Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingabhekana Kanjani Nesizungu?

Ngingabhekana Kanjani Nesizungu?

Isahluko 9

Ngingabhekana Kanjani Nesizungu?

Usuku oluhle namuhla futhi awuhlele kwenza lutho. Kodwa bonke abanye abangane bakho bahlele okuthile. Bazikhiphile. Baphinde bakushiya namanje! Kubuhlungu ukungamenywa, kodwa okukushoyo kubuhlungu nakakhulu. Uyacabanga, ‘mhlawumbe kukhona okungalungile ngami. Yini ndaba kungekho muntu ofuna ukuchitha isikhathi nami?’

MHLAWUMBE izikhathi ezingaphezu kwesisodwa uke waba sesimweni esichazwe kuleli khasi elingaphesheya. Ungase ube nomuzwa wokuthi kunomhosha omkhulukazi okwehlukanisa nontanga. Njalo nje lapho uthi uzama ukuqala ingxoxo nabo, uyangingiza. Bese kuthi lapho livela ithuba lokubungazana nabo, amahloni athi ngilá. Kungani kunzima kangaka ukuxoxa nabangane?

Kunokuba uhlale ungaphesheya komhosha, ungakha amabhuloho. Ake sizwe ukuthi ungawakha kanjani.

Umhosha 1: Ukuzenyeza. Enye intsha iyazeya ngaso sonke isikhathi. Izitshela ukuthi akukho noyedwa umuntu oyithandayo nokuthi ayinalutho olwakhayo engalusho engxoxweni. Ingabe uzizwa kanjalo nawe? Uma kunjalo, ukuzenyeza okunjalo kuyomane kuwunwebe lo mhosha okuhlukanisa nontanga.

Ibhuloho: Gxila ezimfanelweni zakho ezinhle. (2 Korinte 11:6) Zibuze, ‘Yiziphi izimfanelo ezinhle enginazo?’ Cabanga ngeziphiwo noma izimfanelo ezinhle onazo bese uzibhala phansi.

․․․․․

Ngokuqinisekile unawo amaphutha, futhi kuhle ukuwazi. (1 Korinte 10:12) Kodwa futhi kuningi okuhle onakho. Ukuzazi izimfanelo zakho ezinhle kuzokunika ukuzethemba okudingayo ukuze uyeke ukuzenyeza.

Umhosha 2: Amahloni. Ungathanda ukuqala ingxoxo, kodwa lapho ithuba livela, uvele ungazi ukuthi uzothini. “Ngihlale nginamahloni nje njalo,” kuzikhalela u-Elizabeth oneminyaka engu-19. “Ngikuthola kuwumqansa ukuya kubantu emihlanganweni yobuKristu, futhi ngiyabajabulela labo abakwaziyo ukukwenza!” Uma ufana no-Elizabeth, ungase ube nomuzwa wokuthi lo mhosha awuweleki.

Ibhuloho: Yiba nesithakazelo esiqotho kwabanye. Ungakhathazeki—akudingeki ube iqhalaqhala. Qala ngokubonisa isithakazelo kumuntu oyedwa nje. “Ukumane ubabuze impilo abanye noma ukubabuza ngomsebenzi wabo kuyakusiza ukuba ubazi kangcono,” kusho osemusha ogama lakhe nguJorge.

Nanti icebiso: Musa ukukhuluma nontanga bodwa. Obunye bobungane obuhle kakhulu okulandiswe ngabo eBhayibhelini babuphakathi kwabantu ababeshiyana kakhulu ngobudala, njengoRuthe noNawomi, uDavide noJonathani, noThimothewu noPawulu. (Ruthe 1:16, 17; 1 Samuweli 18:1; 1 Korinte 4:17) Khumbula nokuthi engxoxweni kuyanikezelwana, awukhulumi wedwa. Abantu bayabathanda abantu abayizilaleli ezinhle. Ngakho uma unamahloni, khumbula—akudingeki kukhulume wena wedwa!

Bhala phansi amagama abantu ababili abadala ongathanda ukubazi kangcono.

․․․․․

Kungani ungayi komunye walaba bantu obabhale ngenhla uyoqala ingxoxo nabo? Uma ucinga amathuba okuxoxa nabo “bonke abazalwane,” ngeke uzizwe unesizungu kakhulu.—1 Petru 2:17.

