Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 70

“Niqiniseke Ngezinto Ezibaluleke Kakhulu”

“Niqiniseke Ngezinto Ezibaluleke Kakhulu”

(Filipi 1:10)

1. Sikhulu is’dingo sokuqonda,

Sazi okuy’qiniso,

Sazi lokh’ okubalulekile,

Nokumelwe sikwenze.

Thand’ okuhle; Zond’ okubi.

Jabulisa Inhliziyo kaBaba.

Thandaza;

Utadishe.

Lezinto zibalulekile.

2. Akukho okubalulekile

Kunokushumayela.

Sithol’ izimvu ez’lahlekile,

Sizibonis’ indlela.

Kufanele

Bezwe bonke.

Sibonise Abantu uthando, sibasize

Bakhululwe!

Uk’shumayela kusemqoka.

3. Uma senz’ okubalulekile,

Ukholo l’yos’vikela.

Siyoba nokuthula kwengqondo,

Silondoloz’ ithemba.

Siyothola Abangane;

Sithandane.

Yeka iz’busiso zokufunda,

Nokuqonda,

Nokwenz’ okubalulekile!