Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingalumelela Kanjani Ukholo Lwami KuNkulunkulu?

Ngingalumelela Kanjani Ukholo Lwami KuNkulunkulu?

Isahluko 36

Ngingalumelela Kanjani Ukholo Lwami KuNkulunkulu?

Yini engase ikwenze udonse izinyawo ekuxoxeni nofunda naye ngokholo lwakho?

□ Ukungabi nolwazi lweBhayibheli

□ Ukwesaba ukuhlekwa

□ Ukungazi ukuthi ungayiqala kanjani ingxoxo

Iyiphi indlela yokuxoxa ngokholo lwakho ongayithola ilula kakhulu?

□ Ukuxoxa nomfundi ngamunye

□ Ukukhuluma phambi kwalo lonke ikilasi

□ Ukubhala indaba ngezinkolelo zami ezisekelwe eBhayibhelini

Bhala igama lengane ofunda nayo esikoleni ocabanga ukuthi ingayilalela ingxoxo yeBhayibheli uma ungayiqala. ․․․․․

CISHE ingxoxo emayelana noNkulunkulu ayithandeki kangako kofunda nabo. Qala ingxoxo nganoma yini—ezemidlalo, izingubo noma abobulili obuhlukile—uyolibona isasasa abayoba nalo. Kodwa ake uphathe elithi Nkulunkulu, inkukhu inqunywa umlomo.

Akukhona ukuthi ontanga yakho abakholelwa kuNkulunkulu; intsha eningi iyakholelwa kuye. Ukuthi nje enye inamahloni okuxoxa ngaye. ‘Akumnandi nje kwaphela,’ ingase icabange.

Wena-ke?

Uma ukuthola kunzima ukuxoxa nofunda nabo ngoNkulunkulu, kuyaqondakala. Akekho othanda ukukhishwa inyumbazane, ingasaphathwa eyokwenziwa inhlekisa! Kungenzeka yini lokho uma ukhuluma ngokholo lwakho? Yebo. Ngakolunye uhlangothi, ontanga yakho bangakumangaza. Abaningi babo bafunana nezimpendulo zemibuzo enjengokuthi: Liphokophelephi leli zwe? nothi, Kungani ligcwele izinkinga kangaka? Cishe ontanga yakho bangakhetha ukuxoxa nomuntu olingana nabo ngale mibuzo kunokuxoxa nomuntu omdala.

Noma kunjalo, ukukhuluma nontanga ngenkolo kungabonakala kunzima. Kodwa empeleni akudingeki kube sengathi ushiseka ngokweqile, kungadingeki nokuba ukhathazeke ngokusho into ngokunembile. Ukukhuluma ngokholo lwakho kuthi akufane nokudlala insimbi yomculo. Ingabe kunzima ekuqaleni? Cishe. Kodwa ngokuprakthiza kuya kuba lula, futhi nemizamo yakho iyoba nemiphumela emihle. Kodwa-ke uyiqala kanjani ingxoxo?

Ngokuvamile ungaqala ngento elula. Ngokwesibonelo, mhlawumbe lapho kuxoxwa ngendaba esematheni esikoleni, wena ungaveza umbono weBhayibheli ngayo. Noma ungazama ukuxoxa noyedwa ofunda naye ekilasini. Okulula kunalokho, ezinye izingane ezingamaKristu ziye zabeka izincwadi zeBhayibheli edeskini ukuze zibone ukuthi ayimkhangi yini othile ekilasini. Izikhathi eziningi uba khona okhangekayo bese kulandela ingxoxo!

Kulezi zindlela ezingenhla, iyiphi ongayizama wena? ․․․․․

Ikhona enye indlela oyicabangayo ongaxoxa ngayo ngokholo lwakho nofunda naye ekilasini? Uma ikhona, ibhale ngezansi.

․․․․․

Ngezinye izikhathi umsebenzi wesikole ukunika ithuba lokufakaza ngokholo lwakho. Ngokwesibonelo, ungenzenjani uma kuphakama isihloko sokuziphendukela kwemvelo? Ungakumelela kanjani ukukholelwa kwakho endalweni?

Ukuvikela Indalo

“Lapho kuphakama indaba yokuziphendukela kwemvelo ekilasini, yayihlukile kukho konke engangikufundisiwe,” kusho osemusha okuthiwa uRyan. “Yabekwa njengeyiqiniso futhi kwangethusa lokho.” Intombazane okuthiwa uRaquel isho okufanayo. Ithi: “Ngesaba lapho uthisha wesifundo sezenhlalo ethi sizofunda ngokuziphendukela kwemvelo. Ngangazi ukuthi kwakuzodingeka ngichazele ikilasi ukuthi ngimiphi kule ndaba.”

Uzizwa kanjani wena uma kuxoxwa ngokuziphendukela kwemvelo ekilasini? Ukholelwa ukuthi uNkulunkulu “wadala zonke izinto.” (IsAmbulo 4:11) Ububona yonk’ indawo ubufakazi bezinto eziklanywe ngokuhlakanipha. Kodwa izincwadi zesikole zithi ukuphila kwazivelela, kanti nothisha usho kanjalo. Ungubani-ke wena ukuba ungaphikisana “nabaziyo”?

Qiniseka, akuwena wedwa ozizwa ngale ndlela ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Iqiniso liwukuthi ngisho nososayensi abaningana abayamukeli. Othisha nabafundi abaningi nabo abayamukeli.

Noma kunjalo, ukuze ukwazi ukumelela ukukholelwa kwakho endalweni, kudingeka wazi lokho okufundiswa iBhayibheli ngempela. Asikho isidingo sokuphikisana ngezinto iBhayibheli elingakhulumi ngazo ngokuqondile. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa.