Umhosha 3: Ukuziphatha okungathandeki. Umuntu ongusiyazi uhlale elungele ukuthuka, ukubhuqa, noma ukwehlisa abanye. Bese kuba khona umuntu ozithandelayo nje ukuphikisa nokuphoqelela imibono yakhe kwabanye. Njengoba ‘elunge ngokwedlulele,’ usheshe amgxeke umuntu ongavumelani nezindinganiso zakhe. (UmShumayeli 7:16) Cishe awuthandi ukuba nabantu abanjalo! Kungenzeka yini kodwa ukuthi umhosha uvuleke nje ngoba uwena oziphatha kanjalo? IBhayibheli lithi: “Isiwula sikhuluma amazwi amaningi,” lithi futhi “lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo.”—UmShumayeli 10:14; IzAga 10:19.

Ibhuloho: Hlakulela “uzwela.” (1 Petru 3:8) Ngisho noma ungavumelani nombono womunye, yiba nesineke umvumele akhulume. Gxila emaphuzwini enivumelana ngawo. Uma unomuzwa wokuthi kumelwe umphikise kokuthile, mphikise ngomoya omnene nangesu lokungacunuli.

Khuluma nabanye ngendlela ongathanda kukhulunywe ngayo nawe. Iseluleko seBhayibheli sithi “qhubekani nenza zonke izinto ngaphandle kokububula nokuphikisana.” (Filipi 2:14) Ukuxabana nokugconana okungadingekile kanye nokuthuka abanye noma ukubagxeka ngoba wena uzibona ulungile kumane kubaqhelise abantu. Bayokuthanda ngokwengeziwe uma ‘amazwi akho ngaso sonke isikhathi enomusa.’—Kolose 4:6.

Kungakhathaliseki Ukuthi Kwenzekani?

Ngemva kwalokhu kuzihlola kafushane, hleze uyazibona izindlela ezithile ongakha ngazo amabhuloho okuwela umhosha okungenzeka wakhekile phakathi kwakho nabanye. Noma kunjalo, kufanele ungazikhohlisi. Ungalindeli ukuba bonke abantu bakuthande. UJesu wathi abanye babeyozonda ngisho nabantu abenza okulungile. (Johane 15:19) Ngakho akusizi ukuzama ukuthola abangane kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.

Noma kunjalo, ungayenza imizamo efanele yokuba nomusa ngaphandle kokuyekethisa izindinganiso zakho ezisekelwe eBhayibhelini. USamuweli wezikhathi zeBhayibheli wayezimisele ngokuqinile ukwenza okwakuzothokozisa uNkulunkulu. Waba yini umphumela? Wayelokhu “ethandeka ngokwengeziwe kuJehova nakubantu.” (1 Samuweli 2:26) Ngomzamo omncane nje, kungaba njalo nakuwe!

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, IZAHLUKO 8

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bukela i-DVD ethi “Young People Ask—How Can I Make Real Friends?” Itholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-40

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ungalindele, umngane wakho omkhulu wenzisa okwesitha sakho esikhulu. Yini ongayenza ngakho?

UMBHALO OYINHLOKO

“Ophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.”—IzAga 11:25.

ICEBISO

Yenza ingxoxo iqhubekele phambili. Ngokwesibonelo, uma umuntu ekubuza ukuthi uyijabulele yini impelasonto, musa ukuthi yebo nje kuphela. Chaza ukuthi kungani uyijabulele. Yibe usumbuza ukuthi yena uyichithe kanjani impelasonto yakhe.

UBUWAZI . . . ?

IBhayibheli libonisa ukuthi uMose, uJeremiya noThimothewu kunge-nzeka ukuthi babene-nkinga yamahloni.—Eksodusi 3:11, 13; 4:1, 10; Jeremiya 1:6-8; 1 Thimothewu 4:12; 2 Thimothewu 1:6-8.

ENGIZOKWENZA!

Umhosha omkhulu engibhekana nawo ukuthi ․․․․․

Ngizosebenzela ukwakha ibhuloho ngoku- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani amanye amaKristu engase abe nesizungu?

● Yini engakusiza uzibheke ngendlela elinganiselayo esikhundleni sokudliwa imicabango engemihle?

● Ungamduduza kanjani umfowenu noma udadewenu omncane ohlushwa isizungu?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 88]

‘‘Omunye udade ongumKristu wayezama ukunge-nza umngane wakhe, kodwa kwadlula isikhathi ngingamvumeli. Ekugcineni lapho ngivuma, ngazi-zwa ngiyisiwula! Usengomunye wabangane bami abakhulu kakhulu engake ngaba nabo, nakuba emdala kimi ngeminyaka engu-25!’’—UMarie

[Isithombe ekhasini 87]

Ungawuvala umhosha okwehlukanisa nontanga