Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingakuyeka Kanjani Ukucabanga Ngobulili?

Ngingakuyeka Kanjani Ukucabanga Ngobulili?

Isahluko 29

Ngingakuyeka Kanjani Ukucabanga Ngobulili?

“NGICABANGA ngamantombazane sonke isikhathi—ngisho noma engekho eduze,” kusho ibhungu elinguMichael. “Kuyamangaza. Ngezinye izikhathi ngehluleka ngisho nokugxila kwengikwenzayo!”

Ingabe nawe, njengoMichael, uchitha isikhathi esiningi ucabangana nabobulili obuhlukile? Uma kunjalo, ungase uzwe sengathi kukhona okungahambi kahle ekhanda. Imicabango yobulili ingase ingene ngamandla engqondweni yakho kuhle kwamasosha ayizitha. “Ingakwenza ungakwazi ukucabanga ngokunye,” kusho uMichael. “Ingakwenza uhambe ngendlela ethathelayo uye emotweni yakho ukuze nje udlule eduze kwesiphalaphala sentombazane noma wehle wenyuka emaphasishi asesitolo ukuze nje umbone kahle umuntu othile.”

Khumbula nokho ukuthi imizwa yobulili ayimibi yona ngokwayo. Angithi uNkulunkulu wadala owesilisa nowesifazane ngendlela yokuba bakhangane, futhi ukwanelisa izifiso zobulili kuyamukeleka elungiselelweni lomshado. Lapho ungakashadi, ungase ube nezifiso zobulili ezinamandla. Uma kwenzeka lokho, ungacabangi ukuthi ungumuntu omubi ngokwemvelo noma ukuthi awusoze wakwazi ukuziphatha ngendlela ehlanzekile. Ungaba msulwa uma uthanda! Kodwa ukuphumelela emzamweni wakho kuyodinga ukuba ulawule imicabango ngabobulili obuhlukile. Ungakwenza kanjani lokho?

Hlola abantu ozihlanganisa nabo. Uma ofunda nabo beqala ukuxoxa ngokuziphatha okubi kobulili, ungase ulingeke ukuba uhlanganyele—ukuze nje ungabonakali uphuma eceleni. Kodwa empeleni yilokhu okuyomane kwenze kube nzima nakakhulu ukulawula imicabango yakho. Kufanele wenzeni—uvele usukume uhambe? Impela, futhi akudingeki uzizwe unamahloni okwenza kanjalo! Izikhathi eziningi ungayithola indlela yokuhamba ngaphandle kokubonakala ungungcwelengcwele bese uyahlekwa.

Gwema ukuzijabulisa okungcolile. Yiqiniso, akuwona wonke amabhayisikobho noma ama-CD angcolile. Noma kunjalo, izinto eziningi zokuzijabulisa namuhla ziklanyelwe ukuvusa inkanuko yobulili. Sithini iseluleko seBhayibheli? “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Hlukana nanoma yiziphi ezokuzijabulisa ezingase zikuvusele izifiso zobulili ezingafanele. *

Inkinga Yokushaya Indlwabu

Enye intsha izama ukunciphisa ukuvuka kwenkanuko yobulili ngokushaya indlwabu. Kodwa lokhu kungadala izinkinga ezimbi kakhulu. IBhayibheli linxusa amaKristu: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha.” (Kolose 3:5) Ukushaya indlwabu kuphambene impela ‘nokubulala isifiso sobulili.’ Empeleni kuyasivusa futhi kusikhulise!

Ukushaya indlwabu kungakwenza isigqila sezifiso zakho. (Thithu 3:3) Enye indlela ongaqala ngayo ukunqoba lo mkhuba ukutshela othile. UmKristu owalwa nokushaya indlwabu iminyaka eminingi uthi: “Yeka ukuthi ngifisa kanjani ukuthi ngabe ngaqunga isibindi sokukhuluma ngakho nothile lapho ngisemusha! Isazela sangihlupha iminyaka eminingi, futhi sabuthinta kakhulu ubuhlobo bami nabanye, futhi ngaphezu kwakho konke, noJehova.”

Ubani okufanele ukhulume naye? Kuwukuhlakanipha ukukhuluma nomzali. Noma mhlawumbe ilungu lebandla lobuKristu elivuthiwe lingasiza. Ungaqala ngokuthi, “Ngithanda ukukhuluma nawe ngenkinga engikhathaza kakhulu.”

