Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kumelwe Ngihlale Ngimsulwa?

Kungani Kumelwe Ngihlale Ngimsulwa?

Isahluko 5

Kungani Kumelwe Ngihlale Ngimsulwa?

“Ngizizwa ngicindezeleka ukuba ngihlanganyele ubulili.”—UKelly.

“Ngizizwa ngingasile ngoba namanje angikalali nentombazane.”—UJordon.

“AWUKAZE ulale namuntu namanje?” Lo mbuzo ungakwenza ufune umgodi wokucasha! Empeleni, ezindaweni eziningi umuntu osemusha ongakaze abenze ubulili ubhekwa njengongasile nongaphilile kahle. Yingakho intsha eningi kangaka ihlanganyela ubulili ingakayihlanganisi iminyaka engu-20!

Idonswa Inkanuko, Icindezelwe Ontanga

Uma ungumKristu, uyazi ukuthi iBhayibheli likutshela ukuba ‘udede ebufebeni.’ (1 Thesalonika 4:3) Noma kunjalo, ungase ukuthole kunzima ukulawula izifiso zakho zobulili. Insizwa okuthiwa uPaul iyavuma: “Ngezinye izikhathi ngifikelwa imicabango yobulili ngaphandle kwesizathu.” Qiniseka ukuthi imizwa enjalo ngokuvamile ingokwemvelo.

Nokho, akumnandi neze ukulokhu ugconwa futhi uhlushwa ngoba ungakaze ubenze ubulili! Ngokwesibonelo, kuthiwani uma ontanga bekutshela ukuthi awunsizwa yalutho noma awuntombi yalutho uma ungakaze ubenze ubulili? U-Ellen uthi: “Ontanga benza ubulili bubonakale bujabulisa futhi benziwa yiwo wonk’ umuntu. Uma ungabenzi ubulili, kuthiwa awusile kahle.”

Kodwa kunohlangothi lobulili bangaphambi komshado ontanga yakho abangaxoxi ngalo. Ngokwesibonelo, uMaria, owalala nesoka lakhe, uyakhumbula: “Kamuva ngazizwa nginamahloni futhi ngidumele. Ngazizonda mina ngazonda nesoka lami.” Imizwa enjena ivamile kunokuba intsha eningi iqaphela. Esimweni esingokoqobo, ubulili ngaphambi komshado buvame ukuba yinto ebuhlungu ngokomzwelo—enemiphumela emibi kakhulu!

Osemusha okuthiwa uShanda uyabuza, “UNkulunkulu wayeyinikelani intsha izifiso zobulili, azi ukuthi akufanele izanelise kuze kube yilapho isishadile?” Umbuzo omuhle lowo. Kodwa cabanga ngalokhu:

Ingabe isifiso sobulili yisona sodwa isifiso esinamandla oba naso? Cha. UJehova uNkulunkulu wakudala waba nezifiso nemizwa eminingi ehlukahlukene.

Ingabe kufanele wanelise isifiso ngasinye esikufikelayo? Cha, ngoba uNkulunkulu wakwenza wakwazi ukulawula okwenzayo.

Sifundani-ke kulokhu? Ungase ungakwazi ukuvimba izifiso ezithile, kodwa ungakwazi ukulawula indlela osabela ngayo kuzo. Ukwanelisa isifiso sobulili isikhathi ngasinye lapho siphakama kungaba okungafanele nokuwubuwula njengokushaya umuntu isikhathi ngasinye lapho ucasuka.

Iqiniso liwukuthi uNkulunkulu wayengahlosile ukuba sizisebenzise kabi izitho zethu zokuzala. IBhayibheli lithi: “Ngamunye wenu [kufanele] azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo.” (1 Thesalonika 4:4) Njengoba ‘kunesikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda,’ sikhona nesikhathi sokwanelisa isifiso sobulili nesokungasanelisi. (UmShumayeli 3:1-8) Ekugcineni, nguwe olawula izifiso zakho!

Kodwa yini ongayenza uma umuntu ekugcona, ebabaza ethi, “Hawu, ingabe ngempela awukaze ubenze ubulili?” Ungesabi. Kumuntu omane nje efuna ukuhlekisa ngawe ungase uthi: “Yebo, angikaze ngibenze ubulili, futhi uyaz’ ukuthini? Ngiyajabula ngalokho!” Noma ungase uthi, “Le ndaba angiyikhulumi nabanye abantu.” * (IzAga 26:4; Kolose 4:6) Ngakolunye uhlangothi, ungase ube nomuzwa wokuthi lo muntu okubuzayo ufanelwe ukwazi okwengeziwe. Uma kunjalo ungase ukhethe ukumchazela ukuma kwakho okusekelwe eBhayibhelini.

Zikhona yini ezinye izindlela ozicabangayo ongaphendula ngazo uma ugconwa ngokuthi “Ingabe ngempela awukaze ubenze ubulili?” Uma zikhona zibhale ngezansi.