Incwadi yami yesayensi ithi sekuyizigidigidi zeminyaka ukhona umhlaba nesimiso sikanozungezilanga. IBhayibheli lithi umhlaba nendawo yonke kwaba khona ngaphambi kosuku lokuqala lokudala. Ngakho, kungenzeka ukuthi sekuyiminyaka eyizigidigidi umhlaba nesimiso sikanozungezilanga kukhona.—Genesise 1:1.

Uthisha uthi akunakwenzeka ukuthi umhlaba wadalwa ngezinsuku eziyisithupha. IBhayibheli alisho ukuthi izinsuku eziyisithupha zokudala zazingamahora angu-24 angokoqobo.

Ekilasini kukhulunywe ngezibonelo eziningana zezinguquko ezilwaneni nakubantu ezenzeka phakathi nesikhathi esithile. IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala izinto eziphilayo “ngezinhlobo zazo.” (Genesise 1:20, 21) Aliwusekeli umqondo wokuthi ukuphila kwaqala entweni engaphili noma ukuthi uNkulunkulu waqala inqubo yokuziphendukela kwemvelo ngengqamuzana eyodwa. Yize kunjalo, ‘uhlobo’ ngalunye lungaba nezinhlobo ezihlukahlukene. Ngakho, iBhayibheli livumela ukuba ushintsho lwenzeke phakathi ‘kohlobo’ olulodwa.

Kulokhu osekushiwo kulesi sahluko, ungaphendula kanjani uma uthisha noma umfundi ethi:

“Isayensi iye yakufakazela ukuthi siwumkhiqizo wokuziphendukela kwemvelo.” ․․․․․

“Angikholelwa kuNkulunkulu ngoba angimboni.” ․․․․․

Qiniseka Ngezinkolelo Zakho!

Uma ukhuliswa abazali abangamaKristu, ungase ukholelwe endalweni ngoba nje kuyilokho okufundisiwe. Kepha njengoba ukhula, ufuna ukukhulekela uNkulunkulu ‘ngamandla akho okucabanga,’ unesisekelo esiqinile sezinkolelo zakho. (Roma 12:1) Ngenxa yalokho, zibuze, ‘Yini mina engiqinisekisayo ukuthi ukhona uMdali?’ USam oneminyaka engu-14 ubheka umzimba womuntu. Uthi: “Unezinto eziningi futhi uyinkimbinkimbi futhi wonke amalungu awo asebenza kahle ngokubambisana. Akunakwenzeka ukuba umzimba womuntu waziphendukela!” UHolly oneminyaka engu-16 uyavuma. Uthi: “Selokhu ngathola ukuthi nginesifo sikashukela, ngifunde okuningi ngendlela umzimba osebenza ngayo. Ngokwesibonelo, iyamangalisa indlela amanyikwe (pancreas)—isitho esincane esingemuva kwesisu—enza ngayo umsebenzi omkhulu wokugcina igazi nezinye izitho zisebenza.”

Ngezansi bhala izinto ezintathu ezikuqinisekisayo wena ukuthi ukhona uMdali.

1. ․․․․․

2. ․․․․․

3. ․․․․․

Asikho isidingo sokuzenyeza noma sokuba namahloni ngoba ukholelwa kuNkulunkulu nasendalweni. Uma ucabangela ubufakazi, kunengqondo impela ukukholelwa ukuthi thina bantu saklanywa ngokuhlakanipha.

Ekugcineni, ukuziphendukela kwemvelo, hhayi indalo, okudinga ukholo olungenabufakazi—empeleni kufana nokukholelwa emilingweni kodwa uthi akekho umenzi wemilingo! Uma usucabangisisile ngale ndaba usebenzisa amandla akho okuqonda, uyozizwa uqiniseka ngokwengeziwe ngokumelela ukholo lwakho kuNkulunkulu.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ubona ontanga bebhapathi-zwa. Ingabe usukulungele wena ukuthatha leso sinyathelo?

UMBHALO OYINHLOKO

“Anginamahloni ngezindaba ezinhle; eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo.”—Roma 1:16.

ICEBISO

Qaphela isimo sakho lapho ukhuluma ngezinkolelo zakho. Uma ubonakala unamahloni, ungase uzimemele ukuhlekwa ontanga. Kodwa uma ukhuluma ngokuzethemba—ngendlela nabo abangakhuluma ngayo ngemibono yabo—cishe bayokuhlonipha.

UBUWAZI . . . ?

Ngezinye izikhathi lapho othisha becelwa ukuba banikeze ubufakazi bokuziphendukela kwemvelo, bayehluleka, futhi babone ukuthi le mfundiso bayamukela ngoba kuyiyona abayifundiswa.

ENGIZOKWENZA!

Ukuze ngiqale ingxoxo yeBhayibheli nengifunda naye ekilasini, nginga- ․․․․․

Uma ngibuzwa ukuthi kungani ngikholelwa kuMdali, ngiyothi ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani kubalulekile ukuxoxa nabanye ngezinkolelo zakho?

● Yiziphi ezinye izindlela ongabachazela ngazo kalula esikoleni ngokukholelwa kwakho endalweni?

● Ungakubonisa kanjani ukwazisa ngaLowo odale zonke izinto?—IzEnzo 17:26, 27.

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 300]

“Isikole siyinsimu okuyithina kuphela esingashumayela kuyo.’’—U-Iraida

[Isithombe ekhasini 298]

Njengokudlala insimbi yomculo, ukukhuluma ngokholo lwakho kudinga ikhono—uma uprakthiza, uyoshelela

[Isithombe ekhasini 300, 301]

Ungakunqoba ukwesaba ukumelela izinkolelo zakho