Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Nginomuzwa Wokuthi Akufanele Ngenze Amaphutha?

Kungani Nginomuzwa Wokuthi Akufanele Ngenze Amaphutha?

Isahluko 27

Kungani Nginomuzwa Wokuthi Akufanele Ngenze Amaphutha?

Uyacasuka yini uma ungawatholi wonke amamaki ngemva kokubhala isivivinyo?

□ Yebo

□ Cha

Ingabe uye uzizwe sengathi uyisehluleki lapho ugxekwa?

□ Yebo

□ Cha

Ingabe ukuthola kunzima ukwakha noma ukugcina abangane ngenxa yokuthi akekho obonakala efinyelela izindinganiso zakho?

□ Yebo

□ Cha

UMA impendulo yakho inguyebo kweminye yale mibuzo engenhla, kungenzeka ukuthi unenkinga yokufuna ukuba ophelele. Ungase ubuze, ‘Yini engalungile ngokuzama ukwenza izinto kahle?’ Akukho okungalungile ngalokho. IBhayibheli liyamncoma umuntu “onekhono emsebenzini wakhe.” (IzAga 22:29) Nokho, umuntu ofuna ukungenzi maphutha, uyeqisa.

Ngokwesibonelo, uJason oneminyaka engu-19 uyavuma: “Ngonyaka wami wokugcina esikoleni nganginomuzwa wokuthi uma ngingawatholi wonke amamaki ezifundweni zami, ngiyisiphukuphuku. Njengoba ngidlala nopiyano, nganginomuzwa wokuthi kufanele ngiludlale njengomdlali wopiyano odlala ekhonsathini.”

Ukufuna ukuphelela kungase kuthiye ngisho nokukhulekela komuntu. Cabanga ngalokho okungase kwenzeke kosemusha ohlale ebhekwa njengesibonelo sabanye. Ukuvelela kwakhe kungase kumenze azizwe sengathi wonk ’amehlo abheke yena, acubungula izinto azenzayo. Yiqiniso, amaKristu asemasha namadala ayazuza ezibonelweni ezinhle ebandleni. Kepha uma osemusha ezama ukuzenza abonakale engenaphutha angase alahlekelwe yinjabulo yakhe enkonzweni kaNkulunkulu. Uma kwenzeka lokho, usuke esedinga usizo. Kodwa angase angaluceli, esaba ukuthi uzobadumaza labo abambheka njengesibonelo. Kungase kuthi akaphonse ngisho nethawula, ecabanga ukuthi, ‘Uma ngingeke ngenze izinto ngaphandle kokwenza amaphutha, kungani kufanele ngizixake?’

Ukulwa Nokufuna Ukuphelela

Abantu abangawamukeli amaphutha banenkolelo yokuthi amaphutha akufanele enzeke. Empeleni kwalowo mbono uyiphutha. IBhayibheli likubeka ngokucacile: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuba singawenzi amaphutha. Eqinisweni, ukukholelwa ukuthi ungenza izinto ngaphandle kwamaphutha kuwubuwula njengokucabanga ukuthi ungakwazi ukugxuma bese undiza. Kungakhathaliseki ukuthi ukukholelwa kangakanani lokhu, ngeke kwenzeke nje kwaphela!

Yini ongayenza ukuze ukuphila kwakho kungalawulwa isimo sengqondo sokufuna ukuphelela? Zama lokhu okulandelayo:

Hlaziya “impumelelo.” Ingabe uzikhandla ngokweqile ukuze ubedlule bonke abanye? IBhayibheli libonisa ukuthi ukwenza lokho kungafana “nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:4) Iqiniso liwukuthi, bambalwa abantu abake “babedlula bonke abanye.” Ngisho noma umuntu esebadlula bonke abanye, ngokuvamile kusuke kusele kancane ukuba kuqhamuke omunye owenza kangcono kunaye. Impumelelo isho ukwenza okusemandleni akho—hhayi ukudlula omunye.Galathiya 6:4.