․․․․․

Isipho Esiyigugu

UNkulunkulu uzizwa kanjani lapho abantu bekhetha ukuhlanganyela ubulili ngaphambi komshado? Ake sithi uthengele umngane wakho isipho. Kodwa ngaphambi kokuba umnikeze, asivule—ngoba nje efuna ukwazi ukuthi kukhonani phakathi! Ubungeke uphatheke kabi? Cabanga-ke ukuthi uNkulunkulu angazizwa kanjani uma ungase uhlanganyele ubulili ungakashadi. Ufuna ulinde kuze kube yilapho usushadile ngaphambi kokuba ujabulele isipho esiwubuhlobo bobulili.—Genesise 1:28.

Yini okufanele uyenze ngemizwa yakho yobulili? Kalula nje, funda ukuyilawula. Unawo amandla okukwenza lokho! Thandazela ukuba uJehova akusize. Umoya wakhe ungakusiza ukuba ubonise ukuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Zikhumbuze ukuthi uJehova “akayikubagodlela okuhle labo abahamba ngokungenaphutha.” (IHubo 84:11) Ibhungu okuthiwa uGordon lithi: “Lapho ingqondo yami ingitshela ukuthi ubulili ngaphambi komshando abububi kangako, ngiye ngicabange ngemiphumela emibi ngokomoya bese ngiyabona ukuthi asikho isono esifanelekela ukuba singilahlekisele ubuhlobo bami noJehova.”

Iqiniso liwukuthi, ukuba msulwa akuyona into exakile noma ebonisa ukuthi awuphilile engqondweni. Ukuziphatha kabi ngokobulili yikona okwehlisa isithunzi, okululazayo nokulimazayo. Ngakho, musa ukuvumela amanga aleli zwe akukhohlise ucabange ukuthi kukhona okungalungile ngawe uma unamathela ezimisweni zeBhayibheli. Ngokuhlala umsulwa uvikela impilo yakho, inhlalakahle yakho engokomzwelo futhi—okubaluleke kunakho konke—uvikela ubuhlobo bakho noNkulunkulu.

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 24

[Umbhalo waphansi]

^ par. 15 Kuyathakazelisa ukuthi uJesu wakhetha ukuthula lapho uHerode emphonsa imibuzo. (Luka 23:8, 9) Ngokuvamile ukuthula kuyindlela enhle yokusingatha imibuzo engenanhlonipho.

UMBHALO OYINHLOKO

“Uma umuntu . . . enzé lesi sinqumo enhliziyweni yakhe, sokuba agcine ubumsulwa bakhe, uyokwenza kahle.”—1 Korinte 7:37.

ICEBISO

Gwema ukuzihlanganisa nabantu abanesimilo esixegayo, ngisho noma bethi banezinkolelo ezifana nezakho.

UBUWAZI . . . ?

Abantu abaziphatha kabi ngokobulili abavamile ukushintsha indlela abaziphatha ngayo ngenxa nje yokuthi sebeshadile. Kanti labo abaqotho ezimisweni zikaNkulunkulu zokuziphatha ngaphambi kokuba bashade, bavamile ukuba qotho kwabashade nabo kamuva.

ENGIZOKWENZA!

Ukuze ngihlale ngimsulwa ngize ngishade, kuzodingeka ngi- ․․․․․

Uma abangane bami bekwenza kube nzima ukuba ngibambelele esinqumweni sami, ngizo- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Ngokubona kwakho, kungani abanye bebachwensa labo abangakaze bahlanganyele ubulili?

Kungani kungase kube nzima ukuhlala umsulwa?

Ziyini izinzuzo zokuhlala umsulwa uze ushade?

Ungayichazela kanjani ingane yakini encane ngezinzuzo zokuhlala umsulwa?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 51]

‘‘Ngishukumiseleka ukuba ngimelane nezilingo zobulili ngokukhumbula njalo ukuthi ‘akukho sifebe nomuntu ongcolile onefa embusweni kaNkulunkulu.’’’(Efesu 5:5)—ULydia

[Ibhokisi ekhasini 49]

Ishadi Lemibuzo

Kwenzekani Ngempela Kamuva?

Ontanga yakho nabezokuzijabulisa bavame ukuwafihla ngobuqili amaqiniso abuhlungu ngobulili bangaphambi komshado. Cabanga ngalezi zimo ezintathu ezilandelayo. Ucabanga ukuthi kuyokwenzekani ngempela kule ntsha?

● Ofunda naye esikoleni uqhosha ngokuthi uselale namantombazane amaningi. Uthi kumnandi—akekho olimalayo. Kwenzekani ngempela kamuva—kuyena nasemantombazaneni? ․․․․․

● Isithombe sebhayisikobho siphela lapho abasha ababili abangashadile behlanganyela ubulili ukuze babonisane ukuthi bayathandana. Kuyokwenzekani kamuva—ekuphileni okungokoqobo? ․․․․․

● Uhlangana nomfana omuhle othi ofuna ukulala nawe. Uthi ngeke nitshele muntu. Uma uvuma bese uzama ukufihla, koyokwenzekani ngempela kamuva? ․․․․․

[Isithombe ekhasini 54]

Ukuhlanganyela ubulili ngaphambi komshado kufana nokuvula isipho ungakasinikezwa