INgoma 67
Thandaza KuJehova Nsuku Zonke
1. Thandaza kuJah, yen’ uyokuzwa.
Kuyilungelo uk’bizwa ngoJah.
Thulul’ isifuba sakho kuye.
Yiba nokholo umthembe njalo.
Thandaza nsuku zonke.
2. Thandaza kuJah, ubong’ uk’phila.
Cela ukuthethelelwa nguye.
Mas’vume izono kuJehova,
Ngoba uyasazi siluthuli.
Thandaza nsuku zonke.
3. Thandaza kuJah uma kunzima.
UnguBaba wethu oseduze.
Fun’ is’qondiso nosizo lwakhe.
Methembe ngaso sonke is’khathi.
Thandaza nsuku zonke.
(Bheka noMath. 6:9-13; 26:41; Luka 18:1.)