Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuthiwani Uma Umzali Wami Engumlutha Wezidakamizwa Noma Wotshwala?

Kuthiwani Uma Umzali Wami Engumlutha Wezidakamizwa Noma Wotshwala?

Isahluko 23

Kuthiwani Uma Umzali Wami Engumlutha Wezidakamizwa Noma Wotshwala?

“Ubaba wahamba wathi uyokhanda imoto, kodwa laze lashona singezwa lutho oluvela kuye. Umama wazama ukumshayela ucingo. Akazange aluphendule. Ngemva kwesikhashana, ngaphawula ukuthi umama ukhathazekile futhi wayeselungiselela ukuhamba. Wathi kimi, ‘Ngisayobheka ubaba wakho.’

“Kamuva, umama wabuya—ehamba yedwa. Ngambuza, ‘Awumtholanga ubaba?’ ‘Cha, angimtholanga,’ ephendula.

“Ngaleso sikhathi ngavele ngabona ukuthi ubaba wayesephindele emikhubeni yakhe yakudala. Nakuqala wayenze kanje. Phela ubaba ungumlutha wezidakamizwa. Ngesikhathi ebuya, mina nomama sase sifile ukukhathazeka. Ngavele ngamziba usuku lonke—okuyinto engiphatha kabi manje.”—UKaren, oneminyaka engu-14.

IZIGIDI zentsha zibekezelela ubunzima bansuku zonke bokuphila nomzali ongumlutha wezidakamizwa noma wotshwala. Uma omunye wabazali bakho engumlutha, angase akuphoxe, akuxove umoya aze akucasule imbala.

Ngokwesibonelo, uMary wakhuliswa ubaba owayebonakala elungile uma ephambi kwabantu. Kodwa wayengumlutha wangasese wotshwala futhi umkhaya wakhe wayewuthuka futhi ewuhlukumeza. Ukhumbula ngokunengeka, “Abantu babeza kithina basitshele indlela esinobaba omuhle ngayo nokuthi sibusisekile ngokuba nobaba onjengaye.” *

Uma omunye wabazali bakho engumlutha wotshwala noma izidakamizwa, ungabhekana kanjani nesimo?

Ukuqonda Imbangela

Okokuqala, kuyasiza ukuqonda inkinga yomzali wakho. IzAga 1:5 zithi: ‘Umuntu onokuqonda nguye ozuza ukuqondisa okunekhono.’ Ngakho, kungaba kuhle ukuba ufunde okuthile ngokuthi kusho ukuthini ukuba umlutha, obani ababa yimilutha yotshwala noma yezidakamizwa futhi ngani.

Ngokwesibonelo, umlutha akuyena umuntu ophuza eqise ngankathi. Kunalokho, ngumuntu onenkinga yokuphuza njalo. * Uphuza ngokweqile—aze aphilele bona—futhi akabe esakwazi ukuzilawula uma eseze waqala ukuphuza. Ukuba kwakhe umlutha kudala izinkinga ezinzima emkhayeni, emsebenzini nasempilweni yakhe.

Nakuba abantu abathile bengase bathambekele kakhudlwana ekubeni imilutha yotshwala ngenxa yezizathu zofuzo, kubonakala sengathi nezimo ezingokomzwelo zihilelekile. Empeleni, imilutha eminingi inemizwa yokungazithandi. (IzAga 14:13) Eqinisweni, eminye kuyo yakhulela emikhayeni enabazali ababeyimilutha kwabona. Kubantu abanjalo, ukuphuza kungase kudambise izibazi ezingokomzwelo zasebuntwaneni. Kungase kuhileleke izimo ezifanayo lapho umuntu eba umlutha wezidakamizwa.

Ukuphuza noma ukusebenzisa izidakamizwa kumane kwenze izinkinga zomuntu zibe zimbi nakakhulu; imicabango nemizwelo yakhe isonteka nakakhulu. Yingakho abazali bakho bengase badinge usizo olukhulu lomuntu oqeqeshiwe ukuze bagqashule kulo mkhuba.

Linganisela Kokulindele

Yiqiniso, ukuqonda ukuthi kungani abazali bakho beziphatha kabi ngaleyo ndlela akuyiqedi inkinga. Noma kunjalo, ukuyiqonda inkinga kungakusiza ukuba ubonise isilinganiso esithile sozwela ngomzali wakho.

Ngokwesibonelo, ubungalindela yini ukuba umzali ophuke umlenze adlale nawe ibhola? Kuthiwani uma wazi ukuthi uphuka nje kungenxa yobuwula bakhe? Ngokungangabazeki ubuyophatheka kabi. Noma kunjalo, ubuyoqaphela ukuthi uma nje engakapholi, ngeke akwazi ukudlala nawe ibhola. Ukuliqonda lelo qiniso kuyokusiza ukuba ulinganisele ezintweni ozilindele.

