Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 2

IPharadesi Liyalahleka

IPharadesi Liyalahleka

Ingelosi eyisihlubuki yenza indoda nowesifazane wokuqala, u-Adamu no-Eva, ukuba benqabe ukubusa kukaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, isono nokufa kungena ezweni

ESIKHATHINI eside ngaphambi kokuba uNkulunkulu adale abantu, wadala izidalwa eziningi ezingumoya—izingelosi. E-Edene, ingelosi eyisihlubuki, eyabe seyaziwa ngokuthi uSathane uDeveli, yazama ngobuqili ukulinga u-Eva ukuba adle isithelo esasisemthini uNkulunkulu ayewenqabele.

Ekhulumisa inyoka, uSathane wasikisela ukuthi uNkulunkulu wayegodlela le ndoda nowesifazane okuthile okufiselekayo. Le ngelosi yatshela u-Eva ukuthi yena nomyeni wakhe babengeke bafe uma bedla leso sithelo esasenqatshelwe. Ngokusho kanjalo, uSathane wayesola uNkulunkulu ngokuqamba amanga ezinganeni zaKhe ezingabantu. Lo Mkhohlisi waveza ukungamlaleli uNkulunkulu njengokuyinkambo enhle eyayizobenza bahlakaniphe futhi bakhululeke. Kodwa lokhu kwakungamanga aluhlaza cwe—empeleni kwakungamanga okuqala ngqá ake akhulunywa emhlabeni. Iphuzu eliyinhloko kule ndaba lalihilela ubukhosi bukaNkulunkulu noma ukubusa okuphakeme—ukuthi uNkulunkulu unalo yini igunya lokubusa nokuthi ulisebenzisa kahle yini ngendlela eyozuzisa izikhonzi zakhe.

U-Eva wawakholwa la manga kaSathane. Waqala ukusinxanela lesi sithelo, wayesesidla. Kamuva wanika nomyeni wakhe, naye wasidla. Base beba yizoni. Leso senzo esasibonakala sisincane empeleni sasiwukuvukela. Ngokukhetha ukungawulaleli ngamabomu umyalo kaNkulunkulu, u-Adamu no-Eva bakwenqaba ukubusa koMdali, owayebanike konke, kuhlanganise nokuphila okuphelele.

Inzalo “iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.”Genesise 3:15

UNkulunkulu wazahlulela lezi zihlubuki ngenxa yezenzo zazo. Wabikezela ukuza kweMbewu ethenjisiwe, noma uMkhululi, eyayiyobhubhisa uSathane, njengoba emelelwa yinyoka. UNkulunkulu akababulalanga ngaso leso sikhathi o-Adamu no-Eva, ebonisa umusa ezinganeni zabo ezazingakazalwa. Lezo zingane zaziyoba nesisekelo sethemba ngoba Lowo uNkulunkulu ayezomthuma wayezoqeda imiphumela edabukisayo yalokho kuhlubuka kwase-Edene. Ukuthi injongo kaNkulunkulu ngalo Msindisi ozayo yayiyogcwaliseka kanjani—nokuthi wayeyoba ubani Lowo othunyiwe—kwavela kancane kancane njengoba ukulotshwa kweBhayibheli kwakuqhubeka.

UNkulunkulu wabaxosha o-Adamu no-Eva ePharadesi. Kwase kuzodingeka bafukuze futhi bakhandleke ukuze balime inhlabathi engaphandle kwe-Edene. U-Eva wakhulelwa wazala uKhayini, izibulo lika-Adamu no-Eva. Baba namanye amadodana namadodakazi, kuhlanganise u-Abela noSeti, ukhokho kaNowa.

—Isekelwe kuGenesise izahluko 3 kuya ku-5; IsAmbulo 12:9.