Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 1

UMdali Unikeza Umuntu IPharadesi

UMdali Unikeza Umuntu IPharadesi

UNkulunkulu udala amazulu nomhlaba nezinto eziphilayo emhlabeni; udala indoda nowesifazane abaphelele, ababeke ensimini enhle, bese ebanika imiyalo ukuba bayilalele

“EKUQALENI uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) La mazwi aye achazwa ngokuthi ayisethulo esidume kunazo zonke ezake zalotshwa. Ngala mazwi alula namnandi, iBhayibheli lisethula kuMuntu obaluleke kakhulu kuyo yonke imiBhalo Engcwele—uNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova. Ivesi lokuqala leBhayibheli lembula ukuthi uNkulunkulu unguMdali wendawo yonke, kuhlanganise nomhlaba esihlala kuwo. Amavesi alandelayo achaza ngokulandelana kwezinkathi, ezifanekiselwa yizinsuku, uNkulunkulu asilungiselela ngazo ikhaya lethu elingumhlaba, enza ukuba kube khona zonke lezi zimangaliso ezisemhlabeni wethu.

Umuntu uyisidalwa esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asidala emhlabeni. Manje kwase kunesidalwa esenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu—esikwazi ukubonakalisa izimfanelo zikaJehova uqobo, ezinjengothando nokuhlakanipha. UNkulunkulu wenza umuntu ngothuli lomhlabathi. Wametha ngokuthi ngu-Adamu, wayesembeka epharadesi—ensimini yase-Edene. UNkulunkulu ngokwakhe owayitshala leyo nsimu, wayigcwalisa ngemithi emihle enezithelo.

UNkulunkulu wabona isidingo sokuba umuntu abe nomlingane womshado. Esebenzisa ubambo luka-Adamu, uNkulunkulu wenza owesifazane wayesemyisa kumuntu ukuba abe ngumkakhe, kamuva wabizwa ngokuthi u-Eva. Echichima injabulo, u-Adamu wahaya inkondlo ethi: “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” UNkulunkulu wabe esechaza: “Yingakho indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.”—Genesise 2:22-24; 3:20.

UNkulunkulu wanika u-Adamu no-Eva imiyalo emibili. Okokuqala, wabatshela ukuba balime futhi banakekele ikhaya labo elingumhlaba, ekugcineni baligcwalise ngenzalo yabo. Okwesibili, wabatshela ukuthi bangasidli isithelo somuthi owodwa vo kulowo dedangendlale wensimu, ‘umuthi wolwazi lokuhle nokubi.’ (Genesise 2:17) Uma bengalaleli babeyokufa. Ngaleyo miyalo, uNkulunkulu wanika indoda nowesifazane indlela yokubonisa ukuthi bayamemukela yini njengoMbusi wabo. Ukulalela kwabo kwakuyophinde kubonise uthando lwabo nokwazisa. Babenazo zonke izizathu zokwamukela lokhu kubusa okunomusa. Labo bantu babephelele bengenasisihla. IBhayibheli liyasitshela: “UNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:31.

—Isekelwe kuGenesise isahluko 1 no-2.