INgoma 79
Amandla Omusa
1. Siyajabula ngokwazi uJah.
EZwin’ lakhe s’funda
Ukuthi nom’ enamandla onke,
Ubonis’ um’sa wothando.
2. UKrist’ umema abakhathele.
Bonk’ abasindwayo,
Mabathathe ijoka lomusa.
Linikeza impumuzo.
3. Masihlakulel’ izimfanelo
Z’ka Kristu noYise.
Ngazo zonke iz’khathi sifuna
Uk’lingis’ umusa wabo.
(Bheka noMika 6:8; Math. 11:28-30; Kol. 3:12; 1 Pet. 2:3.)