Bhekana namaqiniso. Olindele ukuthi ungakwazi ukukwenza kufanele kulingane namakhono onawo kanye nokulinganiselwa kwakho. Ukuzibekela imigomo ephakeme kakhulu kungase kube uphawu lokungabi nasizotha—ngisho nolokuzazisa. Umphostoli uPawulu unikeza iseluleko esihlakaniphile: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeke ukuba akucabange.” (Roma 12:3) Ngakho, bhekana namaqiniso. Hlaziya kabusha izinto olindele ukuzenza. Lwela ukwenza okusemandleni akho hhayi ukuba ophelele.

Zihleke! Zama ukwenza izinto ongakwazi ukuzenza kahle, njengokudlala insimbi yomculo. Yiqiniso, nakanjani uyowenza amaphutha. Zama ukubheka lawo maphutha ngelinye iso. IBhayibheli lithi ‘kunesikhathi sokuhleka.’ (UmShumayeli 3:4) Kungani ungazihleki? Ukuzihleka kuyokusiza ubone ukuthi sifunda ngokwenza amaphutha. Kuyavunywa, kungase kungabi lula ngawe ukwenza umsebenzi ongemuhle kahle-hle. Kodwa yenza umzamo wokukhipha imicabango engemihle nelimazayo engqondweni yakho.

Khumbula njalo ukuthi uJehova akafuni ukuphelela; umane nje ulindele ukuba sithembeke kuye. (1 Korinte 4:2) Uma ulwela ukwethembeka, ungajabula ngempela ngalokho oyikho—yize ungaphelele.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ubungqingili bamukelwa yonk’ indawo namuhla. Ungabugwema kanjani? Kuthiwani uma unezifiso zobungqingili?

UMBHALO OYINHLOKO

“Akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.”—UmShumayeli 7:20.

ICEBISO

Cabanga ngomsebenzi oye wahlehlisa ukuwenza ngoba nje usaba ukuthi ngeke ukwazi ukuwenza kahle. Yibe usubeka usuku ozowuqeda ngalo.

UBUWAZI . . . ?

UJehova uphelele, kodwa lapho esebenzelana nabantu abangaphelele, akalindeli ukuphelela kubo. Akayena umuntu ongacabangeli futhi akalindeli izinto ezinge-nakwenzeka.

ENGIZOKWENZA!

Uma sengiqala ukuzigxeka ngokweqile, ngizo- ․․․․․

Uma sengiqala ukugxeka abanye ngokweqile, ngizo- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANIA?

● Kukuziphi izici zokuphila, uma zikhona, ovame ukuzibekela kuzo imigomo ephakeme ngokweqile?

● Yiziphi izindima zeBhayibheli ezikwenza ucacelwe ukuthi uJehova uNkulunkulu akalindele ukuphelela ezincekwini zakhe?

● Kungani abanye bengase bakuhlamuke uma ungumuntu ongawamukeli amaphutha?

● Esikhathini esizayo, uyowasingatha kanjani amaphutha akho?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 226]

“Ukwenza okusemandleni akho kanye nokuba umuntu ofuna ukuphelela kuyizinto ezimbili ezingafani; okunye kuyalinganisela okunye kuyeqisa.’’—UMegan

[Ibhokisi ekhasini 228]

Ukufuna Ukuphelela Nobungane

Ingabe uzihlukanisile nabantu ngenxa nje yokuthi abazifinyeleli izindinganiso ozilindele? Noma, ingabe abantu abakahle bayaqhela kuwe ngenxa yokuthi izindinganiso zakho zobungane zibonakala ziphakeme kakhulu? IBhayibheli liyasiyala: “Ungabi olunge ngokwedlulele, noma uzibonise uhlakaniphe ngokweqile. Kungani kufanele uzibangele incithakalo?” (UmShumayeli 7:16) Enye indlela umuntu ofuna ukuphelela azibangela ngayo incithakalo iwukubadedisela kude abantu abebengase bakujabulele ukuba naye. “Akekho umuntu othanda ukuba nabantu abamenza azizwe engelutho, futhi ngiye ngabona abantu abangafuni phutha belahlekelwa abangane abahle ngenxa yezinto ezingathí shu,” kusho intombazane okuthiwa u-Amber.

[Isithombe ekhasini 229]

Ukuzama ukuba ophelele kuyize njengokuzama ukundiza