Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuthiwani Uma Umkhaya Wakithi Umpofu?

Kuthiwani Uma Umkhaya Wakithi Umpofu?

Isahluko 20

Kuthiwani Uma Umkhaya Wakithi Umpofu?

UGregory, osemusha waseMpumalanga Yurophu, akakwazi ukuthenga izingubo noma izinto zikagesi njengoba kwenza enye intsha yaseNtshonalanga. Izimo aphila kuzo zimqeda amandla kangangokuthi usezothuthela e-Austria. Ucabanga ukuthi uGregory umpofu?

□ Yebo □ Cha

Kude neMpumalanga Yurophu emaphandleni aseningizimu ye-Afrika, kuhlala uLoyiso osemusha. Njengoba ehlala eqhugwaneni elincane nomkhaya wakubo, uLoyiso unomhawu ngentsha ehlala edolobheni eliseduze ejabulela “izinto eziphambili” ezimangalisayo—amanzi aphuma empompini nogesi. Ungasho yini ukuthi uLoyiso umpofu?

□ Yebo □ Cha

NGOKUSOBALA, elithi “ubumpofu” yigama elisho izinto ezihlukene emazweni ahlukahlukene. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi uGregory wayezibona ehlupheka, kodwa uma eqhathaniswa noLoyiso, uphila kahle. Kuhle ukuqaphela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi umpofu kangakanani, kungenzeka kunabanye abampofu kakhulu kunawe. Noma kunjalo, uma ungenazo izimpahla ezikahle zokugqoka lapho uya esikoleni noma untula izinto eziyisisekelo njengamanzi ompompi, kungase kungakududuzi kangako ukutshelwa ukuthi abanye bahlupheka ngaphezu kwakho.

Enye intsha ekhula ihlupheka izizwa ingelutho futhi izenyeze, bese izama ukudunga le mizwa ngotshwala noma ngezidakamizwa. Nokho, ukuzama ukubalekela amaqiniso kumane kwenze izimo zibe zimbi nakakhulu. Labo ababusebenzisa kabi utshwala bathola ukuthi ‘buluma njengenyoka, bukhipha ubuthi njengenyoka enesihlungu.’ (IzAga 23:32) UMaria, intombazane evela emkhayeni ompofu onomzali ongayedwa eNingizimu Afrika, uthi, “Ukuzama ukubalekela isimo kudala izinkinga eziningi kunalezo okuzixazululayo.”

Wena ungase ungaphendukeli otshwaleni noma ezidakamizweni, kodwa ungase ubone izinto zimfiliba ekuphileni kwakho futhi kungenalutho ongalwenza. Ungaphendukelaphi? Iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile singaba njengesihluthulelo esikukhulula emaketangeni okungabi nathemba, sikwenze uhlakulele isimo sengqondo esikahle. Asibone ukuthi kungenzeka kanjani.

Hlola Izinto Onazo Eziyigugu

Isinyathelo esihle ongasithatha siwukugxila ezintweni onazo, hhayi ezintweni ongenazo. Izinto ezinjengekhaya nomkhaya onothando ngokuqinisekile ziyigugu kakhulu kunemali! Isaga seBhayibheli sithi: “Singcono isidlo semifino lapho kukhona khona uthando kunenkunzi ekhuluphalisiweyo ehambisana nenzondo.” (IzAga 15:17) Intsha engamaKristu inokuthile okuyigugu ngokukhethekile—ukusekelwa yibo “bonke abazalwane.”—1 Petru 2:17.

Mhlawumbe ungase uzame nokubheka izinto ezibonakalayo onazo ngombono ofanele. Yiqiniso, kungenzeka ukuthi uhlala emzini ovamile, mhlawumbe ophansi. Kungenzeka ukuthi ugqoka izingubo ezindala, ezigugile noma ezichitshiyelwe. Futhi ungase ufise ukudla ukudla okuhlukile njalo. Kodwa uyazidinga yini izingubo ezisesitayeleni noma isithabathaba sendlu ukuze uthokozise uNkulunkulu? Ingabe udinga izibiliboco zokudla ukuze uhlale uphilile futhi uwumqemane? Akunjalo ngempela. Umphostoli uPawulu wafunda isifundo esibalulekile kule ndaba. Wayekwazi kokubili ukuceba nokuba mpofu. (Filipi 4:12) Waphetha ngani? “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6:8.

