Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 33

Ningabesabi!

Ningabesabi!

(Mathewu 10:28)

1. Qhubekani bantu bami,

N’shumayele nges’bindi.

Ningamesab’ omubi.

Bonk’ abantu mabazi

Ukuth’ uKristu waxosha

isitha ezulwini,

Uzokhulul’ iziboshwa

ngokuboph’ uDeveli.

(CHORUS)

Ningesabi bantu bami,

Noma benisongela.

Ngohlale nginivikela

Njengenhlamvu yeso lam’.

2. Nom’ izitha ziziningi

Noma zinisabisa,

Noma z’khuluma kahle,

Ukuze zidukise.

Ningesabi mabuth’ ami,

Noma benishushisa,

Ngoba ngiyonivikela

ize iphele impi.

(CHORUS)

Ningesabi bantu bami,

Noma benisongela.

Ngohlale nginivikela

Njengenhlamvu yeso lam’.

3. Ngeke nginishiye neze;

Njalo ng’yonivikela.

Nom’ ensimini nifa,

Nokufa ngokunqoba.

Ningesab’ ababulala

Umzimba k’nomphefum’lo.

Qhubekani nithembeke;

Nize nithol’ umvuzo!

(CHORUS)

Ningesabi bantu bami,

Noma benisongela.

Ngohlale nginivikela

Njengenhlamvu yeso lam’.