisusa, kulula ukusamukela leso seluleko. Ngakho lapho weluleka abanye, akufanele yini kube njalo nangesimo sakho sengqondo nezisusa zakho? Iseluleko esiphumelelayo siphinde sisekelwe eZwini likaNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16) Kungakhathaliseki ukuthi silicaphuna ngokuqondile iBhayibheli noma cha, noma yisiphi iseluleko esisinikezayo kufanele sisekelwe emiBhalweni. Ngakho, abadala bayaqaphela ukuba bangaphoqeleli imibono yabo kwabanye; noma basonte imiBhalo, benze sengathi iBhayibheli lisekela eminye yemibono yabo siqu. Iseluleko siphumelela kahle kakhulu futhi uma sinikezwa ngendlela efanele. Iseluleko esiyoliswe ngomusa kulula ukusamukela futhi senza osamukelayo asale enesithunzi.—Kolose 4:6.

22. Uzimisele ukusisebenzisa kanjani isipho sokukwazi ukukhuluma?

22 Ngokuqinisekile, ukukwazi ukukhuluma kuyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu. Uthando lwethu ngoJehova kufanele lusishukumisele ukuba sisisebenzise kahle lesi sipho, singasisebenzisi kabi. Masikhumbule ukuthi amazwi esiwasho kwabanye anamandla—amandla okubakha noma okubalimaza. Ngakho-ke, masilwele ukusebenzisa lesi sipho ngendlela uMuphi ayeyihlosile—‘ukwakha.’ Ngaleyo ndlela, inkulumo yethu iyoba isibusiso kulabo abasizungezile futhi iyosisiza ukuba sihlale othandweni lukaNkulunkulu.

^ isig. 4 Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “ukuhlanekezela” encwadini yezAga 15:4 lingasho “ukugwegwa, ukuphendukezelwa.”

^ isig. 7 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “yize” lihunyushwa nangokuthi ‘okungenamsebenzi’ nangokuthi ‘okungenazithelo.’—1 Korinte 15:17; 1 Petru 1:18.

^ isig. 10 Njengoba lisetshenziswe emiBhalweni, elithi “ukungcola” liyigama elenabile elingahlanganisa izono eziningi ezihlukahlukene. Nakuba kungezona zonke izinhlobo zokungcola ezifanelekela ukuthathelwa isinyathelo sokwahlulela, umuntu angaxoshwa ebandleni uma ngokungaphenduki enza ukungcola okwedlulele.2 Korinte 12:21; Efesu 4:19; bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-July 15, 2006.