Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 16

UMesiya Uyafika

UMesiya Uyafika

UJehova ubonisa ukuthi uJesu waseNazaretha nguye uMesiya owayekade athenjiswa

INGABE uJehova wayeyobasiza abantu ukuba babone uMesiya owayethenjisiwe? Yebo. Cabanga ngalokho uNkulunkulu akwenza. Kwase kuphele iminyaka engaba ngu-400 imiBhalo YesiHebheru ilotshiwe. Emzini obizwa ngokuthi iNazaretha, esifundeni esisenyakatho yeGalile, intombi egama layo linguMariya yavakashelwa umuntu eyayingamlindele neze. Ingelosi ebizwa ngokuthi uGabriyeli yeza kuye yamtshela ukuthi uNkulunkulu wayezosebenzisa amandla akhe, umoya wakhe ongcwele, amenze ukuba azale indodana, nakuba ayengakaze alale nomuntu wesilisa. Le ndodana yayiyoba iNkosi okwakukade yathenjiswa, eyayiyobusa kuze kube phakade! Le ngane yayiyoba iNdodana kaNkulunkulu uqobo, leyo uNkulunkulu ayezodlulisela ukuphila kwayo esibelethweni sikaMariya kuvela ezulwini.

UMariya wasamukela ngokuthobeka lesi sabelo esikhethekile. Insizwa eyayimthembise umshado, umbazi ogama lakhe nguJosefa, yamshada ngemva kokuba uNkulunkulu ethumele ingelosi ukuba imtshele ukuthi kungani uMariya ayekhulelwe. Kodwa kuthiwani ngesiprofetho esasithi uMesiya wayeyozalelwa eBhetlehema? (Mika 5:2) Lowo muzi wawuqhele ngamakhilomitha angaba ngu-140!

Umbusi waseRoma wakhipha umyalo wokuba kubalwe abantu. Abantu kwakudingeka babhalise emizini abazalelwa kuyo. Kubonakala sengathi bobabili uJosefa noMariya babevela eBhetlehema, ngakho uJosefa wathatha umkakhe owayekhulelwe waya khona. (Luka 2:3) UMariya wabelethela esitebeleni, wabeka umntwana emkhombeni. UNkulunkulu wathumela izingelosi eziningi ukuba zitshele abelusi ababesezinkalweni ukuthi lo mntwana owayesanda kuzalwa kwakunguyena Mesiya othenjisiwe, noma uKristu.

Kamuva, nabanye babezokufakazela ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe. Umprofethi u-Isaya wayebikezele ukuthi kwakuyoba khona owayeyolungiselela uMesiya indlela yokwenza umsebenzi obalulekile. (Isaya 40:3) Lowo manduleli kwakunguJohane uMbhapathizi. Lapho ebona indoda enguJesu, wathi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!” Abanye babafundi bakaJohane bamlandela ngokushesha uJesu. Omunye wabo wathi: “Simtholile uMesiya.”Johane 1:29, 36, 41.

Kwaba khona obunye ubufakazi. Ngesikhathi uJohane ebhapathiza uJesu, uJehova ngokwakhe wakhuluma esezulwini. Ngomoya ongcwele wagcoba uJesu waba uMesiya, wayesethi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:16, 17) Wayesefikile uMesiya okwakukade athenjiswa!

Kwenzeka nini lokhu? Ngonyaka ka-29 C.E., khona kanye ngemva kweminyaka engu-483 eyayibikezelwe uDaniyeli. Yebo, lokhu kuyingxenye yobufakazi obumangalisayo bokuthi uJesu unguMesiya noma uKristu. Nokho, yimuphi umyalezo ayezowumemezela ngesikhathi esemhlabeni?

—Isekelwe kuMathewu izahluko 1 kuya ku-3; uMarku isahluko 1; uLuka isahluko 2; uJohane isahluko 1.