Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Lo Muntu Ungifanele?

Ingabe Lo Muntu Ungifanele?

Isahluko 3

Ingabe Lo Muntu Ungifanele?

Ake uzinike isikhashana uphendule le mibuzo:

Yiziphi izimfanelo njengamanje obungazibheka njengezibalulekile kumuntu ongashada naye? Kulolu hlu olungezansi, faka u- ezimfanelweni ezine ocabanga ukuthi zibaluleke kakhulu.

□ Kufanele abe umuntu □ Obukeka kahle

□ Othanda izinto ezingokomoya □ Onobungane

□ Onokwethenjelwa □ Odumile

□ Oziphethe kahle □ Onamahlaya

Onemigomo Lapho usemncane, kwake kwenzeka wathatheka ngomuntu othile? Kulolu hlu olungenhla, faka u- × emfanelweni eyayikukhanga kakhulu kulowo muntu ngaleso sikhathi.

AKUKHO lutho olungalungile nganoma iyiphi kulezi zimfanelo ezingenhla. Ngayinye iyakhanga. Kodwa awuvumi yini ukuthi uma usabanjwe uthando lokuthatheka lapho usemusha, uvame ukugxila ezimfanelweni ezingabalulekile, njengalezi ezisohlwini olukwesobunxele?

Kepha njengoba ukhula, uqala ukusebenzisa amandla akho okuqonda ubheke izinto ezijulile, njengalezi ezisohlwini olukwesokudla. Ngokwesibonelo, uqala ukubona ukuthi lowaya phuma langa sikothe wangakini angase angabi umuntu onokwethenjelwa noma ukuthi lowaya mfana oyisilomo ekilasini angase angabi umuntu oziphethe kahle. Uma usudlulile ekuqhumeni kobusha, cishe ubheka ngale kwezimfanelo ezingabalulekile ukuze uphendule lo mbuzo, “Ingabe lo muntu ungifanele?”

Zazi Wena Kuqala

Ngaphambi kokuba ucabangele ukuthi ubani okufanele, kudingeka uzazi kahle wena. Ukuze uthole ukuthi ungumuntu onjani, phendula le mibuzo:

Yiziphi izimfanelo zami ezinhle? ․․․․․

Kukuphi lapho ngibuthaka khona noma lapho ngishiyeka khona? ․․․․․

Nginaziphi izidingo ezingokomzwelo nezingokomoya? ․․․․․

Ukuzazi wena akulula, kodwa imibuzo enjengale ingakusiza. Lapho usuzazi kangcono, uyokulungela kangcono ukuthola umuntu oyokhulisa izimfanelo zakho ezinhle kunokuba agqamise ubuthakathaka bakho. * Kuthiwani uma ucabanga ukuthi usumtholile umuntu onjalo?

Ingabe Noma Ubani Nje Uyafaneleka?

“Ngicela ukukwazi kangcono.” La mazwi angakwenza uxwaye noma ufe injabulo—kuye ngokuthi ashiwo ubani. Ake sithi uyavuma. Njengoba isikhathi siqhubeka, ungabona kanjani ukuthi isoka lakho noma intombi yakho ikufanele wena?

Ake sithi ufuna ukuthenga izicathulo ezintsha. Ungena esitolo, ubone izicathulo ozithandayo. Uyazilinganisa, bese uthola ukuthi—ngeshwa—ziyakumpintsha. Ubungenzenjani? Ubungazithenga? Noma ubungabheka ezinye? Ngokusobala, okugcono ukuba uzibuyisele bese ubheka ezinye. Bekungeke kube ukuhlakanipha ukuhamba ugqoke izicathulo ezingakulingani!

