Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Ngigule Kangaka?

Kungani Kufanele Ngigule Kangaka?

Isahluko 8

Kungani Kufanele Ngigule Kangaka?

“Lapho usemusha, uzizwa uwumqemane. Kodwa kungazelelwe, ukugula okungathí sina kukuvuse emaqandeni. Uzizwa sengathi uvele waguga ngokuphazima kweso.”—UJason.

NGESIKHATHI uJason eneminyaka engu-18, wathola ukuthi uphethwe i-Crohn’s disease, isifo sesisu esijuqayo nesiqeda amandla. Mhlawumbe nawe uhlushwa isifo esingamahlalakhona noma ukukhubazeka okuthile. Izinto abantu abaningi abazithatha kalula—njengokuzigqokisa, ukudla noma ukuya esikoleni—kungase kube umzukuzuku ukuzenza.

Ukugula okungamahlalakhona kungase kukwenze uzizwe sengathi uboshiwe, sengathi awunayo inkululeko. Ungase uzizwe ungumtshingo ubethwa ngubani. Ungase uqale nokucabanga ukuthi hleze kukhona okwenzile okucasule uNkulunkulu, noma mhlawumbe uNkulunkulu uvivinya ubuqotho bakho. Nokho, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Ukugula kumane kuyingxenye yamanje yokuphila kwabantu futhi sonke sibhekana ‘nesikhathi nesenzakalo esingalindelekile.’—UmShumayeli 9:11.

Ngokujabulisayo, uJehova uNkulunkulu uthembise umhlaba omusha ‘okungekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.”’ (Isaya 33:24) Ngisho nasebafa bayovuswa ukuze bathole ithuba lokujabulela lowo mhlaba omusha. (Johane 5:28, 29) Kodwa okwamanje, ungabhekana kanjani ngokuphumelelayo nesimo okuso?

Zama ukubheka izinto ngombono omuhle. IBhayibheli lithi: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle.” (IzAga 17:22) Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi ukwenama nokuhleka akufaneleki lapho umuntu ephethwe isifo esingathí sina. Kodwa amahlaya nobudlelwane obakhayo kungayiqabula ingqondo yakho kukhulise nesifiso sakho sokuqhubeka uphila. Ngakho, cabanga ngezinto ongazenza ukuze ukuphila kwakho kujabulise ngokwengeziwe. Khumbula, injabulo iyimfanelo evela kuNkulunkulu, iyingxenye yezithelo zomoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22) Lowo moya ungakusiza ukuba ukhuthazelele ukugula unesilinganiso esithile senjabulo.—IHubo 41:3.

Zibekele imigomo enengqondo. IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) Ukuba nesizotha kuyokusiza ukuba ungabi onganaki noma ozidabukela ngokweqile. Ngokwesibonelo, uma impilo ikuvumela, ukuvivinya umzimba ngendlela efanele kungakwenza uzizwe ungcono. Kungakho izikhungo zokwelapha ngokuvamile ziba nesimiso sokuvivinya umzimba seziguli ezisencane. Ezimweni eziningi, ukuzivivinya okufanele akugcini nje ngokusiza umzimba ululame ngokushesha kodwa futhi kukusiza ukuba uhlale unethemba. Iphuzu liwukuthi, hlolisisa isimo sakho ngobuqotho futhi uzibekele imigomo enengqondo.

Funda ukusebenzelana nabanye. Kuthiwani uma abanye besho okuthile okungenangqondo ngesimo sakho? IBhayibheli lithi: “Unganikeli inhliziyo yakho kuwo wonke amazwi abantu abangase bawakhulume.” (UmShumayeli 7:21) Ngezinye izikhathi indlela engcono kakhulu yokubhekana nenkulumo enjalo ukumane uyizibe. Noma, ungase uyikhalime inkulumo enjalo. Ngokwesibonelo, uma abanye bengakhululeki uma benawe ngenxa yokuthi uhamba ngesihlalo sabakhubazekile, zama ukubenza bakhululeke. Ungase uthi: “Hleze niyazibuza ukuthi kungani ngisebenzisa isihlalo sabakhubazekile. Ningathanda ukwazi?”

