Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 31

SingoFakazi BakaJehova!

SingoFakazi BakaJehova!

(Isaya 43:10-12)

1. Abantu benz’ iz’thombe,

INkosi bay’shiyile.

Yon’ inguSomandla,

Iz’bonisile.

Izithomb’ aziboni

Okuseza phambili.

KoFakazi ziyehluleka,

Ngoba azinaw’ amandla.

(CHORUS)

S’ngoFakazi BakaJah.

Sikhuluma nges’bindi.

SineNkosi yesiprofetho;

Kuyenzeka ek’shilo.

2. S’memezela ngodumo

Negama l’ka Jehova.

S’shumayela ngawo,

UMbuso wakhe.

Abanye bazolizwa

Iqiniso balazi.

Bazomdumisa kanye nathi,

Simhubele i’ndumiso.

(CHORUS)

S’ngoFakazi BakaJah.

Sikhuluma nges’bindi.

SineNkosi yesiprofetho;

Kuyenzeka ek’shilo.

3. Uk’fakaza k’dumisa,

Igama l’kaJehova.

Abalithukayo,

Bayaxwayiswa.

Bangaxolelwa futhi,

Nxa bephenduka futhi.

Uk’fakaza k’leth’ injabulo

Nethemba lok’phila njalo.

(CHORUS)

S’ngoFakazi BakaJah.

Sikhuluma nges’bindi.

SineNkosi yesiprofetho;

Kuyenzeka ek’shilo.