Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kunemi-Thetho Eminingi Kangaka?

Kungani Kunemi-Thetho Eminingi Kangaka?

Isahluko 22

Kungani Kunemi-Thetho Eminingi Kangaka?

Yisho eminye yemithetho yakini. ․․․․․

Ucabanga ukuthi imithetho yasekhaya ngaso sonke isikhathi iyacabangela?

□ Yebo □ Cha

Yimuphi umthetho ngokuyinhloko okuthola kunzima ukuwulalela? ․․․․․

IMITHETHO YASEKHAYA yilokho abazali bakho abathi kwenze noma ungakwenzi. Le mithetho ingase ihlanganise lokho okufanele ukwenze ngomsebenzi wesikole, imisebenzi yasekhaya, isikhathi sokubuya ekhaya osinqunyelwe, imingcele yokusebenzisa ucingo, i-TV ne-computer. Eminye imithetho ayisebenzi ekhaya kuphela kodwa nasendleleni oziphatha ngayo esikoleni nohlobo lwabangane obakhethayo.

Ingabe le mithetho iyakucinanisa? Mhlawumbe uzizwa njengale ntsha:

“Isikhathi sami sokubuya engangisinqunyelwe sasingihlanyisa! Kwakungicasula ukubona abanye bevunyelwa ukuba baphuze ukubuya kunami.”U-Allen.

“Kuyacasula ukunakwa njalo ukuthi uwusebenzisa kanjani umakhalekhukhwini wakho. Ngizizwa sengathi ngiphathiswa okwengane!”U-Elizabeth.

“Nganginomuzwa wokuthi abazali bami bazama ukona ukuphila kwami, njengokungathi babengafuni ngibe nabangane!”UNicole.

Nakuba ngokuvamile abantu abasha bezithola sebephula imithetho yabazali babo, iningi labo liyavuma ukuthi eminye imithetho iyadingeka ukuze kugwenywe ukungahleleki. Kodwa uma imithetho yasekhaya idingeka, kungani eminye yayo icasula kangaka?

“Angiseyona Ingane!”

Kungenzeka ukuthi ucasulwa imithetho ngoba unomuzwa wokuthi uphathwa njengomntwana. Kuvele kuthi memeza uthi, “Angiseyona ingane!” Abazali bakho bona cishe banomuzwa wokuthi imithetho yabo ibalulekile ukuze ikuvikele futhi ikulungiselele imithwalo yemfanelo yokuba umuntu omdala.

Noma kunjalo, kungase kubonakale sengathi imithetho yakini ayihambisani neminyaka yakho. Ungase uzizwe uboshiwe, njengentombazane okuthiwa uBrielle, eyathi ngabazali bayo: “Sebekhohlwe nya ukuthi kunjani ukuba ngangami. Abafuni ngiveze umbono wami, ngizikhethele engikuthandayo, noma ngibe umuntu omdala.” Osemusha okuthiwa ngu-Allison uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Kubonakala sengathi abazali bami abaqondi ukuthi ngineminyaka engu-18 hhayi engu-10. Kudingeka bangethembe kakhudlwana!”

Kungaba nzima nakakhulu ukulalela imithetho yasekhaya uma kubonakala sengathi izingane zakini ziphathwa ngesandla esithambile. Ngokwesibonelo, lapho ibhungu elinguMatthew likhumbula iminyaka yobusha balo, lithi ngodadewabo nabazala bayo, “La mantombazane ayezenzela akuthandayo!”

Ingabe Kufanele Ingabi Khona Imithetho?

Kuyaqondakala, ungase ufise ukusuka ngaphansi kwegunya labazali bakho. Kodwa kungakuhambela kahle yini ngaphandle kwemithetho yabo? Cishe bakhona ontanga obaziyo ababuya ekhaya ngesikhathi esifunwa yibo, abagqoka noma yini abayithandayo, futhi abangahamba nabangane babo noma nini baye nomaphi. Mhlawumbe abazali bamatasa kakhulu ukuba babone izinto ezenziwa izingane zabo. Noma ngabe yikuphi, iBhayibheli libonisa ukuthi le ndlela yokukhulisa ingane ngeke iphumelele. (IzAga 29:15) Ukuntuleka kothando okubona ezweni kubangelwa ikakhulu abantu abangamagovu, abaningi babo abakhulela emakhaya angenamithetho.—2 Thimothewu 3:1-5.

Kunokuba ube nomona ngentsha evunyelwa ukwenza umathanda, zama ukubheka imithetho yabazali bakho njengewubufakazi bothando nokukhathalela kwabo. Ngokubeka imingcele enengqondo, balingisa uJehova uNkulunkulu, owathi kubantu bakhe: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.”—IHubo 32:8.

Nokho, ngezinye izikhathi ungase uzwe imithetho yabazali bakho icindezela. Yini engakusiza?