Ungapheli amandla. Lapho ebhekene nokuhlupheka okukhulu, uJesu wathandaza kuNkulunkulu, wamethemba futhi wagxila ekusaseni lakhe elijabulisayo kunasebuhlungwini ayebhekene nabo. (Hebheru 12:2) Wafunda ezintweni ezinzima ezamehlela. (Hebheru 4:15, 16; 5:7-9) Walwamukela usizo nesikhuthazo. (Luka 22:43) Wanaka kakhulu inhlalakahle yabanye kunosizi lwakhe.—Luka 23:39-43; Johane 19:26, 27.

UJehova ‘Uyakukhathalela’

Kungakhathaliseki ukuthi ubhekene nabuphi ubunzima, akufanele nanini ucabange ukuthi uNkulunkulu ukubheka njengongabalulekile. Kunalokho, uJehova ubheka abantu abalwela ukumthokozisa njengabayigugu nababalulekile. (Luka 12:7) ‘Uyakukhathalela’ wena njengomuntu ngamunye futhi uyakujabulela ukukusebenzisa enkonzweni yakhe—naphezu kokugula noma ukukhubazeka kwakho.—1 Petru 5:7.

Ngakho, ungakuvumeli ukwesaba noma ukungaqiniseki kukuvimbe ekwenzeni izinto ofuna ukuzenza noma okudingeka uzenze. Njalo bheka kuJehova uNkulunkulu ukuze akusekele. Uyaziqonda izidingo zakho nendlela ozizwa ngayo. Ngaphezu kwalokho, angakunika amandla “angaphezu kwavamile” ukuze akusize ukhuthazele. (2 Korinte 4:7) Ngokuhamba kwesikhathi, mhlawumbe uyoba nesimo sengqondo esihle esifana nesikaTimothy, owathola ukuthi unesifo sokukhathala esingamahlalakhona lapho eneminyaka engu-17. Uthi: Ngokweyoku-1 Korinte 10:13, uJehova ngeke asivumele sithwale okungaphezu kwamandla ethu. Ngicabanga ukuthi uma uMdali wami eqiniseka ukuthi ngingakwazi ukuphila nalolu vivinyo, ngingubani-ke mina ukuba ngiphikisane naye?”

Uma Othile Omaziyo Egula

Kuthiwani uma wena uphile saka, kodwa kunothile omaziyo ogulayo noma okhubazekile? Ungamsiza kanjani? Okubaluleke kakhulu ukuba ‘ubonise uzwela nobubele besisa.’ (1 Petru 3:8) Zama ukusiqonda isimo abhekene naso. Zama ukuzibeka ezicathulweni zakhe kunokuba ubheke izinto ngendlela yakho. UNina, owazalwa enesifumbu, uthi: “Ngenxa yokuthi umzimba wami mncane futhi ngihamba ngesihlalo sabakhubazekile, abanye abantu bakhuluma nami sengathi bakhuluma nengane, okungiphatha kabi. Kodwa abanye benza umzamo wokuhlala phansi ukuze sixoxe, lokhu kusenza sikwazi ukuxoxa sibhekene emehlweni. Kungijabulisa ngempela lokho!”

Uma ubheka ngalé kobuthakathaka babo, uzothola ukuthi abantu abanezinkinga zempilo bayafana nawe. Futhi cabanga ngalokhu—ngamazwi akho ungakwazi ‘ukudlulisela isipho esithile esingokomoya’ kubantu abanjalo! Lapho wenza kanjalo, nawe uyothola isibusiso, ngoba kuyoba khona “ukukhuthazana phakathi kwenu.”—Roma 1:11, 12.

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 13

UMBHALO OYINHLOKO

“Ngaleso sikhathi . . . akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”— Isaya 33:23, 24.

ICEBISO

Ulwazi lunciphisa ukwesaba okudalwa ukungazi. Ngakho funda okuningi ngangokuno-kwenzeka ngesimo sakho. Buza udokotela wakho imibuzo eqondile uma kunokuthile ongakuqondi.

UBUWAZI . . . ?

Ukugula noma ukukhubazeka kwakho akusona isijeziso esivela kuNkulunkulu. Kuna-lokho, kuwumphumela wokungapheleli sonke esikuzuze njengefa ku-Adamu.—Roma 5:12.

ENGIZOKWENZA!

Ukuze ngigcine umbono wami umuhle naphezu kokugula noma ukukhubazeka, ngizo- ․․․․․

Umgomo owodwa ofinyelelekayo engingazibekela wona ․․․․․

Uma othile esho amazwi angenamusa kimi mayelana nesimo sami, ngizokubheka ngombono ofanele ngokuthi ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Ungakusebenzisa kanjani ukwaziswa okukulesi sahluko ukuze usize okhubazekile noma onesifo esingelapheki?

