Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abobulili Obuhlukile

Abobulili Obuhlukile

Ingxenye 1

Abobulili Obuhlukile

Ake sithi ubona intombazane nomfana bebambene ngezandla bethilileka emaphasishi lapho kushintshwa amakilasi esikoleni. Uzizwa kanjani?

□ Awunandaba

□ Unomona kancane

□ Uyafa umona

Usebhayisikobho nabangane bakho bese uphawula ukuthi wonk’ umuntu uhamba nesithandwa sakhe—nguwe kuphela ongenabani! Uzizwa kanjani?

□ Awunankinga

□ Uba namahloni kancane

□ Uyafa umona

Muva nje umngane wakho omkhulu uqale ukubonisa isithakazelo kothile wobulili obuhlukile futhi sebeyathandana. Uzizwa kanjani?

□ Uyajabula

□ Unomona kancane

□ Kuyakucasula

Umfana nentombazane, intombazane nomfana. Ubathola yonk’ indawo—esikoleni, emgwaqweni nasezitolo. Njalo uma ubabona uzwa isifiso esinamandla sokuba nomuntu ophola naye. Kodwa ingabe ukulungele ukuphola nothile? Uma usukulungele, ungamthola kanjani umuntu okufanele? Uma usumtholile, ungakugcina kanjani ukuthandana kwenu kuhlanzekile? Izahluko 1-5 zizokusiza uphendule le mibuzo.

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 12, 13]