Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 15

Indalo Yembula Inkazimulo KaJehova

Indalo Yembula Inkazimulo KaJehova

(IHubo 19)

1. Jehova Nkos’, ngiyal’bon’ udumo.

Amazulu ayalanda ngalo.

Akhuluma ub’suku nemini,

Kwabathobekil’ anik’ ulwazi.

Akhuluma ub’suku nemini,

Kwabathobekil’ anik’ ulwazi.

2. Izinkanyez’ ilanga nenyanga.

Nezilwandle kwadalwa nguwena.

Konke kuyakukhazimulisa.

Kuyilungel’ ukwaziwa nguwe.

Konke kuyakukhazimulisa.

Kuyilungel’ ukwaziwa nguwe.

3. Imithetho yakho iphelele.

Nsuku zonke sithol’ iz’khumbuzo.

Ngempela ziyahlakaniphisa.

Sengathi njalo singazigcina.

Ngempela ziyahlakaniphisa.

Sengathi njalo singazigcina.