Kungokufanayo nangokukhetha umuntu ozoshada naye. Njengoba isikhathi sihamba, baningana abantu bobulili obuhlukile abangase bakukhange. Kodwa lokho akusho ukuthi noma ubani nje uyafaneleka. Angithi ufuna umuntu enizophilisana kahle naye—umuntu ofanelana nobuntu bakho nemigomo yakho! (Genesise 2:18; Mathewu 19:4-6) Ingabe usumtholile umuntu onjalo? Uma kunjalo, ungaqiniseka kanjani ukuthi uyena okufanele?

Ukubheka Ngalé Kwengaphandle

Ukuze uphendule lo mbuzo wokugcina, mbheke ngomqondo ovulekile lo muntu okukhangayo. Kodwa qaphela! Ungase uthambekele ekuboneni lokho ofuna ukukubona nje kuphela. Ngakho zinike isikhathi. Zama ukwazi ukuthi ungumuntu onjani ngempela. Lokhu kuyodinga uzikhandle. Kodwa kulindelekile lokho. Ngokwesibonelo: Ake sithi ufuna ukuthenga imoto. Kungakanani obungafuna ukukwazi ngayo? Ingabe ubuyokhathalela indlela ebukeka ngayo ngaphandle kuphela? Bekungeke yini kube ukuhlakanipha ukubheka nangaphakathi—mhlawumbe uthole okuningi ngangokunokwenzeka ngesimo senjini?

Ukuthola umuntu ozoshada naye kubaluleke kakhulu kunokukhetha imoto. Kodwa abaningi abapholayo ababheki ngalé kwengaphandle. Kunalokho, bagijimela ukubala izinto abafana ngazo: ‘Sithanda umculo ofanayo.’ ‘Sithanda ukwenza izinto ezifanayo.’ ‘Sivumelana kuzo zonke izinto!’ Kodwa njengoba sekushiwo ngaphambili, uma usudlulile ngempela ekuqhumeni kobusha, ubheka ngalé kwezimfanelo ezingabalulekile. Ubona nesidingo sokubheka “umuntu osithekile wenhliziyo.”—1 Petru 3:4; Efesu 3:16.

Ngokwesibonelo, kunokugxila ekutheni kungakanani enivumelana ngakho, ungase ufunde okuningi ngalowo muntu uma ubheka ukuthi kwenzekani lapho ningavumelani. Ngamanye amazwi, lo muntu ukusingatha kanjani ukungaboni ngaso linye—ingabe ufuna izinto zenziwe ngendlela yakhe, mhlawumbe abe ‘nesifuthefuthe sentukuthelo’ noma asebenzise “inkulumo eyihlazo”? (Galathiya 5:19, 20; Kolose 3:8) Noma ingabe ungumuntu onengqondo—ovumayo ukuba izinto zenziwe ngendlela yomunye ukuze kube nokuthula lapho kungephulwa zimiso zokulungile nokungalungile?—Jakobe 3:17.

Okunye okumelwe ukucabangele: Ingabe lo muntu uthanda ukuxhaphaza, ukulawula abanye, noma unesikhwele? Ingabe ufuna ukwazi konke okwenzayo? UNicole uthi: “Ngiye ngizwe ngabantu abapholayo abaxatshaniswa ukuthi othile akanakuyimela indaba yokuthi omunye akazange abike ukuthi ukuphi. Ngicabanga ukuthi lokho kuwuphawu olubi.”—1 Korinte 13:4.

Izinto ezifana nezishiwo ngenhla zigxile ebuntwini nasekuziphatheni. Nokho, kubaluleke ngendlela efanayo ukuthola okuthile ngedumela lalo muntu. Abanye bambheka kanjani? Ungase uthande ukuxoxa nabantu asebenesikhathi bemazi, njengabantu abadala ebandleni. Uma wenzenjalo, uyothola ukuthi lo muntu ‘ukhulunyelwa kahle’ yini.—IzEnzo 16:1, 2.

Ungafunda okuningi uma uzibhala phansi izinto oziphawulayo ngokuthi lo muntu wenzenjani ezicini osekuxoxwe ngazo.

