Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Mmemezeli WoMbuso Othandekayo:

Ake uzicabange ungomunye wabaphostoli umi eNtabeni Yeminqumo. Nangu uJesu emi phambi kwakho. Njengoba esezokhuphukela ezulwini, uthi: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, nizoba ofakazi bami eJerusalema, kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Ubuyokwenzenjani?

Mhlawumbe ubuyozwa sengathi isabelo sikhulu ukuba ungasithwala. Ubungacabanga, ‘Singabunikeza kanjani ubufakazi—thina dlanzana labafundi—‘ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba’?’ Ungacabanga ngesixwayiso uJesu asinikeza ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe: “Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma mina bengishushisile, bayonishushisa nani; uma beligcinile izwi lami, bayoligcina nelenu. Kodwa bayokwenza zonke lezi zinto kini ngenxa yegama lami, ngoba abamazi Lowo ongithumile.” (Joh. 15:20, 21) Ucabanga ngalawo mazwi, ungase uzibuze, ‘Ngingabunikeza kanjani ubufakazi obuphelele ngibhekene nokuphikiswa noshushiso olungaka?’

Namuhla sisesimweni esifanayo. Ukuthunywa kwethu nathi njengoFakazi BakaJehova kudinga sinikeze ubufakazi obuphelele ‘ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba,’ ‘kubantu bazo zonke izizwe.’ (Math. 28:19, 20) Ungafezwa kanjani lo msebenzi, ikakhulukazi uma abantu besiphikisa njengoba kwabikezelwa?

IzEnzo ZabaPhostoli zinezindaba ezivusa amadlingozi zendlela uJehova asiza ngayo abaphostoli namaKristu ekhulu lokuqala ukuze bafeze umsebenzi wokushumayela. Le ncwadi oyifundayo manje iklanyelwe ukukusiza uhlole lokho futhi uzwe injabulo ebangelwa izenzakalo ezijabulisayo ezikuyo. Uzomangala ukuthi kanti kunokufana okungaka phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu zangekhulu lokuqala nabantu bakhe namuhla. Uzobona ukuthi lokhu kufana akuhlanganisi umsebenzi esiwenzayo nje kuphela, kodwa nendlela esihlelelwe ngayo ukwenza lowo msebenzi. Ukucabanga ngalokhu kufana, ngokungangabazeki kuzoqinisa ukukholelwa kwakho ukuthi uJehova uNkulunkulu uyaqhubeka eqondisa ingxenye esemhlabeni yenhlangano yakhe.

Sinethemba futhi sithandazela ukuthi ukuhlola incwadi yezEnzo kuqinise ukuthembela kwakho ekutheni uJehova uzokusiza nokuthi amandla omoya wakhe ongcwele azokusekela. Kwangathi ungakhuthazeka ukuba uqhubeke ‘unikeza ubufakazi obuphelele’ ngoMbuso kaNkulunkulu futhi usize abanye bangene endleleni eholela ekuphileni okuphakade.—IzE. 28:23; 1 Thim. 4:16.

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova