Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isibonelo Esihle—AmaHebheru Amathathu

Isibonelo Esihle—AmaHebheru Amathathu

Isibonelo Esihle—AmaHebheru Amathathu

UHananiya, uMishayeli no-Azariya bami ethafeni laseDura, eduze kwaseBhabhiloni. Bonke abantu ababazungezile bakhothamele isizemazema sesithombe. Naphezu kokucindezela kontanga nosongo lwenkosi, lezi zinsizwa azishintshi. Ngenhlonipho kodwa ngokuqiniseka zitshela uNebukhadinezari ukuthi ngeke zisishintshe isinqumo sazo sokukhonza uJehova.—Daniyeli 1:6; 3:17, 18.

Lezi zinsizwa zazincane ngesikhathi zidingiselwa eBhabhiloni. Ukwethembeka kwazo zisencane—ngokwenqaba ukudla ukudla okwakungenzeka ukuthi kwenqatshelwe eMthethweni kaNkulunkulu—kwazihlomisela ukubhekana nezinselele ezinzima kamuva ekuphileni. (Daniyeli 1:6-20) Zazizibonele ukuthi ukulalela uJehova kuyinkambo yokuhlakanipha. Ingabe nawe uzimisele ngendlela efanayo ukunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu naphezu kokucindezela kontanga? Uma ufunda manje usemusha ukulalela uJehova ezintweni ezingase zibonakale zincane, uyokuhlomela kangcono ukuhlala uthembekile lapho usubhekene nezinselele ezinkulu kamuva ekuphileni.—IzAga 3:5, 6; Luka 16:10.