Ubuntu ․․․․․

Ukuziphatha ․․․․․

Idumela ․․․․․

Kuyokuzuzisa nokubheka  ibhokisi elithi “Ingabe Uyoba Umyeni Omuhle?” ekhasini 39 noma elithi  “Ingabe Uyoba Inkosikazi Enhle?” ekhasini 40. Imibuzo elapho iyokusiza ukuba unqume ukuthi lo muntu uyoba umngane womshado ofanelakayo yini.

Kuthiwani uma ngemva kokucabangela le ndaba, uphetha ngokuthi mhlawumbe lo muntu akakufanele wena? Uma kunjalo, ubhekene nombuzo obalulekile:

Ingabe Kufanele Sihlukane?

Ngezinye izikhathi ukuhlukana kuba isibusiso. Cabanga ngokwenzeka kuJill. Uthi: “Ekuqaleni kwakungijabulisa ukuthi isoka lami lingibuza njalo ukuthi ngikuphi, ngenzani, nginobani. Kodwa kwahamba kwahamba lagcina selifuna ngibe nalo kuphela. Lalize libe nesikhwele uma nginabasekhaya—ikakhulukazi ubaba. Ngenkathi sihlukana, kwaba sengathi kunomthwalo omkhulu osusiwe emahlombe ami!”

USarah naye wabhekana nesimo esifanayo. Waphawula ukuthi uJohn, insizwa ayephola nayo, yayibhuqa, ihlupha futhi iluhlaza. USarah uyakhumbula: “Ngelinye ilanga ngamlinda amahora amathathu engafiki! Lapho efika wavele wangamnaka umama ngesikhathi emvulela umnyango, wayesethi kimi: ‘Asihambe. Sesishiywe isikhathi.’ Wangasho ukuthi ‘Ngishiywe isikhathi,’ kodwa wathi ‘Sishiywe isikhathi.’ Kwakufanele axolise noma achaze ukuthi wayebanjwe yini. Ngaphezu kwakho konke, kwakufanele ahloniphe umama!” Kuyavunywa, isenzo noma isici esisodwa esidumazayo asisho ukuthi kufanele nihlukane. (IHubo 130:3) Kodwa lapho uSarah ephawula ukuthi kwakuwumkhuba kaJohn ukuba luhlaza kungeyona into ethuke yenzeka, wanquma ukuba bahlukane.

Kuthiwani uma nawe, njengoJill noSarah, unquma ukuthi umuntu ophola naye ngeke abe umngane womshado ofanelakayo? Uma kunjalo, musa ukuyiziba imizwa yakho! Nakuba kungase kube nzima ukukwamukela, kungaba ngcono kakhulu ukuba nihlukane. IzAga 22:3 zithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” Ngokwesibonelo, uma umuntu ophola naye ebonisa uphawu oluyingozi olulodwa noma ngaphezulu ezisemakhasini 39 no-40, kungaba kuhle kakhulu ukuba nihlukane—okungenani kuze kube yilapho leyo nkinga isilungisiwe. Yiqiniso, kungase kungabi lula ukuhlukana. Kodwa umshado uyisibopho saphakade. Kungcono ukuphila nobuhlungu besikhashana manje kunokuba uhlushwe umuzwa wokuzisola ukuphila kwakho konke kamuva!

Indlela Yokumtshela

Kufanele umtshele kanjani ukuthi ucu aluhlangani? Okokuqala, khetha indawo efanele eningaxoxela kuyo. Kungaba indawo enjani? Cabanga ngokuthi wena ubungathanda ukuphathwa kanjani esimweni esinjalo. (Mathewu 7:12) Ingabe ubungathanda ukutshelwa phambi kwabantu? Cishe ubungeke. Akutuseki ukumala ngokushiya umyalezo ocingweni, ngokubhala umyalezo ngomakhalekhukhwini noma nge-computer, ngaphandle kwalapho izimo zibizela lokho. Kunalokho, khetha isikhathi nendawo eyonenza nikwazi ukuxoxa ngalolu daba olubaluleke kangaka.

