Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 114

Incwadi KaNkulunkulu—IGugu

Incwadi KaNkulunkulu—IGugu

(IzAga 2:1)

1. Kukhon’ incwadi enkulu kakhulu,

Ileth’ uk’thula nethemba k’bantu.

Inamaphuz’ anamandla kakhulu.

Isiz’ “abafile,” “nez’mpumputhe.”

Leyo ncwadi iBhayibhel’ El’ngcwele.

Yalotshwa ngokuphefumulelwa;

Ngabantu ababethand’ uJehova,

Besizwa yiwo umoya wakhe.

2. Babhala ngendalo kaNkulunkulu;

Ngokudalwa kwezulu nomhlaba.

Balandisa ngomuntu ophelele,

Nokulahleka kwePharadesi.

Basilandisa ngengelos’ ethile

Eyabekel’ uJah inselele,

Kwaletha usizi nezinyembezi.

Kodwa uJehova uzonqoba.

3. Namuhl’ uMbuso kaKrist’ umisiwe.

Siphila ngenjabulo enkulu.

Kubo bonke abathand’ uJehova

Lesi yisikhathi sensindiso.

Lezi zindaba ziseZwini l’kaJah;

Lingumqulu esizondla ngawo,

Oqukethe izindab’ ezimnandi.

Yeka iGugu oyilo k’bantu!

(Bheka neyesi-2 Thim. 3:16; 2 Pet. 1:21.)