Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Okumbaxambili—Ubani Okumelwe Azi?

Ukuphila Okumbaxambili—Ubani Okumelwe Azi?

Isahluko 16

Ukuphila Okumbaxambili—Ubani Okumelwe Azi?

□ Ukuphuza utshwala

□ Ukuzihlanganisa nabantu abazali bakho abababheka njengabangane ababi

□ Ukulalela umculo ongcolile

□ Ukuya emaphathini axokozelayo

□ Ukufihla ukuthi uphola nothile

□ Ukubukela amabhayisikobho anobudlova noma ukuziphatha okubi, noma ukudlala imidlalo yama-video enobudlova

□ Ukuthuka inhlamba

BHEKA uhlu olusekhasini elandulele. Ingabe kulezi zinto zikhona ozenza abazali bakho bengazi? Uma zikhona, cishe uyazi ukuthi okwenzayo akulungile. Ungase udliwe ngisho nawunembeza. (Roma 2:15) Noma kunjalo, kwakucabanga nje ngokutshela abazali bakho ngalokhu akujabulisi. Futhi lapho ucabanga ngemiphumela engase ilandele, ungase uzitshele ukuthi inengqondo le nkulumo, “Lokho abazali bami abangakwazi ngeke kubalimaze.” Kodwa ingabe uyazi ukuthi inkambo yakho ingase isho ukuthi uphila ukuphila okumbaxambili? Yini okungenzeka ikwenze waphila ngaleyo ndlela?

Ihuha Lokufuna Ukuzibusa

IBhayibheli lithi ekugcineni “indoda iyoshiya uyise nonina.” (Genesise 2:24) Kungokufanayo nangowesifazane. Kungokwemvelo ukuba ufune ukukhula, ukuzicabangela nokuzenzela izinqumo. Kodwa lapho abazali benqaba ukunikeza imvume yokwenza izinto abacabanga ukuthi azihlakaniphile—noma azilungile—enye intsha iyavukela.

Kuyavunywa, abanye abazali bangase babonakale benesandla esiqine kakhulu. “Asizibuki izithombe zebhayisikobho,” kukhononda intombazanyana egama layo linguKim. Iyanezela, “Ubaba usesenqabele ukulalela cishe yonke inhlobo yomculo!” Njengoba iphila phakathi kwemingcele eyibheka njengengenangqondo, enye intsha iqala ukufisa inkululeko enkudlwana ejatshulelwa ontanga bayo.

Intombazane egama layo linguTammy iveza esinye isizathu esenza abanye baphile ukuphila okumbaxambili—ukufuna ukwamukelwa izingane abafunda nazo. Uyakhumbula: “Ngaqala ngokusebenzisa inkulumo engcolile esikoleni. Kwangenza ngazizwa ngifana nezinye izingane. Kamuva ngazama ukubhema. Futhi ngangiphuza utshwala ngize ngidakwe. Ngase ngiqala ukujola—ngasese, ngoba abazali bami babenesandla esiqinile bengafuni ukuba ngithandane nothile.”

Kwenzeka okufanayo nakuPete, umfana owevé eshumini nambili: “Ngakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova. Kodwa ngangikwesaba kakhulu ukugconwa.” Wabhekana kanjani nokwesaba kwakhe? Uthi, “Ngazama ukuba isilomo. Ngangiqamba amanga futhi ngenze izaba mayelana nokuthi kungani ngingazitholi izipho ngamaholide enkolo.” Lapho uPete eseqale ukwenza izono ezincane, washeshe wahileleka ekuziphatheni okubi okungathí sina.

Akukho Okufihliwe

Ukuphila ukuphila okumbaxambili akuyona into entsha. Amanye ama-Israyeli asendulo nawo azama ukwenza okufanayo. Kepha umprofethi u-Isaya wawaxwayisa: “Maye kulabo abajula kakhulu ekuthukuseleni uJehova injongo, nalabo abazenzo zabo zenzeke endaweni emnyama, kuyilapho bethi: ‘Ngubani osibonayo, ngubani owaziyo ngathi?’” (Isaya 29:15) Ama-Israyeli akhohlwa ukuthi uNkulunkulu wayeyibona imisebenzi yawo. Ngesikhathi esifanele wawenza alandisa ngeziphambeko zawo.

Kungokufanayo nanamuhla. Ngisho noma ungase ubafihlele abazali bakho ukuziphatha kwakho okubi, ngeke umfihlele uJehova uNkulunkulu izenzo zakho. EyamaHebheru 4:13 ithi: “Akukho ndalo engabonakali emehlweni akhe, kodwa zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.” Kusiza ngani-ke ukufihla? Khumbula, ngeke umkhohlise uNkulunkulu ngokumane ushaye sengathi uyamkhonza lapho usemihlanganweni engokwenkolo. UJehova uyazi uma abantu ‘bemdumisa ngezindebe kodwa izinhliziyo zabo zikude naye.’—Marku 7:6.

