Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Izingxenyana Zegazi Nezinqubo Zokuhlinza

Izingxenyana Zegazi Nezinqubo Zokuhlinza

Izingxenyana zegazi. Lezi zingxenyana zithathwe ezakhini zegazi eziyinhloko ezine—amangqamuzana abomvu, amangqamuzana amhlophe, ama-platelet (izinhlayiya zegazi), ne-plasma (uketshezi olungenambala). Ngokwesibonelo, amangqamuzana abomvu aneprotheni i-hemoglobin. Imikhiqizo eyenziwa nge-hemoglobin yabantu noma yezilwane iye yasetshenziswa ekwelapheni iziguli ezintula igazi noma ezophe kakhulu.

I-plasma—enamanzi angamaphesenti angu-90—inenqwaba yama-hormone, usawoti wezinto ezingaphili, ama-enzyme, kanye nezakhi ezondla umzimba, ezihlanganisa amaminerali noshukela. I-plasma iphinde ibe nezakhi ezijiyisayo, amasosha omzimba alwa nezifo, namaprotheni anjenge-albumin. Uma umuntu echayeke esifweni esithile, odokotela bangase batuse imijovo ye-gamma globulin ekhishwe kuyi-plasma yegazi labantu asebegomekile kakade. Emangqamuzaneni egazi amhlophe kungakhishwa ama-interferon nama-interleukin, asetshenziselwa ukwelapha izifo ezibangelwa amagciwane kanye nomdlavuza.

Ingabe amaKristu kufanele azamukele izinqubo zokwelapha ezihilela ukusetshenziswa kwezingxenyana zegazi? IBhayibheli alinikezi mininingwane eqondile, ngakho ngamunye kumelwe azenzele esakhe isinqumo esisekelwe kunembeza wakhe phambi kukaNkulunkulu. Abanye bangazenqaba zonke izingxenyana zegazi, baphethe ngokuthi uMthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli wawuthi igazi elikhishwe esidalweni “[lithululwe] emhlabathini.” (Duteronomi 12:22-24) Abanye, nakuba benqaba ukumpontshelwa igazi lilonke noma izakhi zalo eziyinhloko, bangase bakwamukele ukwelashwa okuhilela izingxenyana zegazi. Bangase baphethe ngokuthi ezingeni elithile izingxenyana zegazi ezikhishwe egazini ziyayeka ukumelela ukuphila kwesidalwa igazi elithathwe kuso.

Lapho wenza izinqumo eziphathelene nezingxenyana zegazi, zibuze le mibuzo elandelayo: Ingabe ngiyaqaphela ukuthi ukwenqaba zonke izingxenyana zegazi kusho ukuthi ngeke ngiyamukele imithi ethile enemikhiqizo elwa nezifo noma engase isize ekujiyiseni igazi ukuze kunqandwe ukopha? Ngingakwazi yini ukuchazela udokotela ukuthi kungani ngenqaba noma ngamukela ukusetshenziswa kwengxenyana eyodwa noma ezengeziwe zegazi?

Izinqubo zokuhlinza. Zihlanganisa ukuhlanjululwa kwegazi (hemodilution) kanye nokuhlengwa kwamangqamuzana (cell salvage). Lapho kuhlanjululwa igazi, igazi liyaphambukiswa emzimbeni, esikhundleni salo kufakwe uketshezi olwandisa umthamo woketshezi emzimbeni, bese kamuva libuyiselwa esigulini. Ukuhlengwa kwamangqamuzana kunqanda futhi kubuyisele igazi elilahleka ngenkathi kuhlinzwa. Kuthathwa igazi enxebeni noma lapho umzimba uvuleke khona, lihlanzwe noma licwengwe bese libuyiselwa esigulini. Ngenxa yokuthi izindlela zokusebenzisa lezi zinqubo ziyahlukahluka kuye ngodokotela, umKristu kufanele athole ukuthi udokotela wakhe uhloseni.

Lapho wenza izinqumo ngalezi zinqubo, zibuze: ‘Uma ingxenye ethile yegazi lami izokhishwa emzimbeni futhi ukujikeleza kwalo kungase ngisho kuphazamiseke okwesikhathi esithile, ingabe unembeza wami uyongivumela ukuba ngibheke lelo gazi njengeliseyingxenye yami, kanjalo kungadingeki ukuba “[lithululelwe] emhlabathini”? (Duteronomi 12:23, 24) Ingabe unembeza wami oqeqeshwe ngeBhayibheli ungaphazamiseka uma phakathi nenqubo ethile yokwelapha kukhishwa ingxenye ethile yegazi lami, yenziwe okuthile, bese ibuyiselwa emzimbeni wami? Ngiyaqaphela yini ukuthi ukwenqaba zonke izinqubo zokwelapha ezihilela ukusetshenziswa kwegazi lami kusho ukuthi ngeke ngivume ukuba igazi lami lihlolwe, ukuba ngisebenzise umshini ohlanza igazi (hemodialysis) noma umshini wenhliziyo namaphaphu oxhunyelelwayo (heart-lung bypass machine)?’

UmKristu kumelwe azinqumele ukuthi uyovumela ukuba kwenziweni ngegazi lakhe phakathi nenqubo yokuhlinzwa. Kungokufanayo nasekuhlolweni kwempilo kanye nasezindleleni zokwelapha zesimanje, ezihilela ukukhipha igazi lakho elincane, mhlawumbe lixutshwe ngandlela-thile, bese liphindiselwa emzimbeni.