Ngokufanayo, umzali ongumlutha wotshwala noma wezidakamizwa ukhubazekile ngokomzwelo nangokwengqondo. Yiqiniso, “uzilimaze” yena. Futhi ungase umthukuthelele kufanele ngenxa yesenzo sakhe sobuwula. Kodwa kuze kube yilapho umzali wakho efuna usizo lokwelapha lo mkhuba, kuncane ngempela angakwazi ukukwenza ukuze akunakekele. Ukubheka lo mkhuba wakhe njengokukhubazeka kungakusiza ukuba ulinganisele kokulindele.

Ongakwenza

Iqiniso liwukuthi kuze kube yilapho umzali wakho elungisa ukuphila kwakhe, kumelwe uphile nemiphumela yokuziphatha kwakhe. Okwamanje, yini ongayenza ngako?

Ungazibeki icala ngokuba umlutha komzali wakho. Ngumzali wakho—nguye yedwa—oyimbangela yokuba kwakhe umlutha. EyabaseGalathiya 6:5 ithi: “Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.” Ngakho, akuwona umsebenzi wakho ukwelapha umzali wakho noma ukumvikela emiphumeleni yokuba umlutha. Ngokwesibonelo, akudingeki uqambe amanga kumqashi wakhe noma umtatamise kuvulandi uma ewele khona edakiwe.

Khuthaza umzali wakho ukuba athole usizo. Inkinga enkulu yomzali wakho ingase ibe ukuvuma ukuthi unenkinga. Lapho umzali wakho ongumlutha engadakiwe futhi esesimweni esihle, mhlawumbe umzali wakho ongeyena umlutha kanye nezingane zakini ezindala, bangamtshela indlela ukuziphatha kwakhe okuwuthinta ngayo umkhaya nokuthi yini okudingeka ayenze ngakho.

Ngaphezu kwalokho, umzali wakho ongumlutha uyobe wenza kahle uma ebhala izimpendulo zale mibuzo elandelayo: Kuzokwenzekani kimina nasemkhayeni wami uma ngiqhubeka nokuphuza noma ukusebenzisa izidakamizwa? Kuzokwenzekani uma ngiwuyeka lo mkhuba? Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngithole usizo?

Uma kufufusa uthuthuva, hamba. IzAga 17:14 zithi: “Ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.” Ungazifaki engozini ngokuzigaxa engxabanweni. Uma kungenzeka, iya ekamelweni lakho noma uye kubo kamngane wakho. Uma kubonakala sengathi bazokulwa, kungase kudingeke usizo lwangaphandle.

Yivume indlela ozizwa ngayo. Enye intsha izizwa inecala ngenxa yokuthukuthelela umzali ongumlutha. Kungokwemvelo ukuzizwa umcasukele ngezinga elithile umzali ongumlutha, ikakhulukazi uma ukuba kwakhe umlutha kumenza angakwazi ukukubonisa uthando nokusekela okudingayo. Yiqiniso, iBhayibheli lithi unesibopho sokuhlonipha umzali wakho. (Efesu 6:2, 3) Kodwa elithi “hlonipha” lisho ukuhlonipha igunya lakhe, ngendlela efana naleyo okufanele uhloniphe ngayo iphoyisa noma umahluleli. Akusho ukuthi uvumelana nokuba kwakhe umlutha. (Roma 12:9) Akusho futhi ukuthi ungumuntu omubi ngoba unengwa ukuphuza kwakhe noma ukusebenzisa izidakamizwa; ukuba umlutha kuyanengeka vele!—IzAga 23:29-35.

Thola abantu abazokwakha. Uma ukuphila kwasekhaya kunezinxushunxushu, ungase ukhohlwe ukuthi impilo evamile injani. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba uzihlanganise nabantu abaphilile ngokomoya nangokomzwelo. Amalungu ebandla lobuKristu angakusiza futhi akusekele, angakwenza ukwazi nokupholisa ikhanda ekucindezelekeni kwasekhaya ngezikhathi ezithile. (IzAga 17:17) Ukuba nobudlelwane nemikhaya yamaKristu kungakunikeza isibonelo esihle salokho ukuphila komkhaya okufanele kube yikho, esikhundleni sesibonelo esibi osibona ekhaya.

Zifunele usizo. Kuyasiza ngempela ukuba nomuntu omdala ovuthiwe nomethembayo ongakwazi ukumthululela isifuba. Abadala bebandla bazimisele ukukusiza lapho ubadinga. IBhayibheli lithi la madoda angaba “njengendawo yokucashela umoya nendawo yokucashela isiphepho esinemvula, njengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi, njengomthunzi wedwala elikhulu ezweni eligwadulekile.” (Isaya 32:2) Ngakho ungesabi noma ube namahloni okuya kuwo ukuze uthole induduzo neseluleko.

