Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INgoma 88

Abantwana Bayifa Elivela KuNkulunkulu

Abantwana Bayifa Elivela KuNkulunkulu

(IHubo 127:3-5)

1. Lapho indoda nomkayo

Bethola ingane ethi bona,

Kumelwe bakhumbule njalo

Ukuthi bay’phathisiwe.

Le sipho ngesikaJehova;

UMthombo wokuphil’ onothando.

Ubanika iziqondiso

Ukuze bay’khulise kahle.

(CHORUS)

Niphiwe if’ eliyigugu;

Eliwuk’ phila komuntu.

Ningafez’ okuhle kakhulu;

Niy’fundise ngoJehova.

2. Wonk’ amazwi kaJehova—

Wagcine enhliziyweni yakho.

Wafundis’ izingane zakho;

Lona umsebenzi wakho.

Khuluma nazo endleleni,

Laph’ uvuka nalapho ulala.

Ziyohlale ziwakhumbula.

Ziyothembeka, zibusiswe.

(CHORUS)

Niphiwe if’ eliyigugu;

Eliwuk’ phila komuntu.

Ningafez’ okuhle kakhulu;

Niy’fundise ngoJehova.