Uma unesifo esingelapheki, yiziphi izinto ezinhle ongazindla ngazo ukuze ukwazi ukubhekana nesimo sakho ngempumelelo?

Wazi kanjani ukuthi ukugula akulona uphawu lokuthi uNkulunkulu ukulahlile?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 75]

UDUSTIN, 22

‘‘Ngikhumbula ngikhala umama engigonile ngemva kokuthola ukuthi ngase ngizohamba ngesihlalo sabakhubazekile unomphela. Ngangineminyaka engu-8 kuphela.

Nginesifo sokuwohloka kwemisipha. Ngiyagqokiswa, ngigezwe, ngifunzwe. Angikwazi nhlobo ukuphakamisa izandla. Noma kunjalo, ukuphila kwami bekulokhu kumatasa futhi kujabulisa, futhi kuningi engibonga ngakho. Ngiya njalo ensimini futhi ngikhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni. Angikaze ngibe nomuzwa wokuthi ‘ukuphila kunzima.’ Uma sikhonza uJehova sihlale sinokuthile esingakwenza nesibheke phambili kukho. Ekugcineni, ngibheke phambili emhlabeni omusha kaNkulunkulu lapho ‘ngiyoqombola khona njengendluzele.’’’—Isaya 35:6.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 75]

UTOMOKO, 21

‘‘Lapho ngineminyaka emine kuphela, udokotela wathi kimi: ‘Uzojova umjovo ‘we-insulin’ ukuphila kwakho konke.’

Ukulawula izinga likashukela egazini kuyinselele kumuntu ophethwe yisifo sikashukela. Ngokuvamile, angidli ngesikhathi esithandwa yimina, futhi lapho ngingafuni khona ukudla, kube yisona sikhathi engidla ngaso. Kuze kube manje, sengijovwe izikhathi ezicishe zibe ngu-25 000, ngakho izingalo kanye namathanga ami kugcwele izibazi eziqinile. Kodwa abazali bami baye bangisiza ukuba ngikwazi ukubhekana nalesi simo. Babehlale bejabule futhi benethemba, futhi bangifundisa ukwazisa izinto ezingokomoya. UJehova ubelokhu emuhle kimi. Kwathi lapho impilo ingivumela, nganquma ukubonisa ukubonga kwami ngokuba ngingenele inkonzo yesikhathi esigcwele.’’

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 76]

UJAMES, 18

‘‘Abantu abazi ukuthi kufanele benzenjani uma bebona umuntu ongavamile, futhi nami nginjalo, angivamile.

Ngimfushane ngendlela engajwayelekile. Abantu bakugcizelela kakhulu ukubukeka komuntu, ngakho ngaso sonke isikhathi ngizama ukubakhumbuza ukuthi angiyona ingane encane enephimbo elibhodlayo. Kunokuba ngizidabukele ngalokho engingeyikho, ngizama ukugxila kulokho engiyikho. Ngiyakujabulela ukuphila kwami. Ngitadisha iBhayibheli futhi ngithandaze kuJehova ukuba angisekele. Umkhaya wakithi uhlale ungikhuthaza. Ngibheke phambili esikhathini uNkulunkulu ayoqeda ngaso yonke inhlobo yokugula. Okwamanje, ngiphila nokukhubazeka kwami kodwa angikuvumeli ukuba kungibuse.’’

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 76]

UDANITRIA, 16

‘‘Ngaphawula ukuthi kunokuthile okungahambi kahle uma ngizwa ubuhlungu ngisho ngiphakamisa ingilazi yamanzi.

Ukuphathwa ‘i-fibromyalgia’ (isifo esihlasela izicubu zomzimba zibe buhlungu kakhulu) kunzima futhi kwenza umzimba ube buhlungu kakhulu. Njengomuntu osemusha, ngifuna ukufana nabangane bami, kodwa yonke into ngiyithola inzima kunangaphambili. Ngisho nokulala ngikuthola kuwumzukuzuku! Noma kunjalo, ngifunde ukuthi ngosizo lukaJehova ngingakwazi ukwenza izinto ezivamile naphezu kwale nkinga yami. Ngikwazile ngisho nokuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni njengephayona elisizayo. Kwakungelula, kodwa ngakwenza. Ngizama ukwenza okusemandleni ami. Kufanele ‘ngilalele’ umzimba wami futhi ngingenzi okungaphezu kwamandla awo. Uma sengikhohliwe, umama uye angikhumbuze!’’

