Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 18

UJesu Wenza Izimangaliso

UJesu Wenza Izimangaliso

Ngezimangaliso zakhe, uJesu ubonisa indlela azosebenzisa ngayo amandla akhe njengeNkosi

UNKULUNKULU wanika uJesu amandla okwenza izinto abanye abantu ababengakwazi ukuzenza. UJesu wenza izimangaliso eziningi kakhulu—ngokuvamile ezenza phambi kwezixuku. Lezo zimangaliso zabonisa ukuthi uJesu unamandla ngaphezu kwezitha nezithiyo abantu abangaphelele abangakaze bakwazi ukuzinqoba ngokuphelele. Cabangela ezinye izibonelo.

Indlala. Isimangaliso sikaJesu sokuqala kwaba ukushintsha amanzi aba yiwayini elimnandi. Kwezinye izikhathi ezimbili wasuthisa izinkulungwane zezixuku ezazilambile ngezinkwa nezinhlanzi ezimbalwa. Kuzo zombili lezo zenzakalo, kwaba nokudla okungaphezu kokwanele.

Ukugula. UJesu welapha abantu ababenayo “yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.” (Mathewu 4:23) Welapha izimpumputhe, izithulu, abanochoko nabanesithuthwane. Welapha nezinyonga, abakhubazekile nabagogekile. Alukho uhlobo lwesifo ayengakwazi ukulwelapha.

Isimo sezulu esiyingozi. Lapho uJesu nabafundi bakhe behamba oLwandle LwaseGalile, kwasuka isiphepho esinamandla. Abafundi besaba kakhulu. UJesu wavele wasibuka isiphepho wayesethi: “Shh! Thula!” Kwaba nokuzola okukhulu. (Marku 4:37-39) Kwesinye isenzakalo, wahamba phezu kwamanzi kube kunesiphepho esesabisayo.Mathewu 14:24-33.

Imimoya emibi. Imimoya emibi inamandla kakhulu kunabantu. Abantu abaningi behlulekile ukugqashula kulezi zitha zikaNkulunkulu ezinesihluku. Noma kunjalo, lapho uJesu eyitshela ngokuphindaphindiwe leyo mimoya ukuba iphume kubantu yayiyeka ukubahlupha. Wayengayesabi. Kunalokho, le mimoya yayilazi igunya ayenalo futhi yayimesaba.

Ukufa. Ukufa, okubizwa kufanele ngokuthi ‘isitha sokugcina,’ kuyisitha okungekho muntu ongakwazi ukusinqoba. (1 Korinte 15:26) Noma kunjalo, uJesu wavusa abafileyo, wabuyisela insizwa kunina owayengumfelokazi, nentombazanyana ethile wayibuyisela kubazali bayo ababedabukile. Esenzakalweni esiphawuleka ngokukhethekile, uJesu wavusa umngane wakhe ayemthanda uLazaru phambi kwesixuku sababelila, yize ayesenezinsuku ezicishe zibe zine efile! Ngisho nezitha zikaJesu ezazifuna ukumbulala zavuma ukuthi wayesenzile lesi simangaliso.Johane 11:38-48; 12:9-11.

Wayezenzelani uJesu zonke lezo zimangaliso? Ingani bonke labo bantu ayebasizile baphinde bafa? Yebo bafa, kodwa izimangaliso azenza zafeza okuhle. Zafakazela ukuthi zonke iziprofetho ezijabulisayo eziphathelene nokubusa kweNkosi enguMesiya zazinesisekelo. Asikho isidingo sokungabaza ukuthi iNkosi ebekwe uNkulunkulu ingaqeda indlala, ukugula, isimo sezulu esiyingozi, imimoya emibi nokufa uqobo. Isibonisile kakade ukuthi uNkulunkulu uyinikezile amandla okukwenza lokho.

Isekelwe encwadini kaMathewu, uMarku, uLuka nekaJohane.