U-Eldred, indoda yaseNingizimu Afrika eyakhulela emkhayeni ohluphekayo, uthi: “Samane sakwamukela ukuthi ekhaya sinemali encane nokuthi ngeke sikuthole konke esikufunayo.” Ukhumbula ukuthi lapho ibhulukwe lakhe lesikole seligugile, unina wayemane alichibiyele—kaninginingi! Uyavuma: “Kwadingeka ngibekezelele ukugconwa. Kodwa into eyayibalulekile ukuthi izingubo zethu zazihlanzekile futhi zigqokeka.”

Yakha Ukuzihlonipha

UJames, oneminyaka engu-11, wayehlala nonina nodadewabo emjondolo eduze kwaseGoli, eNingizimu Afrika. Babengenazo izinto ezibonakalayo. Noma kunjalo, uJames wayenazo izinto eziyigugu—isikhathi namandla—futhi wayekujabulela ukuzisebenzisela ukusiza abanye. Ngempelasonto ngayinye, uJames wayenikela ngezinkonzo zakhe ukuze asize ekwakhiweni kweHholo LoMbuso lendawo loFakazi BakaJehova. Lo msebenzi wawungathathi nje kuphela isikhathi okwakungathi ngaphandle kwawo, sibonakale sihamba kancane, kodwa futhi wawumnikeza nomuzwa wokufeza okuthile futhi umenze azihloniphe. Uthi: “Ngemva kosuku engiluchithe ngakha ihholo, ngiba nomuzwa ojulile wokwaneliseka!”

Omunye umsebenzi omuhle kakhulu owokufundisa iBhayibheli endlini ngendlu. (Mathewu 24:14) Intsha engoFakazi BakaJehova iwenza njalo lo msebenzi. Ngokuwenza, inikeza abanye ithemba lokuphila okungcono esikhathini esizayo, kanti kuyakhula nokuzihlonipha kwayo nesithunzi enaso. Yiqiniso, ayenzi mali ngokwenza lo msebenzi. Kodwa khumbula isigijimi uJesu asinikeza amaKristu ebandleni lasendulo eSmirna. Ayempofu ngempela ngokwezinto ezibonakalayo. Noma kunjalo, ngenxa yengokomoya lawo elijulile, uJesu wayengathi kuwo: ‘Ngiyalwazi usizi nobumpofu benu—kodwa nicebile.’ Ekugcineni, ngenxa yokubonisa ukholo egazini likaJesu elachitheka, ayeyoba acebe kakhulu, athole umqhele wokuphila okungenakufa.—IsAmbulo 2:9, 10.

Bheka Phambili

Kungakhathaliseki ukuthi ucebile noma umpofu, ungakwazi ukwakha ubuhlobo obuseduze noJehova. IBhayibheli lithi: “Ocebile nonokuncane bahlangene. UMenzi wabo bonke nguJehova.” (IzAga 22:2) Leli qiniso liye lasiza izinkulungwane zentsha engoFakazi BakaJehova ukuba zikwazi ukuphila nobumpofu. Ziyaqaphela ukuthi injabulo ayixhomekile ekubeni nezinto ezibonakalayo, kodwa ixhomeke ekubeni umngane kaJehova uNkulunkulu, owamukela bonke abafuna ukumkhonza. UNkulunkulu unika ithemba lokuphila ezweni elisha lesikhathi esizayo elingeke libe nobumpofu obuququdayo.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.

Okwamanje, sebenzisa onakho ngokuhlakanipha. Bheka esikhathini esizayo. Zibekelele ingcebo engokomoya. (Mathewu 6:19-21) Bheka ubumpofu njengenselele ongakwazi ukuphila nayo!

