Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Indlela Yokuyeka Umkhuba Wokushaya Indlwabu

Indlela Yokuyeka Umkhuba Wokushaya Indlwabu

Njengoba kuwumkhuba ongahlanzekile ngokomoya, ukushaya indlwabu kugxilisa isimo sengqondo esikhuthaza ubugovu nesonakalisa ingqondo. * Umuntu oshaya indlwabu angase agcine esebheka abanye njengezinto zobulili nje kuphela—amathuluzi okuzanelisa ngokobulili. Akabe esabheka ubulili njengesenzo sothando kodwa buba isenzo sokuzijabulisa isikhashana kanye nokuzikhulula ekucindezelweni inkanuko. Kodwa leyo mpumuzo imane ingeyesikhashana kuphela. Empeleni, kunokuba kubulale amalungu omzimba “ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili [esingafanele],” ukushaya indlwabu kuyawavusa.—Kolose 3:5.

Umphostoli uPawulu wabhala: “Bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Uma kunzima ukwenza okushiwo yila mazwi, ungalilahli ithemba. UJehova uhlale ‘ekulungele ukuthethelela’ nokusiza. (IHubo 86:5; Luka 11:9-13) Yebo, kwakona nje ukulahlwa inhliziyo yakho kanye nemizamo oyenzayo yokugqashula kulo mkhuba—naphezu kokwehluleka ngezinye izikhathi—kubonisa isimo esihle sengqondo. Khumbula nokuthi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” (1 Johane 3:20) UNkulunkulu ubheka ngalé kwezono zethu; ubona umuntu njengoba enjalo. Lolu lwazi lumenza akwazi ukusilalela ngozwela lapho sicela isihe ngobuqotho. Ngakho, ungalokothi ukhathale ukuphendukela kuNkulunkulu ngokuthobeka nangomthandazo oqotho, kuhle kwengane eya kuyise lapho isenkingeni. UJehova uyokubusisa ngonembeza ohlanzekile. (IHubo 51:1-12, 17; Isaya 1:18) Yiqiniso, nawe kudingeka uthathe izinyathelo ezivumelana nemithandazo yakho. Ngokwesibonelo, uyokwenza konke ongakwenza ukuze ugweme zonke izinhlobo zezithombe zobulili ezingcolile kuhlanganise nabangane ababi. *

Uma inkinga yakho yokushaya indlwabu iqhubeka, siza ukhulume ngayo nomzali ongumKristu noma umngane ovuthiwe ngokomoya nokhathalelayo. *IzAga 1:8, 9; 1 Thesalonika 5:14; Thithu 2:3-5.

^ isig. 1 Ukushaya indlwabu kuwukuziphulula noma ukuzihlikihla izitho zobulili, ngokuvamile okuphumela ekubeni umuntu agcine esefike eqophelweni lokwaneliseka ngokobulili.

^ isig. 2 Njengesinyathelo esiwusizo ekulawuleni ukusetshenziswa kwe-computer ekhaya, imikhaya eminingi iyibeka endaweni esobala. Ngaphezu kwalokho, eminye ithenga izinhlelo ze-computer ezikwazi ukuhlunga ukwaziswa okungathandeki. Nokho, azikho izinhlelo ezithembeke ngokuphelele.

^ isig. 1 Ukuze uthole ukusikisela okungokoqobo kokuthi ungakunqoba kanjani ukushaya indlwabu, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingawunqoba Kanjani Lo Mkhuba?” kuyi-Phaphama! ka-November 2006, kanye namakhasi 178-182 encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1.