Yini okufanele uyisho lapho kufika isikhathi sokubhoboza ithumba? Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba “akhulume iqiniso” komunye nomunye. (Efesu 4:25) Ngakho indlela enhle kakhulu ukuba nesu lokungacunuli kodwa uqine. Yisho ngokucacile ukuthi kungani ucabanga ukuthi lobu buhlobo ngeke buphumelele. Akudingeki umbalele uhide lwamaphutha akhe noma umgxeke. Eqinisweni, esikhundleni sokuthi, “Wena awukwenzi lokhu” noma “Wena awulokothi wenze lokhu,” kungaba ngcono ukusebenzisa amagama agxile ekutheni wena uzizwa kanjani—“Ngidinga umuntu owokuthi nokuthi . . .” noma “Nginomuzwa wokuthi kufanele sihlukane ngoba . . .”

Lesi akusona isikhathi sokuyishaya emuva uyishaye phambili noma sokumvumela ukuba akushintshe umqondo. Khumbula, unqume ukuba nihlukane ngesizathu esizwakalayo. Ngakho qapha uma ezama ukukushintshisa umqondo ngezindledlana zobuqili. Intokazi okuthiwa uLori ithi: “Lapho sesehlukene, insizwa eyayiyisoka lami yaqala ukuzenza umuntu ocindezelekile ngaso sonke isikhathi. Ngicabanga ukuthi yayenzela ukuba ngiyizwele. Ngayizwela kona. Kodwa angiyivumelanga ukuba ingishintshise isinqumo sami.” NjengoLori, zazi ukuthi ufunani. Namathela esinqumweni sakho. U-cha wakho makabe u-cha.Jakobe 5:12.

Ngemva Kokuhlukana

Ungamangali uma uzizwa udumele kakhulu ngemva kokuhlukana. Ungase ngisho uzizwe njengomhubi owathi: “Ngikhungathekile, ngikhothame kwaze kwedlulela; usuku lonke ngihambahambé ngidabukile.” (IHubo 38:6) Abanye abangane abanezinhloso ezinhle bangase bazame ukusiza ngokukukhuthaza ukuba ubuyelane nobuthandana naye. Qaphela! Uwena oyophila naleso sinqumo sakho—hhayi abangane bakho abanezinhloso ezinhle. Ngakho ungesabi ukunamathela esinqumweni sakho—nakuba ungase uphatheke kabi ngokwenzekile.

Qiniseka ukuthi imizwa yobuhlungu iyogcina idlulile. Okwamanje, ukuze ubhekane nesimo, kungani ungenzi izinto ezinhle njengalezi ezilandelayo?

Tshela umuntu omethembayo ngendlela ozizwa ngayo. * (IzAga 15:22) Thandaza kuJehova ngale ndaba. (IHubo 55:22) Zigcine umatasa. (1 Korinte 15:58) Musa ukuba unkom’ idla yodwa! (IzAga 18:1) Phinde uzihlanganise nabantu abazokwakha. Zama ukugcina ingqondo yakho isezintweni ezinhle.—Filipi 4:8.

Ngokuhamba kwesikhathi ungase umthole omunye. Akungabazeki ukuthi uyobe usuwazi ukuthi ufuna umuntu onjani. Mhlawumbe ngaleso sikhathi impendulo yombuzo othi “Ingabe lo muntu ungifanele?” iyoba u-yebo!

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 31

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Lapho senithandana, unquma kanjani ukuthi iyiphi indlela efanele yokubonisana uthando?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 17 Ungafunda okwengeziwe ngawe ngokucabanga ngemibuzo eseSahlukweni 1 ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ingabe Usukulungele Ukushada?”