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 77]

U-ELYSIA, 20

‘‘Ngangibaqwaqwada emakhanda esikoleni. Manje ukufunda umusho olula nje sekuyinselele futhi lokhu kungenza ngizizwe ngicindezelekile ngezinye izikhathi.

Isifo sokukhathala okungamahlalakhona senza imisebenzi elula ibe nzima. Ngisho nokuvuka embhedeni kuwumzabalazo. Noma kunjalo, angikaze ngikuvumele ukugula kwami ukuba kungibuse. Ngifunda iBhayibheli nsuku zonke, ngisho noma kusho ukuthi ngizofunda amavesi ambalwa kuphela noma ngifundelwe othile ekhaya. Ngiwubonga angiqedi umkhaya wakithi. Ubaba waze wadela ilungelo lomthwalo wemfanelo emhlanganweni omkhulu ukuze angisize ngibe khona kuwo. Akazange akhononde. Wathi ilungelo elikhulu kunawo wonke angaba nalo elokunakekela umkhaya wakhe.’’

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 77]

UKATSUTOSHI, 20

‘‘Kungazelelwe ngivele ngihayize kakhulu, ngemva kwalokho kulandele ukudlikiza, ngize ngilimaze nezinto eziseduze kwami.

Ngaqala ukuba nesithuthwane lapho ngineminyaka eyisihlanu. Lesi sifo sike singihlasele izikhathi ezingu-7 ngenyanga. Kufanele ngiphuze imithi nsuku zonke futhi ngenxa yalokhu ngiyashesha ukukhathala. Kodwa ngizama ukungazicabangeli mina kuphela, ngizama ukucabangela nabanye. Ebandleni lethu kunezikhonzi zesikhathi esigcwele ezimbili ezilingana nami eziye zangisekela kakhulu. Ngemva kokuphothula esikoleni, ngandisa ingxenye yami enkonzweni. Isithuthwane siyimpi engiyilwa nsuku zonke. Kodwa lapho ngizizwa ngidangele, ngiyaqiniseka ukuthi ngiyaphumula. Ngakusasa ngisuke sengingcono.’’

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 78]

UMATTHEW, 19

‘‘Kunzima ukuthola inhlonipho yontanga uma bengakubheki njengomuntu ‘ovamile.’

Ngingathanda ukudlala imidlalo, kodwa angikwazi. ‘Ngikhubazeke ebuchosheni futhi ngisho nokuhamba kuyinkinga. Noma kunjalo, angigxili kulokho engehlulekayo ukukwenza. Izinto engikwazi ukuzenza ngiyazenza impela nje, njengokufunda. EHholo LoMbuso yilapho ngikhululeka khona ngaphandle kokwesaba ukuthi ngingase ngibhekwe kanjani. Kuyaduduza nokwazi ukuthi uJehova uthanda umuntu enginguye ngaphakathi. Empeleni, angizibheki njengomuntu okhubazekile. Ngizibheka njengomuntu onenselele eyengeziwe nehlukile okufanele ayinqobe.’’

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 78]

UMIKI, 25

‘‘Ngangikwazi ukudlala imidlalo. Kwathi lapho sengeve eminyakeni eyishumi nambili, kwaba sengathi ngivele ngakhula ngokuphazima kweso.

Ngazalwa nginembobo enhliziyweni. Izimpawu zayo zaqala ukubonakala ngesikhathi sengeve eminyakeni eyishumi nambili. Ngahlinzwa, kodwa manje—eminyakeni eyisithupha kamuva—ngisakhathala kalula futhi ngiphathwe ikhanda elingapheli. Ngakho ngizibekela imigomo efinyelelekayo neyesikhashana. Ngokwesibonelo, ngiye ngakwazi ukukhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele, engikwenza ikakhulu ngokubhala izincwadi nokushumayela ngocingo. Ukugula kwami kuye kwangisiza futhi ngaba nezimfanelo ebengingenazo, njengokubekezela nesizotha.’’

[Isithombe ekhasini 74]

Ukugula okungamahlalakhona kungakwenza uzizwe sengathi usejele—kodwa iBhayibheli linikeza ithemba lokukhululwa