INgoma 38
Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova
(IHubo 55)
1. Yizwa umkhuleko wami,
Nkosi ungazifihli.
Nginake ungiphendule
Ukuze ngingesabi.
(CHORUS)
Phons’ umthwalo kuJehova;
Yen’ uzokusekela.
Ngeke akuyek’ uyenda
Wokunika amandla.
2. Uma nganginamaphiko,
Ngangondizela kude,
Endawen’ engenababi,
Abangizingelayo.
(CHORUS)
Phons’ umthwalo kuJehova;
Yen’ uzokusekela.
Ngeke akuyek’ uyenda
Wokunika amandla.
3. Ngizobiza uJehova,
Ngithole is’vikelo.
Ubanika ukuthula,
Namandla abamnene.
(CHORUS)
Phons’ umthwalo kuJehova;
Yen’ uzokusekela.
Ngeke akuyek’ uyenda
Wokunika amandla.
(Bheka neHu. 22:5; 31:1-24.)