Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Indlela Yokuphatha Umuntu Osusiwe

Indlela Yokuphatha Umuntu Osusiwe

Zimbalwa izinto ezingasidabukisa ngokujulile ukwedlula ubuhlungu esibuzwa lapho isihlobo noma umngane oseduze exoshwa ebandleni ngenxa yokungaphenduki esonweni sakhe. Indlela esisabela ngayo esiqondisweni seBhayibheli kule ndaba ingembula ukujula kothando lwethu ngoNkulunkulu nokujula kobuqotho bethu elungiselelweni lakhe. * Cabangela eminye imibuzo ephakamayo mayelana nale ndaba.

Kufanele simphathe kanjani umuntu osusiwe? IBhayibheli lithi: “Niyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane abe eyisifebe noma engumuntu ohahayo noma okhonza izithombe noma isithuki noma isidakwa noma umphangi, ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.” (1 Korinte 5:11) Ngokuphathelene nanoma ubani ‘ongahlali emfundisweni kaKristu,’ siyafunda: “Ningalokothi nimamukele emakhaya enu noma nimbingelele. Ngoba lowo ombingelelayo ungumhlanganyeli emisebenzini yakhe emibi.” (2 Johane 9-11) Asihlanganyeli ezintweni ezingokomoya nabantu abasusiwe noma sibe nobudlelwane nabo nangezinye izindlela. INqabayokulinda ka-March 1, 1982, ikhasi 24, yathi: “U-‘Sawubona’ ovamile kothile ungase ube isinyathelo sokuqala esiholela engxoxweni futhi ngisho nasebunganini. Ingabe sifuna ukuthatha leso sinyathelo sokuqala kumuntu osusiwe ekuhlanganyeleni?”

Ingabe kudingekile ngempela ukumgwema ngokuphelele? Yebo, ngenxa yezizathu eziningana. Esokuqala, ukuba qotho kuNkulunkulu naseZwini lakhe. UJehova asimlaleli nje kuphela lapho izinto zilula kodwa siyamlalela nalapho kuyinselele yangempela ukwenza kanjalo. Uthando ngoNkulunkulu lusishukumisela ukuba silalele yonke imiyalo yakhe, siqaphela ukuthi unobulungisa futhi unothando nokuthi imithetho yakhe iyazuzisa. (Isaya 48:17; 1 Johane 5:3) Esesibili, ukungazihlanganisi nomenzi wobubi ongaphenduki kuvikela thina nalo lonke ibandla ekungcolisweni ngokomoya nangokuziphatha, futhi kulimelela kahle igama elihle lebandla. (1 Korinte 5:6, 7) Esesithathu, ukumelela kwethu ngokuqinile izimiso zeBhayibheli kungase kuzuzise nalowo osusiwe. Ngokusekela isinqumo sekomiti yokwahlulela, singase sithinte inhliziyo yomenzi wobubi okuze kube manje uye wehluleka ukusabela emizamweni yabadala yokumsiza. Ukulahlekelwa ubudlelwane obuyigugu nabathandekayo kungase kumsize ‘asanguluke,’ abone ububi besono sakhe, futhi athathe izinyathelo zokubuyela kuJehova.—Luka 15:17.

Kuthiwani uma isihlobo sisusiwe ekuhlanganyeleni? Esimweni esinjalo, isibopho esiqinile samalungu omkhaya singaba uvivinyo lwangempela lobuqotho. Kufanele sisiphathe kanjani isihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni? Lapha ngeke sikwazi ukuhlanganisa zonke izimo ezingase ziphakame, kodwa ake sigxile kwezimbili eziyinhloko.

Kwezinye izimo, ilungu lomkhaya elisusiwe kungenzeka lisahlala ekhaya namanye amalungu omkhaya. Njengoba ukususwa kwalo kungazinqamuli izibopho zomkhaya, imisebenzi evamile yansuku zonke yomkhaya ingaqhubeka. Kepha ngenkambo yalo, lizikhethele ukunqamula isibopho esingokomoya esiphakathi kwalo nomkhaya walo okholwayo. Ngakho, amalungu omkhaya aqotho ngeke esaba nobuhlobo obungokomoya nalo. Ngokwesibonelo, uma lowo osusiwe ekhona, ngeke ahlanganyele lapho umkhaya utadisha iBhayibheli ndawonye. Noma kunjalo, uma osusiwe eyingane, abazali basenomthwalo wokuyifundisa nokuyiyala. Ngakho, abazali abanothando bangase bahlele ukuyifundela iBhayibheli leyo ngane. *IzAga 6:20-22; 29:17.

Kwezinye izimo, isihlobo esisusiwe kungenzeka asihlali ekhaya nomkhaya wakubo. Nakuba zingase zibe khona izimo ezingavamile ezingadinga ukuxhumana ngezinga elilinganiselwe ukuze kunakekelwe udaba olubalulekile lomndeni, izimo ezinjalo kufanele zigcinwe zimbalwa. Amalungu omkhaya angamaKristu aqotho awafunani nezaba zokusebenzelana nesihlobo esisusiwe esingahlali ekhaya. Kunalokho, ubuqotho kuJehova nasenhlanganweni yakhe buwashukumisela ukuba asekele ilungiselelo elingokomBhalo lokususa ekuhlanganyeleni. Inkambo yawo yokwethembeka ihloselwe ukuzuzisa umenzi wobubi futhi ingase imsize ukuba azuze esiyalweni asitholile. *Hebheru 12:11.

^ isig. 1 Izimiso zeBhayibheli kule ndaba zisebenza ngezinga elifanayo nakulabo abazehlukanisa nebandla.

^ isig. 2 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nengane esusiwe esahlala ekhaya, bheka INqabayokulinda ka-October 1, 2001, amakhasi 16-17, neka-November 15, 1988, ikhasi 20.

^ isig. 3 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngendlela yokuphatha izihlobo ezisusiwe ekuhlanganyeleni, bheka iseluleko esingokomBhalo okwaxoxwa ngaso kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 1988, amakhasi 26-31, neka-March 1, 1982, amakhasi 26-31.