Ukukhulumisana Okusebenzayo

Kungakhathaliseki ukuthi ufuna inkululeko eyengeziwe noma ukunciphisa ukukhungatheka okubangelwa imingcele oyibekelwe abazali bakho, isihluthulelo siwukukhulumisana okuhle. Abanye bangase bathi, ‘Kepha ngizamile ukuxoxa nabazali bami, kwazinhlanga zimuka nomoya!’ Uma uzizwa kanjalo, zibuze, ‘Ngingalithuthukisa ikhono lami lokukhulumisana nabanye?’ Ukukhulumisana nabanye kuyithuluzi elibalulekile (1) elingasiza abanye bakuqonde noma (2) elingasiza wena uqonde ukuthi kungani okufunayo kwenqatshelwa. Ngempela, uma ufuna ukuthola amalungelo abantu abakhulile, kuwukuhlakanipha ukuba uhlakulele ikhono elihle lokukhulumisana nabanye. Ungakwenza kanjani lokho?

Funda ukulawula imizwelo yakho. Ukukhulumisana okuhle kudinga ukuzithiba. IBhayibheli lithi: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uzigcina ezolile kuze kube sekugcineni.” (IzAga 29:11) Ngakho gwema ukukhononda, ukuphukula nokuduba njengomntwana. Yebo, ungase uzizwe ufuna ukubhaklaza isicabha noma ukubefuzela nokuzinikina lapho abazali bakho bekwenqabela ukuba wenze okuthile. Kodwa ukwenza kanjalo cishe kuyoholela emithethweni eyengeziwe—hhayi enkululekweni.

Zama ukuqonda umbono wabazali bakho. UTracy, osemusha ongumKristu emkhayeni onomzali ongayedwa uthi, “Ngiye ngizibuze, ‘Umama uzama ukufezani ngemithetho yakhe?’” Uphetha ngokuthini uTracy? “Uzama ukungisiza ngibe umuntu ongcono.” (IzAga 3:1, 2) Ukubonisa ukuqonda okunjalo kungase kukusize ukhulumisane kahle nabazali bakho.

Ngokwesibonelo, ake sithi abazali bakho bamathintanyawo ukukuvumela uye embuthanweni othile. Kunokuba uphikisane nabo, ungase ubuze, “Ngeke kulunge yini uma ngihamba nomngane ovuthiwe, engimethembayo?” Abazali bakho bangase bangakuvumeli nakulokhu. Kodwa uma ukuqonda ukukhathazeka kwabo, usethubeni elihle lokunikeza ukusikisela abangakwamukela.

Yenza abazali bakho bakwethembe. Cabanga ngomuntu okweleta ibhange. Uma esikhokha njalo isikweletu sakhe, ibhange liyomethemba futhi lingaze limtsheleke nemali eyengeziwe ngesikhathi esizayo. Kuyefana nasekhaya. Abazali bakho ubakweleta ukulalela. Uma uzibonakalisa uthembekile—ngisho nasezintweni ezincane—abazali bakho bangase bakwethembe nakakhulu esikhathini esizayo. Yiqiniso, uma ulokhu ubenzela phansi, ungamangali uma lincipha izinga abakwethemba ngalo noma bengasakwethembi nhlobo.

Lapho Wephule Umthetho

Kuzokwenzeka ngesinye isikhathi wephule umthetho—ungayenzi imisebenzi yakho yasekhaya, ukhulume isikhathi eside ocingweni, noma wephuze ukufika ekhaya. (IHubo 130:3) Kuyobe sekudingeka ulandise kubazali bakho! Ungagwema kanjani ukwenza isimo esibi sibe sibi nakakhulu?

Khuluma iqiniso. Ungaqambi amanga. Uma uqamba amanga, ngeke besakwethemba. Ngakho thembeka futhi uyiveze yonke imininingwane. (IzAga 28:13) Gwema ukuzithethelela noma ukunciphisa lokho okwenzekile. Njalo nje ubokhumbula ukuthi “impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka.”—IzAga 15:1.

Xolisa. Kungaba kuhle ubonise ukuzisola ngokukhathazeka, ukudumala, noma umsebenzi owengeziwe oye wawubangela futhi kunganciphisa ubunzima besijeziso. Nokho, ukudabuka kwakho kumelwe kube qotho.

Yamukela imiphumela. (Galathiya 6:7) Ungase uqale ungavumelani nesijeziso, ikakhulu uma sibonakala singafaneleki. Noma kunjalo, ukwamukela imiphumela yezenzo zakho kuwuphawu lokuvuthwa. Kungaba ngcono ukusebenzela ekwenzeni abazali bakho baphinde bakwethembe.

Bhala iphuzu elilodwa kulawa amathathu angenhla odinga ukusebenzela kulo. ․․․․․

Khumbula, abazali bakho banomthwalo wemfanelo wokulawula izenzo zakho ngokwezinga elithile. Yingakho iBhayibheli likhuluma ‘ngomyalo kayihlo nomthetho kanyoko.’ (IzAga 6:20) Noma kunjalo, ungabi nomuzwa wokuthi imithetho yasekhaya iyokona ukuphila kwakho. Kunalokho, uma uzithoba egunyeni labazali bakho, uJehova uthembisa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ‘kuyokuhambela kahle’!—Efesu 6:1-3.