Bhala lapha ukuthi yisiphi kulezi zinyathelo eziyisithupha ezingenhla ozozama ukusisebenzisa kuqala. ․․․․․

Ungase ungakwazi ukushintsha isimo sasekhaya, kodwa ungayishintsha indlela esikuthinta ngayo. Kunokuba uzame ukulawula umzali wakho, gxila kokuwukuphela komuntu ongakwazi ukumlawula—wena. Umphostoli uPawulu wabhala: “Qhubekani nisebenzela ukusindiswa kwenu siqu.” (Filipi 2:12) Ukwenza kanjalo kuyokusiza ukuba ube nombono omuhle, futhi kungase kwenze umzali wakho afune usizo ngenkinga yakhe.

ESIHLOKWENI ESILANDELAYO

Kuthiwani uma kubonakala sengathi abazali bakho baxabana njalo? Ungabhekana kanjani nokukhathazeka?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Uma uhlukunyezwa umzali ongumlutha wotshwala, kuhle ufune usizo. Khuluma nomuntu omdala omethembayo. Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, ungase utshele umdala webandla noma omunye umKristu ovuthiwe.

^ par. 11 Nakuba sibhekisela kowesilisa njengomlutha wotshwala, izimiso okuxoxwa ngazo ziyasebenza nakwabesifazane.

UMBHALO OYINHLOKO

“Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.”—IzAga 19:11.

ICEBISO

Kunokuba umzonde umzali wakho, yiba nenzondo efanele ngezenzo zakhe ezimbi.—IzAga 8:13; Jude 23.

UBUWAZI . . . ?

EBhayibhelini, igama elithi “hlonipha” lingasho nje ukuqaphela igunya elimiswe ngokufanele. (Efesu 6:1, 2) Ngakho, ukuhlonipha umzali akusho neze ukuthi kufanele uvumelane nokuziphatha kwakhe ngaso sonke isikhathi.

ENGIZOKWENZA!

Uma umzali wami engihlukumeza ngamazwi noma ngezenzo, ngizo- ․․․․․

Ngingakhuthaza umzali wami ukuba athole usizo ngoku- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Yini ebangela abanye abantu babe imilutha yotshwala noma yezidakamizwa?

Kungani kungephutha lakho ukuthi umzali wakho ungumlutha?

Yiziphi izici zesimo okuso ongazilawula, futhi ungakwenza kanjani lokho?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 192]

“Ngiyazi ukuthi kusengenzeka abazali bami bangiphoxe esikhathini esizayo, kodwa futhi ngiyazi nokuthi uma ngincika kuJehova, uyongi-nika amandla okukhuthazela.’’—UMaxwell

[Ibhokisi ekhasini 198]

Uma Umzali Eyeka Ukukhonza uJehova

Uma omunye wabazali bakho eyeka ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli—mhlawumbe aze asho ukuthi akasafuni ukuba yingxenye yebandla lobuKristu—yini ongayenza?

Khumbula ukuthi uJehova ngeke asole wena ngokuziphatha komzali wakho. IBhayibheli lithi: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12.

Gwema ukuthambekela kokuziqhathanisa nenye intsha enezimo ezingcono. (Galathiya 5:26) Insizwa ethile eyise washiya umkhaya wakubo ithi, “Kunokuba imicabango yakho igxile ezintweni ezinjalo, kuyasiza ukugxila ezindleleni zokubhekana nesimo.”

Qhubeka umhlonipha umzali ohluphayo, futhi uma imithetho yakhe ingangqubuzani nezindinganiso zikaNkulunkulu, yilalele. Umyalo kaJehova wokuba abantwana bahloniphe abazali babo awuxhomekile ekutheni umzali uyikholwa yini noma cha. (Efesu 6:1-3) Lapho uhlonipha futhi ulalela abazali bakho naphezu kokushiyeka kwabo, ubonisa uthando lwakho ngoJehova.—1 Johane 5:3.

Sondelana nebandla lobuKristu. Ungathola induduzo yomkhaya omkhulu ongokomoya. (Marku 10:30) Insizwa enguDavid yayesaba ukuthi amalungu ebandla angase ayigweme yona nabanye bakubo ngoba uyise eseyekile ukukhonza uJehova. Kodwa yathola ukuthi yayingenasizathu sokwesaba. Ithi: “Asizange sizizwe sikhishwe inyumbazane. Lokhu kwangiqinisekisa ngokuthi ngempela ibandla liyakhathalela.”

[Isithombe ekhasini 194]

Ukubheka ukuba umlutha komzali wakho njengokuwukukhubazeka okuthile kungakusiza ukuba ulinganisele kulokho okulindele