^ par. 45 Abazali bakho noma abanye abantu abadala, njengabadala abangamaKristu, bangakusiza. Ungathola nokuthi kwabona ngenkathi bebancane babhekana nesimo esibuhlungu esifanayo.

UMBHALO OYINHLOKO

“Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.”—IzAga 20:11.

ICEBISO

Yenzani izinto ezembula izimfanelo zenu:

● Tadishani iZwi likaNkulunkulu ndawonye.

● Bhekanani indlela enihlanganyela ngayo emihlanganweni yebandla nasenkonzweni.

● Hlanganyelani ekuhlanzeni iHholo LoMbuso nasekwakheni izakhiwo.

UBUWAZI . . . ?

Ukuhlola kubonise kaningi ukuthi imishado yabantu abasezinkolweni ezingefani isethubeni elikhulu lokuphela ngesahlukaniso.

ENGIZOKWENZA!

Uma ngikhangwa umuntu ongakholwa, ngizo- ․․․․․

Ukuze ngithole ukuthi umuntu engiphola naye unedumela elinjani, nginga- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) bami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Yiziphi izimfanelo ezinhle oyoziletha emshadweni?

Yiziphi izimfanelo ezisemqoka oyozibheka kumuntu ongathanda ukushada naye?

Yiziphi izinkinga eziyinkimbinkimbi ezingavela uma ungashada nomuntu ongakholwa?

Ungabazi kanjani ubuntu, ukuziphatha nedumela lomuntu ophola naye?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 37]

‘‘Indlela umuntu ophola naye aphatha ngayo abakubo, yindlela ayokuphatha ngayo nawe.’’—UTony

[Ibhokisi ekhasini 34]

“Ningaboshelwa Ejokeni”

“Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa.” Lesi simiso seBhayibheli, esitholakala kweye-2 Korinte 6:14, cishe sizwakala sihlakaniphile kuwe. Noma kunjalo, ungase uzithole ukhangwa umuntu ongakholwa. Kungani? Ngezinye izikhathi kungaba ukubukeka. Umfana okuthiwa uMark uthi: “Ngangiyibona njalo le ntombazane ekilasini lokuvivinya umzimba. Yayenza konke engakwenza ukuze izokhuluma nami. Kwaba lula ukuba sibe abangane.”

Uma uzazi wena futhi uqiniseka ngezinkolelo zakho—futhi uvuthwe ngokwanele ukuba ungabuswa imizwa—uyokwazi okufanele ukwenze. Ngempela, lo muntu—noma ngabe muhle kanjani, uthandeka kanjani, noma ubonakala eqotho kanjani—ngeke abenze ngcono ubungane bakho noNkulunkulu.—Jakobe 4:4.

Yebo, uma senithandana, ngeke kube lula ukuhlukana—njengoba kwaba njalo ngentombazane okuthiwa uCindy. Uthi: “Ngangikhala zonk’ izinsuku. Ngangihlale ngicabanga ngalo mfana, ngisho nasemihlanganweni yobuKristu. Ngangimthanda kakhulu kangangokuba ngangingancamela ukufa kunokuba sihlukane.” Nokho, uCindy washeshe wakubona ukuhlakanipha kweseluleko sikanina sokungathandani nomuntu ongakholwa. Uthi: “Kuhle ukuthi ngahlukana naye. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova uyozinakekela izidingo zami.”

Ingabe nawe usesimweni esifana nesikaCindy? Uma kunjalo, akudingeki ubhekane naso wedwa! Ungaxoxa nabazali bakho. Yilokho okwenziwa uJim lapho ezithola esha amashushu ngentombazane ethile esikoleni. Uthi: “Ngagcina sengicele abazali bami ukuba bangisize. Yilokho okwangisiza nganqoba le mizwa.” Abadala bebandla nabo bangakusiza. Kungani ungaxoxi noyedwa wabo ngesimo okuso?—Isaya 32:1, 2.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 39]

 Ishadi Lemibuzo

Ingabe Uyoba Umyeni Omuhle?