Uqaphelile yini ukuthi abantu abaphila ukuphila okumbaxambili bazwisa uJehova ubuhlungu? Kungenzeka ngempela lokho? Yebo kungenzeka! Lapho abantu bakwa-Israyeli wasendulo belahla uMthetho KaNkulunkulu, “bamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.” (IHubo 78:41) Yeka ubuhlungu okumelwe ukuba uyabuzwa namuhla lapho intsha ekhuliswe “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova” yenza izinto ezingalungile ngasese!—Efesu 6:4.

Lungisa Izindaba

Yebo, unesibopho sokuba uvume izinto obuzenza ngasese kuNkulunkulu, kubazali bakho nakuwe ngokwakho. Yiqiniso, lokhu kungase kukwenze uphoxeke futhi mhlawumbe kube nemiphumela ethile edabukisayo. (Hebheru 12:11) Ngokwesibonelo, uma ubunomkhuba wokuqamba amanga nokukhohlisa, wenze kwaba nzima ngabazali bakho ukuba bakwethembe. Ngakho ungamangali uma bekubekela imingcele eqatha kunangaphambili. Ngisho kunjalo, ukuvuma amaphutha akho kuyinkambo engcono kakhulu. Ngani?

Cabanga ngalo mfanekiso: Zicabange wena nabakini nihamba ngezinyawo nibuka indawo. Kuthi lapho abazali bakho besabheke lé, wephule umyalo wabo, usuke eduze kwabo, ushone lé bese uyaduka. Kungalindelekile, uzithola usubisha odakeni. Ingabe ubuyoba namahloni okucela usizo? Ingabe ubuyokhathazeka ngokuthi abazali bakho bangase bakujezise ngokungazilaleli izixwayiso zabo? Cha! Ubuyomemeza kucishe kushe izwi!

Ngokufanayo, uma uphila ukuphila okumbaxambili, udinga usizo ngokushesha. Khumbula, ngeke ukushintshe osekwenzekile. Kodwa ungalishintsha ikusasa. Noma kungaze kube buhlungu futhi kube nzima kangakanani, kuwukuhlakanipha ukucela usizo ngaphambi kokuba udale umonakalo owengeziwe kuwena noma emkhayeni wakini. Uma uzisola ngempela ngenkambo yakho, uJehova uyokubonisa isihe.—Isaya 1:18; Luka 6:36.

Ngakho-ke, tshela abazali bakho iqiniso. Kwamukele ukuthi bezwa ubuhlungu. Samukele isiyalo sabo. Uma wenza kanjalo, uyothokozisa abazali bakho noJehova uNkulunkulu. Uyothola injabulo enkulu yokuphinde ube nonembeza ohlanzekile.—IzAga 27:11; 2 Korinte 4:2.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Kuningi ofana ngakho nofunda nabo. Kodwa yini okufanele uyazi ngabangane basesikoleni?

UMBHALO OYINHLOKO

“Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.”—IzAga 28:13.

ICEBISO

Ungawanciphisi ama-phutha akho, kodwa gwema nogibe lokuzisola ngokweqile. Khumbula ukuthi uJehova ukulu-ngele ukuthethelela.—IHubo 86:5.

UBUWAZI . . . ?

Ukudliwa unembeza kungaba usizo; kungenza umuntu alungise inkambo embi. Kodwa umuntu ophikelela esonweni ulimaza unembeza wakhe. Awube usazwela kuhle kwesi-khumba esibhashuliwe sase sidebezwa.—1 Thimothewu 4:2.

ENGIZOKWENZA!

Uma bengiphila ukuphila okumbaxambili, ngizokhuluma no- ․․․․․

Ngingabhekana nanoma yisiphi isiyalo engisitholayo ngoku- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Yini eyenza enye intsha iphile ukuphila okumbaxambili?

● Yimiphi eminye yemiphumela yokuphila ukuphila okumbaxambili?

● Kungani kuwufanele umzamo ukugqashula ekuphileni okunjalo?

[[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 140]

“Ngicabanga ukuthi intsha kufanele iziveze ukuthi ingamaKristu anezindinganiso eziphakeme zokuziphatha. Kufanele isheshe iziveze. Uma izindela, kuyoba nzima nakakhulu.’’—ULinda

[Isithombe ekhasini 141]

Uma ubisha esihlabathini esimanzi esiwukuphila ukuphila okumbaxambili, kudingeka ucele usizo