U-André wakhuluma nomdala ongumKristu, futhi uyajabula ngokuthi wenza kanjalo. “Njengoba lo mdala ayengilalele, amehlo akhe agcwala izinyembezi,” kusho u-André. “Lapho ngiqeda, wangiqinisekisa ngothando lukaJehova. Wathi inkinga yami ivamile. Wathembisa ukuthi uzoyihlola intuthuko yami futhi anginike amaphuzu engeziwe avela ezincwadini zeBhayibheli. Ngemva kokuxoxa naye, ngenza isinqumo sokuqhubeka ngilwa—ngisho noma ngangibuye ngihluleke.”

UMário wanquma ukukhuluma noyise, owaba nozwela nokuqonda okukhulu. Waze wavuma kuMário ukuthi naye wayeke wakuthola kunzima ukunqoba lo mkhuba lapho esemncane. “Ukwethembeka nobuqotho bukababa kwangikhuthaza kakhulu,” kusho uMário. “Ngaphetha ngokuthi uma ayekwazile ukuwunqoba, nami ngingakwazi. Isimo sengqondo sikababa sangithinta kangangokuthi ngakhala izinyembezi.”

Njengo-André noMário, ungathola usizo emizamweni yakho yokunqoba umkhuba wokushaya indlwabu. Ngisho noma ubuye uhluleke, ungadikibali! Qiniseka ukuthi ungayinqoba le mpi. *

Ukulawula Imicabango Yakho

Umphostoli uPawulu wathi: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuphatha njengesigqila.” (1 Korinte 9:27) Ngokufanayo, nawe kungase kudingeke uzikhuze kanzima lapho ufikelwa imicabango engafanele ngabobulili obuhlukile. Uma le micabango iphikelela, zama ukuvivinya umzimba. IBhayibheli lithi: “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane.” (1 Thimothewu 4:8) Ukuhamba ngamandla noma ukuvivinya umzimba imizuzwana kungase kube yikho okudingayo ukuze ulwe nemicabango ekuphazamisayo.

Ngaphezu kwakho konke, ungalushayi indiva usizo lukaBaba wakho osezulwini. Omunye umKristu uthi: “Lapho ngizwa ukuthi inkanuko iyavuka, ngithandaza ngokusuka enhliziyweni.” Cha, uNkulunkulu ngeke akwephuce isithakazelo kwabobulili obuhlukile. Kodwa ngosizo lwakhe, ungathola ukuthi ziningi ezinye izinto ongacabanga ngazo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Kuxoxwa kabanzi ngezokuzilibazisa nezokuzijabulisa eNgxenyeni 8 yale ncwadi.

^ par. 14 Ukuze uthole amaphuzu engeziwe ngokushaya indlwabu, bheka uMqulu 1, isahluko 25

UMBHALO OYINHLOKO

“Noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—Filipi 4:8.

ICEBISO

Uma uye wabuyela emkhubeni wokushaya indlwabu, ungayeki ukulwa nawo! Hlaziya ukuthi yini ekwenze waphindela kuwo, uzame ukukugwema lokho.

UBUWAZI . . . ?

Lokho ovumela ingqondo yakho ukuba igxile kukho, kungalolonga ubuntu bakho kuthinte nezenzo zakho.—Jakobe 1:14, 15.

ENGIZOKWENZA!

Uma ngifuna ukuyeka ukucabanga ngabantu bobulili obuhlukile, ngizo- ․․․․․

Uma engifunda nabo bexoxa ngezinto ezingcolile, ngizo- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani imizwa yobulili kungafanele ibhekwe “njengesitha” ngaso sonke isikhathi?

● Kungani kudingeka ulawule izifiso zakho zobulili?

● Hlobo luni lokuzijabulisa olungase lukwenze ulokhu ucabangana nabobulili obuhlukile?

● Kungani kubalulekile ukusuka kubantu abaxoxa ngezinto ezingcolile?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 240]

“Okungisizayo mina ukucabanga ngenye into—ngiyeke ukucabanga ngezinto ezivusa inkanuko. Ngizikhumbuza ukuthi imizwa noma isifiso sobulili sizodlula ngokuhamba kwesikhathi.’’—UScott

[Isithombe ekhasini 239]

Ubungawavumela yini ama-virus angene kuyi-computer yakho? Pho kungani ufaka imicabango engcolile engqondweni yakho?