Izimfanelo Eziyisisekelo

□ Ulisebenzisa kanjani igunya okungenzeka unalo?—Mathewu 20:25, 26.

□ Iyini imigomo yakhe?—1 Thimothewu 4:15.

□ Ingabe njengamanje usebenzela ekufinyeleleni leyo migomo?—1 Korinte 9:26, 27.

□ Ubaphatha kanjani abakubo?—Eksodusi 20:12.

□ Obani abangane bakhe?—IzAga 13:20.

□ Uvame ukukhuluma ngani?—Luka 6:45.

□ Uyibheka kanjani imali?—Hebheru 13:5, 6.

□ Uthanda uhlobo olunjani lokuzijabulisa?—IHubo 97:10.

□ Ulubonakalisa kanjani uthando lwakhe ngoJehova?—1 Johane 5:3.

Izimfanelo Ezinhle

□ Ingabe ukhuthele?—IzAga 6:9-11.

□ Ingabe uyisebenzisa kahle imali?—Luka 14:28.

□ Ingabe ukhulunyelwa kahle?—IzEnzo 16:1, 2.

□ Ingabe uyabacabangela abanye?—Filipi 2:4.

Izimpawu Eziyingozi

□ Ingabe uvame ukuthukuthela?—IzAga 22:24.

□ Ingabe uzama ukukunxenxela ekuziphatheni okubi kobulili?—Galathiya 5:19.

□ Ingabe uyashaya noma uyahlambalaza?—Efesu 4:31.

□ Ingabe kudingeka aphuze ukuze ajabule?—IzAga 20:1.

□ Ingabe unesikhwele futhi uyigovu?—1 Korinte 13:4, 5.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 40]

 Ishadi

Ingabe Uyoba Inkosikazi Enhle?

Izimfanelo Eziyisisekelo

□ Ukubonakalisa kanjani ukuthobeka ekhaya nasebandleni?—Efesu 5:21, 22.

□ Ubaphatha kanjani abakubo?—Eksodusi 20:12.

□ Obani abangane bakhe?—IzAga 13:20.

□ Uvame ukukhuluma ngani?—Luka 6:45.

□ Uyibheka kanjani imali?—1 Johane 2:15-17.

□ Iyini imigomo yakhe?—1 Thimothewu 4:15.

□ Ingabe njengamanje usebenzela ekufinyeleleni leyo migomo?—1 Korinte 9:26, 27.

□ Uthanda hlobo luni lokuzijabulisa?—IHubo 97:10.

□ Ulubonakalisa kanjani uthando lwakhe ngoJehova?—1 Johane 5:3.

izimfanelo ezinhle

□ Ingabe ukhuthele?—IzAga 31:17, 19, 21, 22, 27.

□ Ingabe uyisebenzisa kahle imali?—IzAga 31:16, 18.

□ Ingabe ukhulunyelwa kahle?—Ruthe 3:11.

□ Ingabe uyabacabangela abanye?—IzAga 31:20.

Izimpawu Eziyingozi

□ Ingabe uthanda izingxabano?—IzAga 21:19.

□ Ingabe uzama ukukunxenxela ekuziphatheni okubi kobulili?—Galathiya 5:19.

□ Ingabe uyashaya noma uyahlambalaza?—Efesu 4:31.

□ Ingabe kudingeka aphuze ukuze ajabule?—IzAga 20:1.

□ Ingabe unesikhwele futhi uyigovu?—1 Korinte 13:4, 5.

[Isithombe ekhasini 30]

Ngeke ulinganwe yinoma yisiphi isicathulo; ngokufanayo, ngeke ufanelwe yinoma ubani

[Isithombe ekhasini 31]

Ucabanga ukuthi kubalulekile ukungabheki nje ingaphandle lodwa lapho uthenga imoto? Kakhulu kangakanani lapho ukhetha umngane womshado!