Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iisibonelo Esihle—Umfelokazi Ompofu

Iisibonelo Esihle—Umfelokazi Ompofu

Iisibonelo Esihle—Umfelokazi Ompofu

UJesu ubukele izicebi zikhalakathisela iminikelo ebhokisini lemali lasethempelini. Kuleso sixuku ubona umfelokazi oswele onikela ‘ngezinhlamvu zemali ezimbili ezincane ezinenani elincane kakhulu.’ (Luka 21:2) UJesu uyasincoma isenzo sakhe sokupha. Kungani? Ngoba abanye babenikele ngababekucaphune ‘enaleni yabo, kodwa yena, ekusweleni kwakhe, wayekhalakathisele konke ayenakho, konke ayeziphilisa ngakho.’Marku 12:44.

Ingabe izinto eziza kuqala kuwe ziyefana nezalo mfelokazi? Uzimisele yini ukusebenzisa isikhathi nemali yakho ekukhonzeni uNkulunkulu? Njengalo mfelokazi oswele, nawe unganikelela ukugcinwa kwezindawo zokukhulekelwa zisesimweni esihle. Ungasebenzisa isikhathi sakho nemali usize abanye bafunde ngoJehova uNkulunkulu. UJehova wayibona futhi wayazisa imali encane eyanikelwa umfelokazi enkonzweni yakhe. UNkulunkulu uyokwazisa nawe futhi akusize uma into eza kuqala kuwe kuwukwenza intando yakhe.—Mathewu 6:33.