UMBHALO OYINHLOKO

“Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.

ICEBISO

Gwema ukugembula, ukubhema nokusebenzisa kabi uphuzo oludakayo. Uma amanye amalungu omkhaya enza le mikhuba, wabekele isibonelo ngokuziphatha kwakho.

UBUWAZI . . . ?

Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kunga-kusiza ukuba uhlakulele ukwaneliseka naphezu kwezimo zakho.—Filipi 4:12, 13; 1 Thimothewu 6:8; Hebheru 13:5.

ENGIZOKWENZA!

Izinto enginazo eziyigugu ․․․․․

Ngizosebenzisa lezi zinto eziyigugu ekusizeni abanye ngoku- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani igama elithi “ubumpofu” kuyigama elisho izinto ezihlukahlukene?

● Kungani kuwubuwula ukusebenzisa izidakamizwa, utshwala, noma ezinye izinto ukuze ubalekele ukubhekana namaqiniso?

● Yiziphi izinyathelo ezingokoqobo ongazithatha ukuze ubhekane nobumpofu?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 168]

“Nakuba ngangizwa sengathi ngeke ngiphunyuke ebuphofwini, ngaqaphela ukuthi ukuzihlanganisa neqembu lezigilamkhuba noma ukweba ukuze ngiziphilise ngeke neze kungisize. Namuhla, abaningi bontanga yami ababenza lezo zinto bayizehluleki zokuqala nezokugcina, izigqila zophuzo nezidakamizwa, noma basejele.’’—UGeorge

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 164]

Ishadi Lemibuzo

Ingabe Kufanele Ngiyohlala Kwelinye Izwe?

Enye intsha ifuna ukuyohlala kwelinye izwe ukuze izitholele imali ezoyidla noma ukuze isekele abasekhaya. Enye ithutha ngenjongo yokufunda olunye ulimi, ukuze yenezele imfundo yayo, noma ukuze ibalekele izinkinga ekhaya. Enye intsha engamaKristu iye yathuthela emazweni anesidingo sabavangeli. Isinqumo sokuthuthela kwelinye izwe yisinqumo esikhulu futhi akufanele sithathwe kalula. Ngakho-ke, uma ucabangela ukuyohlala kwelinye izwe, funda futhi uzindle ngemiBhalo engezansi. Zibuze le mibuzo bese ubhala izimpendulo ephepheni. Yibe usuwenza isinqumo ngosizo lomthandazo.

□ Yiziphi izimfuneko ezingokomthetho ezihilelekile?—Roma 13:1.

□ Kuyoba izindleko ezingakanani ukuthuthela kwelinye izwe?—Luka 14:28.

□ Yini engiyenzayo manje efakazela ukuthi ngiyokwazi ukunakekela izidingo zami ezingokwenyama lapho sengithuthile?—IzAga 13:4.

□ Yisiphi iseluleko engiye ngasithola kubantu abavuthiwe abake bahlala kwelinye izwe?—IzAga 1:5.

□ Abazali bami bacabangani ngale ndaba?—IzAga 23:22.

□ Siyini isisusa sokufuna ukuthuthela kwelinye izwe?—Galathiya 6:7, 8.

□ Uma ngizohlala nabathile, bazongikhuthaza yini ukuba ngilondoloze imikhuba emihle engokomoya?—IzAga 13:20.

□ Yiziphi izingozi zokuziphatha, ezingokwenyama nezingokomoya engingase ngibhekane nazo?—IzAga 5:3, 4; 27:12; 1 Thimothewu 6:9, 10.

□ Yiziphi izinzuzo engilindele ukuzithola kahle-hle ngokuhlala kwelinye izwe?—IzAga 14:15.

[Isithombe ekhasini 167]

Iseluleko seBhayibheli singaba njengesihluthulelo esikukhulula emaketangeni okungabi nathemba