Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isibonelo Esihle—UPawulu

Isibonelo Esihle—UPawulu

Isibonelo Esihle—UPawulu

Umphostoli uPawulu uyazi kahle imizwa yakhe. Ngobuqotho uyavuma: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” UPawulu ungumuntu olungile. Uyabhala: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi.” Pho, inkinga iyini? UPawulu uthi: “Ngibona . . . omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.” Amaphutha kaPawulu awamthokozisi. Uyababaza: “Yeka mina muntu wosizi!”Roma 7:21-24.

Ingabe amaphutha akho akubangela usizi? Uma kunjalo, khumbula ukuthi ngisho noPawulu wayezizwa ngaleyo ndlela ngezinye izikhathi. Kodwa uPawulu wayazi nokuthi uKristu wafela abantu abanjengaye, okwamenza wababaza: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:25) UPawulu wayebheka isihlengo njengesipho somuntu siqu. Wabhala: ‘INdodana kaNkulunkulu yangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.’ (Galathiya 2:20) Lapho uzizwa udangele, zindla ngesihlengo. Futhi uma amaphutha akho ekudikibalisa, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uKristu wafela izoni, hhayi abantu abaphelele.