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 3

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ingabe unomzali owumlutha wezidakamizwa noma uphuzo oludakayo? Yizwa ukuthi ungabhekana kanjani nakho.

UMBHALO OYINHLOKO

“Hlonipha uyihlo nonyoko . . . ukuze kukuhambele kahle.”—Efesu 6:2, 3.

ICEBISO

Uma ufuna abazali bakho bakunike inkululeko eyengeziwe, qala ngokuzakhela igama lokuthi uyayilalela imithetho yabo. Uma waziwa ngokuthi uyalalela, bazokunikeza izinto ozicelayo.

UBUWAZI . . . ?

Ukuhlola kubonisa ukuthi intsha enabazali abayibekela imithetho ngothando, maningi amathuba okuba iphumelele esikoleni, isebenzelane kahle nabanye futhi ijabule.

ENGIZOKWENZA!

Uma ngephule umthetho wasekhaya, ngizothi ․․․․․

Ngingenza abazali bami bangethembe ngoku- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Yini engenza abazali bakho babonakale bekuvikela ngokweqile ngezinye izikhathi?

Kungani ngezinye izikhathi uyicasukela imithetho obekelwe yona?

Ungayithuthukisa kanjani indlela okhulumisana ngayo nabazali bakho?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 183]

“Lapho usemusha, uthambekela ekucabangeni ukuthi wazi konke. Ngakho lapho abazali bakho bekubekela imingcele, kulula ukubacasukela. Kodwa imithetho yabo iyokusiza.’’—UMegan

[Ibhokisi ekhasini 186]

Ingabe Ngempela Kuwukukhetha?

Wake wazibuza, ‘Kungani abazali bengaphathi wonk’ umuntu ngendlela efanayo?’ Uma kunjalo, cabanga ngaleli qiniso: Impatho efanayo ayibona ubulungisa ngaso sonke isikhathi, kanti nempatho ewubulungisa ayifani ngaso sonke isikhathi. Umbuzo ngempela uwukuthi, Ingabe izidingo zakho azinakwa? Ngokwesibonelo, lapho udinga amacebiso abazali bakho, usizo lwabo, ukusekela kwabo, ingabe bayakunika lezi zinto? Uma bekunika, kungabe uqinisile yini uma uthi bakuphatha ngendlela engenabulungisa? Njengoba wena nezingane zakini ninezidingo ezingefani, akunakwenzeka ngabazali bakho ukuba baniphathe nonke ngendlela efanayo ngaso sonke isikhathi. Yilokho uBeth akuqonda ngemva kwesikhathi. Manje uneminyaka engu-18, uthi: “Mina nomfowethu singabantu ababili abangefani abadinga ukuphathwa ngezindlela ezingefani. Uma ngibheka emuva, angikholwa ukuthi angikubonanga lokho lapho ngisemncane.”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 189]

Ishadi Lemibuzo

Khuluma Nabazali Bakho!

Izahluko ezimbili ezandulele zixoxe ngendlela ongabhekana ngayo nokugxeka kwabazali bakho kanye nemithetho yasekhaya. Kuthiwani uma unomuzwa wokuthi abazali bakho baqine ngokweqile kulokhu kokubili? Ungayiqala kanjani ingxoxo nabo ngakho?

Khetha isikhathi okhululeke ngaso nesikhathi abazali bakho abangaxinekile ngaso.

Khuluma ngokusuka enhliziyweni, kodwa ungalawulwa imizwelo. Nikeza abazali bakho inhlonipho ebafanele.

Uma unomuzwa wokuthi abazali bakho bagxeka ngokweqile, ungase uthi: “Ngizama okusemandleni ukwenza okulungile, kodwa kuba nzima uma nginomuzwa wokuthi ngiyagxekwa njalo nje. Singaxoxa ngalokhu?”

Ngezansi bhala indlela wena ongayiqala ngayo ingxoxo nabazali bakho ngale ndaba.

․․․․․

ICEBISO: Sebenzisa iSahluko 21 ukuze uqale ingxoxo. Hleze abazali bakho bayothanda ukuxoxa nawe ngamaphuzu akuleso sahluko.

Uma unomuzwa wokuthi abazali bakho abakuniki inkululeko eyanele, ungase uthi: “Ngingathanda ukubonisa ukuthi ngingumuntu eningamethemba ukuze ngithole inkululeko eyengeziwe. Nicabanga ukuthi yini okufanele ngiyenze?”

Ngezansi bhala indlela wena ongayiqala ngayo ingxoxo nabazali bakho ngale ndaba.

․․․․․

ICEBISO: Bukeza iSahluko 3 eMqulwini 1. Sinesihloko esithi “Ngingabenza Kanjani Abazali Bami Banginike Inkululeko Eyengeziwe?” Yibe sewenza uhlu lwemibuzo ongase ube nayo ngalokho okufundayo.

[Isithombe ekhasini 184, 185]

Ukulalela imithetho yabazali bakho kufana nokukhokha isikweletu ebhange—uma uqhubeka uthembekile, uzokwethenjwa nakakhulu